Ukusuka Esikhunjeni Esiphaphathekile Kuya Kwesinsundu—Imibono Eshintshayo Ngesikhumba
UMBONA ngani umuntu ophile kahle? Kubantu abaningi eYurophu naseNyakatho Melika, umzimba obukeka kahle onombala oshintshwé waba nsundu yiwona obonisa ukuthi umuntu uphila kahle. Kodwa bekungenjalo ngaso sonke isikhathi. Eminyakeni eminingi edlule, abesifazane eYurophu babefaka izigqoko zelanga eziwumhelane baphathe nezambulela ukuze bazivikele elangeni. Isikhumba esiphaphathekile sasibhekwa njengophawu lokuthi umuntu ukhomba ngophakathi. Kanti esinsundu sasiwuphawu lokuthi umuntu usebenza ngaphandle.
Ezikhathini zamandulo, kwakugcotshwa imithi manje okuthiwa inobuthi ukuze kushintshwe isikhumba sibe mhlophe. Ngokwesibonelo, emuva lé ngawo-400 B.C.E., amaGreki ayegcoba uphawuda wobuso onobuthi i-lead carbonate ukuze enze isikhumba sawo sibe mhlophe. UPoppaea Sabina, inkosikazi yombusi waseRoma uNero, wayegcoba wona lo phawuda onobuthi ukuze enze isikhumba sakhe sibe mhlophe. Ngekhulu le-16, abesifazane abathile base-Italy babegcoba ikhemikhali enobuthi i-arsenic ukuze benze ubuso babo bukhanye. Kodwa kusukela ekuqaleni kwawo-1920 lapho umklami wezingubo zokugqoka waseFrance uCoco Chanel afaka khona isasasa lokushintsha umbala wesikhumba uwenze ube nsundu ngokuzichaya elangeni, abantu abaningi sebekubheka njengokuyimfashini ukuba nesikhumba esinsundu. Abantu bachitha amahora amaningi bethamele ilanga.
Nokho, akubona bonke abantu abathanda ukuhlala ngaphandle abafisa ukuba nesikhumba esinsundu. Akukho nje egazini labo ukuzichaya elangeni. Bakuthanda impela ukuchitha usuku behleli ngaphandle esimweni sezulu esithokomele futhi beshaywa umoya opholile kodwa abakuthandi neze ukushintsha kwesikhumba sibe nsundu okuwumphumela wokushiswa imisebe yelanga. Kungani isikhumba sabo kudingeka sivikelwe elangeni?
[Isithombe ekhasini 3]
Abantu besebhishi ekuqaleni kwekhulu lama-20
[Umthombo]
Brown Brothers