Isahluko 4
Ukhulelwe Kodwa Akashadile
UMARIYA sekuyinyanga yesithathu ekhulelwe. Uzokhumbula ukuthi wachitha ingxenye yokuqala yesikhathi sokukhulelwa kwakhe evakashele uElisabethe, kodwa manje usephindele ekhaya eNazaretha. Ngokushesha isimo sakhe sizokwaziwa uwonk’ uwonke endaweni yakubo. Ngempela, usesimweni esicindezelayo!
Okwenza lesimo sibe sibi kakhulu ukuthi uMariya usethembisene noJosefa umbazi ukuba abe umkakhe. Futhi uyazi ukuthi, ngaphansi komthetho kaNkulunkulu awunika uIsrayeli, owesifazane othembisene nendoda ethile kodwa oba nobuhlobo bobulili ngokuzithandela nenye indoda kumelwe akhandwe ngamatshe aze afe. Angakuchaza kanjani ukukhulelwa kwakhe kuJosefa?
Njengoba uMariya ubesehambe izinyanga ezintathu, singaqiniseka ukuthi uJosefa unelukuluku lokumbona. Lapho behlangana, cishe uMariya uyamxoxela ngalendaba. Kungenzeka ukuthi wenza konke okusemandleni akhe emchazela ukuthi ukhulelwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. Kodwa, njengoba ungacabanga, lena yinto okunzima kakhulu ukuba uJosefa ayikholelwe.
UJosefa uyalazi idumela elihle uMariya analo. Futhi ngokusobala umthanda kakhulu. Nokho, naphezu kwalokho angase akusho, ngempela kubonakala sengathi kukhona indoda emkhulelisile. Nakuba kunjalo, uJosefa akafuni ukuba akhandwe ngamatshe aze afe noma ahlazeke emphakathini. Ngakho unquma ukumlahla ngasese. Ngalezozinsuku, abantu abathembisene babebhekwa njengasebeshadile, futhi kwakudingeka isehlukaniso ukuze kuqedwe isithembiso.
Kamuva, njengoba uJosefa esacabangela lezindaba, uyahamba ayolala. Ingelosi kaJehova ibonakala kuye ngephupho futhi ithi: “Ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”
Lapho uJosefa evuka, yeka ukubonga anakho! Ngaphandle kokulibala wenza lokho ingelosi ekuyalile. Uthatha uMariya umyisa ekhaya. Eqinisweni, lesenzo sasobala sinjengomkhosi womshado, sibonisa ukuthi uJosefa noMariya manje bashada ngokomthetho. Kodwa uJosefa akabi nobuhlobo bobulili noMariya njengoba esakhulelwe uJesu.
Bheka! UMariya usindwa ngumntwana, kodwa uJosefa umkhweza embongolweni. Bayaphi, futhi kungani bethatha uhambo lapho sekuseduze ukuba uMariya abelethe? Luka 1:39-41, 56; Mathewu 1:18-25; Duteronomi 22:23, 24.
▪ Siyini isimo sengqondo sikaJosefa lapho ezwa ngokukhulelwa kukaMariya, futhi ngani?
▪ Kukanjani uJosefa engamlahla ngesehlukaniso uMariya nakuba bengakashadi?
▪ Yisiphi isenzo sasobala esinjengomkhosi wo-mshado kaJosefa noMariya?