Ingabe Saklanywa?
Isimiso Sovemvane Sokuthola Indlela
◼ Lusebenzisa ubuchopho obungangenhloko kakhanjana, uvemvane i-monarch luhamba amakhilomitha angaba ngu-3 000 lusuka eCanada luye esiqeshaneni sehlathi eMexico. Lolu vemvane luyithola kanjani indlela?
Cabanga ngalokhu: Izimvemvane okuthiwa ama-monarch zinekhampasi eqondiswa ilanga ekhomba lapho ilanga lingakhona. Kodwa kunokwengeziwe. Lezi zimvemvane zisebenzisa newashi lomzimba elinembile—isimiso somzimba esisekelwe osukwini olungamahora angu-24—ukuze zizivumelanise nokuhamba kwelanga. UDkt. Steven Reppert, oyisazi sokusebenza kwezinzwa zezinto eziphilayo, uthi lezi zimvemvane “zinendlela ehluke ngokuphelele yokusebenzisa leli washi lomzimba kunezinye izinambuzane nezilwane esezihloliwe kuze kube manje.”
Ukufunda okwengeziwe ngewashi lomzimba lalolu vemvane kungase kusize ososayensi bawaqonde ngokwengeziwe amawashi omzimba abantu nezilwane. Kungaholela nasezindleleni ezintsha zokwelapha izinkinga zezinzwa. UReppert uthi: “Ngifuna ukuqonda ukuthi ubuchopho bukuhlobanisa kanjani ukwaziswa okuphathelene nesikhathi nendawo, futhi lolu vemvane luyisibonelo esiphawulekayo.”
Wena ucabangani? Ingabe isimiso sovemvane esiyinkimbinkimbi sokuthola indlela savela ngengozi? Noma ingabe sifakazela ukuthi kunoMklami ohlakaniphile?
[Umdwebo/Ibalazwe ekhasini 10]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Uvemvane i-“monarch” luhamba amakhilomitha angaba ngu-3 000 lusuka eCanada luye esiqeshaneni sehlathi eMexico
[Ibalazwe]
CANADA
UNITED STATES OF AMERICA
MEXICO
MEXICO CITY
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Background: © Fritz Poelking/age fotostock