Imimoya Yabafile
Incazelo: Inkolelo yokuthi ingxenye yomuntu engumoya iyasinda ekufeni komzimba wenyama futhi ingakhuluma nabaphilayo, ngokuvamile ngosizo lomuntu osebenza njengombhuli. Abanye abantu bakholelwa ukuthi yonke into ekhona inemimoya ngaphakathi. Ubuthakathi buwukusetshenziswa kwamandla okuthiwa avela emimoyeni emibi. Zonke izinhlobo zemimoya yabafile ziyalahlwa eBhayibhelini.
Ingabe kungenzeka ngempela ngomuntu ukukhulumisana “nomoya” wothandekayo ongasekho?
UmSh. 9:5, 6, 10: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho, . . . Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile; futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga. Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo [ithuna], lapho uya khona.”
Hez. 18:4, 20: “Umphefumulo owonayo uyakufa.” (Ngakho umphefumulo awukhona okuthile okusindayo ekufeni komzimba okungathi kamuva abantu abaphilayo bakhulume nakho.)
IHu. 146:4: “Umoya wakhe uyaphuma, yena abuyele emhlabathini wakhe; ngalona lolosuku amacebo akhe ayaphela.” (Uma umoya kuthiwa ‘uyaphuma’ emzimbeni, lokhu kumane kungenye indlela yokuthi amandla okuphila ayekile ukusebenza. Ngakho-ke, ngemva kokufa komuntu, umoya wakhe awuphili njengomuntu ongabonakali ongase acabange futhi enze amacebo athile ngaphandle komzimba. Awukhona okuthile abaphilayo abangase bakhulume nakho ngemva kokufa komuntu.)
Bheka futhi amakhasi 276-278, ngaphansi kwesithi, “Ukufa.”
Ingabe iBhayibheli alibonisi yini ukuthi iNkosi uSawule yakhuluma nomprofethi uSamuweli ngemva kokufa kukaSamuweli?
Leyondaba itholakala kweyoku-1 Samuweli 28:3-20. Amavesi 13, 14 abonisa ukuthi uSawule akazange ambone uSamuweli kodwa ngokwencazelo ayinikezwa onedlozi waphetha ngokuthi wayebona uSamuweli. USawule wayefuna ngamnyama ukukholelwa ukuthi kwakunguSamuweli ngakho wazivumela ukuba akhohliswe. Ivesi 3 lithi uSamuweli wayesefile wangcwatshwa. Imibhalo ecashunwe esihlokwaneni esandulelayo yenza kukhanye ukuthi kwakungekho ngxenye kaSamuweli eyayiphila kwenye indawo futhi eyayingase ikwazi ukukhuluma noSawule. Izwi elalizenza elikaSamuweli kwakungelomkhohlisi.
Labo abazama ukukhuluma nabafileyo bakhuluma nobani ngempela?
Iqiniso ngesimo sabafileyo liphawulwe ngokukhanyayo eBhayibhelini. Kodwa ubani owazama ukukhohlisa abantu bokuqala ababili ngokufa? USathane waphikisa isixwayiso sikaNkulunkulu sokuthi ukungalaleli kwakuyoletha ukufa. (Gen. 3:4; IsAm. 12:9) Yebo, ngokuhamba kwesikhathi, kwaba sobala ukuthi abantu bafa njengoba uNkulunkulu ayeshilo. Khona-ke, ngokunengqondo, ubani owasungula umqondo wokuthi abantu abafi ngempela kodwa kunalokho ingxenye ethile yomuntu iyasinda lapho kufa umzimba? Ukukhohlisa okunjalo kufanelana noSathane uDeveli, lowo uJesu amchaza ‘njengoyise wamanga.’ (Joh. 8:44; bheka futhi eyesi-2 Thesalonika 2:9, 10.) Inkolelo yokuthi abafileyo bayaphila kwenye indawo nokuthi singakhulumisana nabo ayizange isizuzise isintu. Kunalokho, isAmbulo 18:23 sithi, ngokuthakatha kweBabiloni Elikhulu, “izizwe zonke zidukisiwe.” Umkhuba wemimoya ‘wokukhuluma nabafileyo’ eqinisweni uwukukhohlisa okusobala okungase kuhlanganise abantu namademoni (izingelosi ezaba izihlubuki ezinobugovu kuNkulunkulu) futhi ngokuvamile uholela ekubeni umuntu ezwe amazwi angathandeki nokuba ahlushwe imimoya emibi.
