Ingabe Laklanywa?
Igobolondo Lomnenke I-clusterwink
● Izilwane eziningi zasolwandle ziyakwazi ukukhanyisa. Umnenke i-clusterwink usebenzisa leli khono ngendlela ekhethekile. Uma usongelwa inkalankala efuna ukuwudla, lo mnenke uzifihla egobolondweni lawo bese “ukhanyisa,” ukhiphe ukukhanya okubanizayo okwethusa inkalankala bese ibaleka. Kodwa ukukhanya kuphumela kanjani ngaphandle kwegobolondo lomnenke?
Cabanga ngalokhu: Kunokuba livimbe ukukhanya kungadluli, igobolondo le-clusterwink liyakusabalalisa. UDimitri Deheyn noNerida Wilson, ososayensi baseScripps Institution of Oceanography eSan Diego, eCalifornia, e-U.S.A., bathola ukuthi ukukhanya okwenziwa yilo mnenke kusabalala ngesilinganiso esifanayo kulo lonke igobolondo, kanti leli gobolondo lisabalalisa ukukhanya kangcono izikhathi eziphindwe kayishumi uma kuqhathaniswa nezinto ezenziwe abantu ezinogqinsi olulinganayo (oluyimilimitha elingu-0,5). Ngesikhathi esifanayo, ikhono laleli gobolondo lokukhanyisa indawo ezungezile linamandla aphindwe izikhathi ezingu-8 uma liqhathaniswa nezibani ezenziwe umuntu. Kuyamangaza ukuthi leli khono elingavamile lokusabalalisa noma ukukhipha ukukhanya alikho emagobolondweni eminye iminenke yasolwandle engakhanyisi ehlobene nalo. Lokhu akuvelanga nje kwaqondana, lokhu kukhanya kunombala okuyiwo okwazi ukuhamba ibanga elide emanzini asolwandle.
UDkt. Deheyn uthi ukufunda nge-clusterwink “kungaba okubalulekile ekwakheni izinto ezikhanyisa kangcono.” Umkhakha we-biophotonics, osebenzisa ukukhanya ukuhlonza izinkinga zempilo nokuzelapha, nawo usethubeni lokuhlomula kulolu cwaningo. Kanti futhi kule nkathi yanamuhla yama-diode akhanyisayo, akungabazeki ukuthi izinto zokusabalalisa ukukhanya ezikwazi ukukhulisa ukukhanya kwezibani ezincane kuzoba nomthelela ekongiweni kwamandla kagesi.
Ucabangani? Ingabe igobolondo le-clusterwink laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?
[Isithombe ekhasini 18]
Isithombe esikhulisiwe segobolondo uma kunokukhanya okuvamile
[Isithombe ekhasini 18]
Isithombe esikhulisiwe segobolondo esibonisa ukukhanya okungaphakathi
[Imithombo Yesithombe ekhasini 18]
Left: www.robastra.com; center and right: Courtesy of Dr. D. Deheyn, Scripps Institution of Oceanography, UC San Diego