Isahluko 2
Wadunyiswa Ngaphambi Kokuba Azalwe
NGEMVA kokuba ingelosi uGabriyeli isitshelé intombi enguMariya ukuthi izozala umntwana womfana ozoba yinkosi yaphakade, uMariya uyabuza: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, njengokuba ngingayazi-ndoda na?”
“UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho,” kuchaza uGabriyeli, “amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke okungcwele okuzozalwa kuzakuthiwa iNdodana kaNkulunkulu.”
Ukuze asize uMariya ukuba asikholelwe isigijimi sakhe, uGabriyeli uyaqhubeka: “Bheka, uElisabethe isihlobo sakho naye ukhulelwe indodana esemdala; lena ngeyesithupha yakhe obethiwa inyumba. Ngokuba akukho-lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”
UMariya uyalamukela izwi likaGabriyeli. Futhi usabela kanjani? “Bheka, ngiyincekukazi yeNkosi,” ebabaza. “Akube-kimi njengezwi lakho.”
Ngokushesha ngemva kokuhamba kukaGabriyeli, uMariya uyazilungiselela futhi uyovakashela uElisabethe, ohlala nomyeni wakhe, uZakariya, ezweni elinezintaba laseJudiya. Ukusuka kubo kaMariya eNazaretha, lolu uhambo olude mhlawumbe lwezinsuku ezintathu noma ezine.
Lapho uMariya ekugcineni efika endlini kaZakariya, uyangena futhi uyabingelela. Ngaso lesosikhathi, uElisabethe ugcwala umoya ongcwele, futhi uthi kuMariya: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho! Ngehlelwe kanjani yilokhu ukuba unina weNkosi yami ahambele kimi na? Ngokuba bheka, kuthé izwi lokubingelela kwakho lifika ezindlebeni zami, umntwana waxhuma esiswini sami ngokujabula.”
Lapho ezwa lokhu, uMariya usabela ngokubonga okusuka enhliziyweni: “Umphefumulo wami uyayitusa iNkosi, nomoya wami uyathokoza kuNkulunkulu, uMsindisi wami, ngokuba ubhekile ubuphansi bencekukazi yakhe. Bheka, kusukela manje izizukulwane ziyakuthi ngibusisiwe. Ngokuba uSomandla ungenzele izinto ezinkulu.” Nokho, naphezu komusa awuboniswayo, uMariya uqondisa lonke udumo kuNkulunkulu. “Igama lakhe lingcwele,” esho, “isihawu sakhe sikuzo izizukulwane ngezizukulwane kubo abamesabayo.”
UMariya uyaqhubeka edumisa uNkulunkulu ngengoma ephefumlelwe engokwesiprofetho, ememezela: “Wenzile amandla ngengalo yakhe; uchithile abazidlayo ekuzidleni kwenhliziyo yabo. Uwisile amakhosi ezihlalweni, uphakamisile abantukazana. Abalambileyo ubasuthisile ngezinto ezinhle, abacebileyo ubamukise-ze. Uyisizile inceku yakhe uIsrayeli, ukuze akhumbule isihawu, njengalokho akusho kokhokho bethu, kuAbrahama nenzalo yakhe kuze kube-phakade.”
UMariya uhlala noElisabethe cishe izinyanga ezintathu, futhi ngokungangabazeki uwusizo olukhulu phakathi nalamasonto okugcina okukhulelwa kukaElisabethe. Ngempela kuhle ukuthi laba besifazane ababili abathembekile, bobabili bekhulelwe ngosizo lukaNkulunkulu, babe ndawonye ngalesikhathi esibusisekile ekuphileni kwabo!
Ingabe uluqaphelile udumo oluboniswe uJesu ngisho nangaphambi kokuba azalwe? UElisabethe wambiza ngokuthi ‘iNkosi yami,’ futhi ingane yakhe engakazalwa yaxhuma ngokujabula lapho uMariya ebonakala okokuqala. Ngakolunye uhlangothi, kamuva abanye bamphatha ngokweyisa uMariya nengane yakhe eyayisazozalwa, njengoba sizobona. Luka 1:26-56.
▪ UGabriyeli uthini ukuze asize uMariya aqonde ukuthi uzokhulelwa kanjani?
▪ UJesu wadunyiswa kanjani ngaphambi kokuba azalwe?
▪ Uthini uMariya engomeni engokwesiprofetho edumisa uNkulunkulu?
▪ UMariya uhlala isikhathi esingakanani noElisabethe, futhi kungani kufaneleka ukuba uMariya ahlale noElisabethe phakathi nalesikhathi?