Ingabe ikhona ingozi ekufuneni ukuphulukiswa noma ukuvikelwa ngezindlela zemimoya?
Gal. 5:19-21: “Imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, . . . nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunjé abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (Ukuphendukela emimoyeni yabafileyo ngosizo kusho ukuthi umuntu uyawakholelwa amanga kaSathane ngokufa; ufuna iseluleko kubantu abazama ukuthola amandla kuSathane namademoni akhe. Umuntu onjalo ngaleyondlela uzihlanganisa nalabo abayizitha zikaJehova uNkulunkulu. Esikhundleni sokuba asizakale ngempela, noma ubani ophikelela ngenkambo enjalo uthola ukulimala kwaphakade.)
Luka 9:24: “Yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami [ngenxa yokuba ngumlandeli kaJesu Kristu] uyakukusindisa.” (Uma umuntu ngamabomu eqa imiyalo yeZwi likaNkulunkulu ebekwe ngokukhanyayo ngomzamo wokuvikela noma wokusindisa ukuphila kwakhe kwamanje, uyolahlekelwa yithemba lokuphila okuphakade. Yeka ubuwula!)
2 Kor. 11:14, 15: “USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga.” (Ngakho akumelwe sikhohliseke lapho ezinye zezinto ezenziwa ngezindlela zemimoya zibonakala ziphumelela okwesikhashana.)
Bheka futhi amakhasi 324-328, ngaphansi kwesithi “Ukuphulukisa.”
Ingabe kuwukuhlakanipha ukuphendukela ezindleleni zemimoya ukuze uzwe ngekusasa lakho noma ukuze uqiniseke ngokuphumelela emsebenzini othile?
Isaya 8:19: “Lapho bethi kini: Funani kwabanamadlozi nakubathakathi ababetha imilozi, banyenyeze—pho, abantu abayikufuna uNkulunkulu wabo yini?”
Lev. 19:31: “Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.”
2 AmaKh. 21:6: “[Inkosi uManase] wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.” (Imikhuba enjalo yemimoya eqinisweni yahilela ukuphendukela kuSathane namademoni akhe ngosizo. Akumangalisi ukuthi ‘kwakukubi emehlweni kaJehova,’ futhi wamjezisa kanzima uManase ngalokho. Kodwa lapho ephenduka eyeka lemikhuba emibi, wabusiswa nguJehova.)
Iyiphi ingozi engaba khona ngokudlala imidlalo ehilela uhlobo oluthile lokubhula noma ngokufuna incazelo yokuthile okubonakala kuyisibikezelo sokuhle?
Dut. 18:10-12: “Makungafunyanwa kuwe . . . umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi, noma owenza iziphonso, noma obhula emadlozini, noma umthakathi, noma umlozikazana. Ngokuba yilowo nalowo ozenza lezizinto uyisinengiso kuJehova.” (Ukubhula kuwukufuna ukwembula ulwazi olufihlekile noma ukubikezela izenzakalo, hhayi ngenxa yokucwaninga, kodwa ngokuchaza imihlola noma ngosizo lwamandla angaphezu kwawemvelo. UJehova wayenqabela imikhuba enjalo phakathi kwezinceku zakhe. Ngani? Yonke lemikhuba iwukuzifaka ekukhulumisaneni noma ekungenweni imimoya engcolile, noma amademoni. Ukuhileleka ezintweni ezinjalo kungaba ukungathembeki okukhulu ngakuJehova.)
IzE. 16:16-18: “Kwahlangana nathi intombazana enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.” (Ngokusobala, akekho othanda ukulunga ongaya konjalo umthombo wokwaziswa, kungakhathaliseki ekwenza ngokuzimisela noma edlala. UPawulu esekhathele ukumemeza kwayo, wayala ukuba umoya uphume kuyo.)
