Isihlanzo
Incazelo: “Ngokwemfundiso yeSonto [lamaRoma Katolika], ubunjalo, indawo, noma isimo ezweni elizayo . . . lapho imiphefumulo yalabo abafa besemuseni, kodwa bengakakhululwa kukho konke ukungapheleli, benz inhlawulelo yokuthethelelwa izono ezincane ezingakathethelelwa noma yokujeziswa kwesikhashana ngezono ezincane nezokufa esezithethelelwe kakade, bese kuthi ngokwenza kanjalo, bahlanzwe ngaphambi kokungena ezulwini.” (New Catholic Encyclopedia, 1967, Umq. XI, k. 1034) Akuyona imfundiso yeBhayibheli.
Isekelwephi imfundiso yesihlanzo?
Ngemva kokubukeza lokho ababhali bamaKatolika abaye bakusho ngokuqondene nemibhalo enjengo-2 Maccabees 12:39-45, Mathewu 12:32, neyoku-1 Korinte 3:10-15, iNew Catholic Encyclopedia (1967, Umq. XI, k. 1034) iyavuma: “Ekuhlaziyeni kokugcina, imfundiso yamaKatoiika yesihlanzo isekelwe esikweni, hhayi emBhalweni oNgcwele.”
“Isonto liye lathembela esikweni ukuba lisekele indawo ephakathi kwezulu nesihogo.”—U.S. Catholic, March 1981, k. 7.
Ngokuqondene nesimo sesihlanzo, abakhulumeli bamaKatolika bathini?
“Abaningi bacabanga ukuthi ukuhlupheka kwesihlanzo kukonke kufaniswa nokuqaphela ukuhlehliswa kwesikhashana kombono wokubusiswa, nakuba umbono ovamile uwukuthi, ngaphezu kwalokhu, kukhona ukujeziswa okuqondile . . . ESontweni lamaRoma ngokuvamile kuye kwabanjelelwa ekutheni lobuhlungu benziwa nomlilo ongokoqobo. Nokho, lokhu akudingekile enkolelweni yesihlanzo. Futhi akuqinisekwa ngakho. . . . Ngisho noma umuntu ekhetha ukwenqaba umqondo wokuhlushwa ngomlilo, kubefundisi baseMpumalanga, kumelwe aqaphele ukuba ngakususi konke ukuhlupheka esihlanzweni. Kusenokuhlupheka kwangempela, ubuhlungu, usizi, ukudabuka kukanembeza, nobunye ubuhlungu obungokomoya obukwazi ukwenza ubuhlungu bangempela emphefumulweni. . . . Nokho, umuntu kumelwe akhumbule ukuthi ekuhluphekeni kwayo lemiphefumulo futhi ithole injabulo enkulu ngokuqiniseka ngokusinda.”—New Catholic Encyclopedia (1967), Umq. XI, k. 1036, 1037.
“Ukuthi kwenzekani esihlanzweni akekho owaziyo.”—U.S. Catholic, March 1981, k. 9.
Ingabe umphefumulo uyasinda ekufeni komzimba?
Hez. 18:4: “Umphefumulo [ngesiHeberu, ne’phesh; “umuntu,” JB; “lowo,” NAB; “umphefumulo,” Kx] owonayo uyakufa.”
Jak. 5:20: “Obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.” (Omalukeke banezelwe.) (Phawula ukuthi lapha kukhulunywa ngokufa komphefumulo.)
Ukuze uthole imininingwane, bheka isihloko “Ukufa” nesithi “Umphefumulo.”
Ingabe ukujeziselwa isono okuqhubekayo kuyafaneleka ngemva kokufa komuntu?
Roma 6:7: “Ofileyo ukhululiwe esonweni.” (Kx: “Icala alisenamandla kumuntu ofileyo.”
Ingabe abafileyo bayakwazi ukuthola injabulo ngenxa yokuqiniseka ngethemba lokusindiswa?
UmSh. 9:5: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.”
Isaya 38:18: “Indawo yabafileyo ayikubongi [Jehova], nokufa akukudumisi; abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.” (Khona-ke bangakwazi kanjani “ukuthola injabulo ngokuqiniseka ukuthi bazosinda”?)
NgokweBhayibheli, ukuhlanzwa ezonweni kufezwa kanjani?
1 Joh. 1:7, 9: “Uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo [uNkulunkulu] esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. . . . Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi [“konke ukona kwethu kuyasuswa,” Kx]”
IsAm. 1:5: “UJesu Kristu . . . osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe.”