Isahluko 50
Ukulungiselela Ukubhekana Nokushushiswa
NGEMVA kokuyala abaphostoli bakhe ngezindela zokufeza umsebenzi wokushumayela, uJesu ubaxwayisa ngabaphikisi. Uthi: “Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi . . . Xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela emiphakathini, banishaye emasinagogeni abo. Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami.”
Naphezu kokushushiswa okunzima abalandeli bakhe abazobhekana nakho, uJesu uthembisa ngendlela eqinisekisayo: “Nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso lesosikhathi eniyakukukhuluma. Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.”
“Kepha,” uJesu uyaqhubeka, “umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.” Uyanezela: “Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami; kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni lowo uyakusindiswa.”
Ukushumayela kubaluleke kakhulu. Ngenxa yalokhu uJesu ugcizelela isidingo sokuhlakanipha ukuze bahlale bekhululekile ukuba baqhubeke nomsebenzi. “Nxa benizingela komunye umuzi, anobalekela komunye,” esho, “ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Aniyikuqeda imizi yakwaIsrayeli, ingakafiki iNdodana yomuntu.”
Yiqiniso ukuthi uJesu wanikeza lesiyalezo, isixwayiso, nesikhuthazo kubaphostoli bakhe abangu-12, kodwa futhi sasihloselwe nalabo ababeyohlanganyela ekushumayeleni emhlabeni wonke ngemva kokufa nokuvuka kwakhe. Lokhu kuboniswa ukusho kwakhe ukuthi abafundi bakhe ‘babeyozondwa abantu bonke,’ hhayi ngamaIsrayeli kuphela abaphostoli ababethunywé ukuba bashumayele kuwo. Futhi, ngokusobala abaphostoli abazange bayiswe phambi kwababusi namakhosi lapho uJesu ebathuma emkhankasweni wabo omfushane wokushumayela. Ngaphezu kwalokho, ngalesosikhathi abakholwayo abazange bakhashelwe ekufeni amalungu omkhaya.
Ngakho lapho ethi abafundi bakhe babengeke baqede ukushumayela kwabo “ingakafiki iNdodana yomuntu,” ngokwesiprofetho uJesu wayesitshela ukuthi abafundi bakhe babengeke baqede wonke umhlaba owakhiwe ngokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu omisiwe ngaphambi kokuba iNkosi ekhazinyulisiwe uJesu Kristu ifike njengesikhulu sikaJehova esikhipha isahlulelo eArmagedoni.
Eqhuba iziyalezo zakhe ngokushumayela, uJesu uthi: “Umfundi kaphezu komfundisi, nenceku kayiphezu kwenkosi yayo.” Ngakho abalandeli bakaJesu kumelwe balindele ukuthola impatho efanayo yonya nokushushiswa njengaye ngenxa yokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu. Nokho uyakhuthaza: “Ningabesabi ababulala umzimba bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba [eGehena, NW].”
UJesu wayezobeka isibonelo kulendaba. Wayezokukhuthazelela ngokungesabi ukufa kunokuba ahlehle ekwethembekeni kwakhe kuLowo onamandla onke, uJehova uNkulunkulu. Yebo, uJehova ongabhubhisa “umphefumulo” womuntu (kulokhu kusho amathemba omuntu esikhathi esizayo njengomphefumulo ophilayo) noma kunalokho angavusa umuntu ukuze ajabulele ukuphila okuphakade. Yeka uBaba wasezulwini onothando nozwela uJehova anguye!
Ngokulandelayo uJesu ukhuthaza abafundi bakhe ngomfanekiso oqokomisa ukunakekela kothando kukaJehova ngabo. “Akuthengwa yini imizwilili emibili ngendibilishi na?” ebuza. “Kepha akuyikuwa phansi namunye kuyo ngaphandle kukaYihlo. Kodwa kini zibaliwe nezinwele zonke zekhanda lenu. Ngakho maningesabi; nina niyayidlula imizwilili eminingi.”
Isigijimi soMbuso uJesu athuma abafundi bakhe ukuba basimemezele siyokwahlukanisa imikhaya, njengoba amanye amalungu omkhaya esamukela futhi amanye esenqaba. “Ningasho ukuthi ngizé ukuletha ukuthula emhlabeni,” echaza. “Angizanga ukuletha ukuthula kepha inkemba.” Ngakho-ke, ukuze ilungu lomkhaya lamukele iqiniso leBhayibheli kudinga isibindi. “Othanda uyise nonina kunami kangifanele,” kuchaza uJesu, “nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.”
Ephetha iziyalezo zakhe, uJesu uchaza ukuthi labo abamukela abafundi bakhe bayamamukela naye. “Yilowo nalowo oyakuphuzisa abe-munye kulaba abancinyane, ngisho inkezo eyodwa yamanzi aqandayo ngegama lomfundi, ngiqinisile ngithi kini: Kasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.” Mathewu 10:16-42.
▪ Yiziphi izixwayiso uJesu azinikeza abafundi bakhe?
▪ Yisiphi isikhuthazo nenduduzo abanikeza khona?
▪ Kungani iziyalezo zikaJesu zisebenza nakumaKristu osuku lwanamuhla?
▪ Kungayiphi indlela umfundi kaJesu engekho ngaphezu komfundisi wakhe?