Ingabe imimoya emibi iyakwazi ukuba nesimo somuntu?
Ezinsukwini zikaNowa, izingelosi ezingalaleli zathatha isimo somuntu. Eqinisweni zashada, zaba ngoyise babantwana. (Gen. 6:1-4) Nokho, lapho uZamcolo ufika, lezozingelosi zaphoqeleleka ukuba zibuyele endaweni yomoya. Ngokuqondene nazo, uJuda 6 uthi: “Nezingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo, izigcinele ukulahlwa kosuku olukhulu ngezibopho ezimiyo phansi kobumnyama.” UNkulunkulu akazange nje kuphela azehlise emalungelweni azo angaphambili asezulwini wazifaka ebumnyameni ngokuqondene nezinjongo zikaJehova, kodwa izibopho zibhekisele ekutheni uye wazivimbela. Ezivimbelaphi? Ngokusobala, ezivimbela ekubeni zibe nemizimba yenyama ukuze zibe nobuhlobo nabesifazane, njengoba zazenzile ngaphambi kukaZamcolo. IBhayibheli libika ukuthi izingelosi ezithembekile, njengezithunywa zikaNkulunkulu, zaziziguqula lapho zenza imisebenzi yazo kwaze kwaba sekhulwini lokuqala C.E. Kodwa ngemva kukaZamcolo, lezozingelosi ezazisebenzise kabi izipho zazo zaphucwa amandla okuba sesimweni sabantu.
Nokho, kuyathakazelisa ukuthi amademoni ngokusobala angababangela abantu babone imibono, futhi abakubonayo kungase kubonakale kungokoqobo. Lapho uDeveli elinga uJesu, ngokusobala wasebenzisa izindlela ezinjalo ukuze abonise uJesu “imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo.”—Math. 4:8.
Umuntu angakhululeka kanjani ethonyeni lemimoya?
IzAga 18:10: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” (Lokhu akusho ukuthi ukusebenzisa igama likaNkulunkulu luqobo kusebenza njengentelezi yokuxosha ububi. “Igama” likaJehova limelele yena njengoMuntu. Siyavikeleka uma sifinyelela ekumazini futhi sithembele ngokugcwele kuye, sizithoba egunyeni lakhe futhi silalela imiyalo yakhe. Uma senza lokhu, khona-ke uma simbiza sicela usizo, sisebenzisa igama lakhe siqu, usinikeza isivikelo aye wasithembisa eZwini lakhe.)
Math. 6:9-13: “Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: . . . Ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi.” Kumelwe futhi “ekukhulekeni niqinisele njalo.” (Roma 12:12) (UNkulunkulu uyayizwa imithandazo enjalo evela kulabo abafisa ngempela ukwazi iqiniso nokumkhulekela ngendlela emthokozisayo.)
1 Kor. 10:21: “Ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni.” (Labo abafuna ubungane noJehova nesivikelo sakhe kumelwe bakhululeke kukho konke ukuhlanganyela emihlanganweni yemimoya. Ngokuvumelana nesibonelo esilotshwe kuzEnzo 19:19, kubalulekile futhi ukubhubhisa noma ukulahla ngokuphelele zonke izinto anazo umuntu ezihlobene nemimoya.)
Jak. 4:7: “Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela.” (Ukuze wenze lokhu, khuthalela ukufunda intando kaNkulunkulu nokuyisebenzisa ekuphileni kwakho. Njengoba uthando ngoNkulunkulu lukuqinisela ekubeni ungabesabi abantu, yenqaba ngokuqinile ukuhlanganyela kunoma imaphi amasiko ahlobene nemimoya noma ukulalela noma imiphi imithetho ebekwa osebenzelana nemimoya.)
Hloma “izikhali zonke zikaNkulunkulu” ezichazwe kweyabase-Efesu 6:10-18 futhi ushiseke ekuzigcineni zonke zisesimweni esihle.