Ubani Okhulumayo?
KUVULEKA isihenqo kuvela umdlali nonodoli wakhe. Njengoba benza amahlaya, unodoli kubonakala sengathi uyaphila, ukhuluma ngezwi lawo futhi unobuntu bawo. Empeleni ngumdlali—umdlalisi wonodoli—“okhulumisa” unodoli, eqaphela ukuba angazinyakazisi ezakhe izindebe lapho enza kanjalo.
Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngalolu hlobo lubuciko olungavamile? I-Phaphama! yaxoxa noNacho Estrada, oseneminyaka engu-18 engumdlalisi wonodoli onguchwepheshe.
Yiziphi izinhlobo ezihlukahlukene zokukhuluma unganyakazisi izindebe?
Kulokho okubizwa ngokuthi ukukhulumela eduze unganyakazisi izindebe, izwi lomdlali lizwakala livela eduze, njengakunodoli amgonile. Kulokhu okukude, izwi lomdlali lizwakala sengathi livela kude. Umdlali angase alinciphise izwi lakhe ukuze lizwakale sengathi livela endaweni evalekile—mhlawumbe ebhokisini elivalekile. Abanye abadlalisi bonodoli bangalingisa imisindo, enjengokukhala kwesilwane noma ukukhala kwengane. Futhi abazinyakazisi izindebe lapho benza lokhu.
Umdlalisi wonodoli onekhono uyakholisa ngempela. Omunye kuthiwa wakhala ngezwi eliphansi ecela usizo lapho kudlula ikalishi elinotshani obomisiwe. Abantu balimisa ikalishi futhi badiliza utshani, belindele ukuthola isisulu ngaphansi! Kwakungekho muntu.
Ukukhuluma unganyakazisi izindebe kuye kwathuthukiswa kanjani phakathi neminyaka?
Kukholelwa ukuthi eminyakeni eminingi edlule ukukhuluma unganyakazisi izindebe kwakusetshenziselwa ukukhohlisa abantu abakholelwa ezeni ukuze bakholelwe ukuthi babexhumana nabafile. Ngokuhamba kwesikhathi, ukukhuluma unganyakazisi izindebe kwaba nje ikhono lomuntu. Ngemva kwalokho kwathola indawo ehloniphekile kwezokuzilibazisa, futhi namuhla ngezinye izikhathi kusetshenziselwa izinjongo zemfundo.
Phakathi namakhulu eminyaka kuye kwasetshenziswa izindlela ezihlukahlukene zokuhlekisa izibukeli futhi kwavezwa amakhono angavamile abadlalisi bonodoli. Ngekhulu lama-20, kwaba yinto evamile ukuba umdlalisi wonodoli axoxe nonodoli wokhuni.
Yini eyakwenza waba nesithakazelo ekukhulumeni unganyakazisi izindebe?
Ngachazwa ukuthi kwenza abantu bajabule futhi bahleke. Lapho ngisengumfana, umthengisi othile wavusa isithakazelo sami kuleli khono ngokuchaza ukuthi igama elithi “ventriloquist” (umdlalisi wonodoli) lisuselwa egameni lesiLatini elithi venter nelithi loqui, asho “ukukhuluma ngesisu” noma “ukukhipha izwi esiswini.” Lokhu kungenxa yokuthi ekuqaleni kwakucatshangwa ukuthi ukukhuluma unganyakazisi izindebe kubangelwa ukusebenzisa isisu ngendlela eyinqaba. Wabe esengibonisa ezinye zezinto eziyinhloko.
Ngakusasa ngakuzama esikoleni. Ngisebenzisa isu lezwi elikude, ngenza izwi lami lazwakala sengathi livela embhobhweni, lingibiza ukuba ngiphume ekilasini. Kwaphumelela! Kamuva ngafunda ngeposi okwengeziwe ngokukhuluma unganyakazisi izindebe ngabe sengikwenza umsebenzi wami.
Uhilelani umsebenzi wakho njengomdlalisi wonodoli?
Nakuba ngezikhathi ezithile ngiye ngadlala emadilini nasemihlanganweni yabadlalisi bonodoli futhi ngiye ngavela nakuthelevishini izikhathi ezimbalwa, isikhathi esiningi ngisichitha ngifundisa izingane emibuthanweni yesikole. Ukuhleka kuyinto ebalulekile kulo mbukiso. Ngokwesibonelo, ohlelweni olwalukhuluma ngokuhlanzeka, ngatshela uMaclovio, unodoli wami wokhuni, ukuthi ngenxa yokuthi wayengaxubhanga, ngangibona ukuthi wayedle amaqanda ekuseni ngalelo langa. UMaclovio waphendula, “Unamanga—ngiwadle izolo!”
Kwenzeka kanjani ukuba ukhulume ungazinyakazisi izindebe?
Ngokuvamile kuthiwa umdlalisi wonodoli ukhohlisa ngezwi. Sibeka ulimi ngendlela ethile ekhethekile ukuze sikhiphe imisindo yezinhlamvu ezidinga ukunyakazisa izindebe, futhi ikhono lokuphefumula ngesisu linikeza umbono ongewona ngebanga okulo uma ukhuluma.
Ukukhuluma ungazinyakazisi izindebe kuyasebenza ngoba abantu abaningi abaziqeqeshanga izindlebe zabo ukuba zizwe ukuthi umsindo uvela kuphi futhi kude kangakanani. Badinga usizo lwamehlo abo. Ngokwesibonelo: Uma kukhala inhlabamkhosi, izindlebe zakho zikutshela ukuthi kuza imoto yezimo eziphuthumayo nokuthi iza kude. Kodwa ikude kangakanani leyo moto? Ivela ngakuphi? Ukuze uphendule le mibuzo, ngokunokwenzeka kuyodingeka ufune izibani zale moto.
Umdlalisi wonodoli usizakala ngalokhu abese ekhipha umsindo ngezwi elifanele futhi enze izibukeli zibheke umthombo afuna zicabange ukuthi umsindo uvela kuwo.
Yikuphi ukusikisela ongakunikeza umuntu onesithakazelo sokufunda ikhono lokukhuluma enganyakazisi izindebe?
Okokuqala, yazi injongo yakho, futhi uzimisele ukugwema noma yini ephikisana nayo. Lokhu ngikusho ngoba njengezinye izinhlobo eziningi zokuzijabulisa, ukukhuluma unganyakazisi izindebe ngezinye izikhathi kusetshenziselwa izinjongo ezingezinhle. Mina, ngikuthanda ngenxa yokuthi kukhulisa uthando nenjabulo. Ngigcina ngokukwenza ezingxoxweni nasezenzakalweni ezifeza leyo njongo.
Ukuze uphumelele ekukhulumeni unganyakazisi izindebe, udinga izinto ezintathu—isu, ikhono lokubona izinto ngeso lengqondo nokuprakthiza. Isu ungalifunda ngencwadi noma nge-video efundisa ukuthi kwenziwa kanjani. Okulandelayo, sebenzisa ikhono lakho lokubona izinto ngeso lengqondo ukuze wenze unodoli wakho abe nobuntu obungokoqobo, futhi ufunde ukumenza aphile. Okokugcina, prakthiza. Izinga oprakthiza ngalo yilo elizonquma ukuthi uzoba nekhono kangakanani.