Isahluko 72
UJesu Uthuma Abangu-70
KUSEKUPHELENI kuka-32 C.E., iminyaka emithathu egcwele kusukela ekubhapathizweni kukaJesu. Yena nabafundi bakhe basanda kuba seMkhosini WamaDokodo eJerusalema, futhi ngokusobala baseseduze. Eqinisweni, uJesu usebenzisa ingxenye enkulu yalezinyanga ezisele eziyisithupha zenkonzo yakhe eJudiya noma ngaphesheya nje koMfula iJordani esigodini sasePhereya. Nalensimu kudingeka ihlanganiswe.
Yiqiniso, ngemva kwePhasika lika-30 C.E., uJesu wasebenzisa cishe izinyanga eziyisishiyagalombili eshumayela eJudiya. Kodwa ngemva kokuba amaJuda ezame ukumbulala lapho ngePhasika lika-31 C.E., wasebenzisa unyaka owalandela nengxenye efundisa cishe eGalile kuphela. Phakathi nalesosikhathi, wahlela inhlangano yabashumayeli enkulu, eqeqeshwe kahle, okuthile ayengenakho ngaphambili. Ngakho manje uqalisa umkhankaso wokufakaza wokugcina omkhulu eJudiya.
UJesu uqalisa lomkhankaso ngokukhetha abafundi abangu-70 futhi abathume ngababili. Ngakho-ke, kunamaqembu angu-35 esewonke abashumayeli boMbuso okusebenza lensimu. Laba bahamba ngaphambili kuyo yonke imizi nezindawo uJesu, ngokusobala ehambisana nabaphostoli bakhe, ahlela ukuya kuzo.
Esikhundleni sokuqondisa abangu-70 ukuba baye emasinagogeni, uJesu ubatshela ukuba bangene emakhaya abantu, echaza: “Nakuyiphi indlu eningena kuyo, qalani nithi: Ukuthula makube-kulendlu. Kuyakuthi uma kukhona lapho indodana yokuthula, ukuthula kwenu kohlala phezu kwayo.” Kumelwe sithini isigijimi sabo? “Nithi kubo,” kusho uJesu, “umbuso kaNkulunkulu usondele kini.” Ngokuphathelene nomsebenzi wabangu-70, iMatthew Henry’s Commentary iyabika: “NjengeNkosi yabo, nomaphi lapho babevakashela khona, babeshumayela endlini ngendlu.”
Iziyalezo zikaJesu kwabangu-70 ziyefana nalezo ezanikezwa abangu-12 lapho ebathumela emkhankasweni wokushumayela eGalile cishe unyaka ngaphambili. Abangu-70 akabaxwayisi nje kuphela ngokuphikiswa abayobhekana nakho, ebalungiselela ukuba babeke isigijimi kubaninikhaya, kodwa ubanikeza amandla okuphilisa abagulayo. Ngalendlela, lapho uJesu efika ngokushesha kamuva, abaningi bayoshisekela ukubona iNkosi ebafundi bayo bakwazi ukwenza izinto ezinjalo ezimangalisayo.
Ukushumayela kwabangu-70 nomsebenzi kaJesu wokulandelela kuthatha cishe isikhashana. Ngokushesha amaqembu angu-35 abashumayeli boMbuso aqala ukubuyela kuJesu. “Nkosi,” besho ngenjabulo, “namademoni ayasithobela ngegama lakho.” Umbiko wenkonzo omuhle kanjalo ngokuqinisekile uyamjabulisa uJesu, ngoba uyasabela: “Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi. Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela.”
UJesu uyazi ukuthi ngemva kokuzalwa koMbuso kaNkulunkulu esikhathini sokuphela, uSathane namademoni akhe kumelwe baxoshwe ezulwini. Kodwa manje lokhu kuxoshwa kwamademoni angabonakali ngabantu benyama kusebenza njengesiqinisekiso esengeziwe salesosenzakalo esizayo. Ngakho-ke, uJesu ukhuluma ngokuwa kwesikhathi esizayo kukaSathane ezulwini njengokuqinisekile. Ngakho-ke, kungomqondo ongokomfanekiso ukuthi abangu-70 banikezwa amandla okunyathela izinyoka nawofezela. Nokho, uJesu uthi: “Ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”
UJesu ujabula kakhulu futhi udumisa uYise obala ngenxa yokusebenzisa lezinceku zakhe eziphansi ngendlela enamandla kangaka. Ephendukela kubafundi bakhe, uthi: “Abusisiwe amehlo abona enikubonayo. Ngokuba ngithi kini: Baningi abaprofethi namakhosi ababethanda ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.” Luka 10:1-24; Mathewu 10:1-42; IsAmbulo 12:7-12.
▪ Kukuphi lapho uJesu ashumayela khona phakathi neminyaka emithathu yokuqala yenkonzo yakhe, futhi uhlanganisa yiphi insimu ezinyangeni zakhe eziyisithupha zokugcina?
▪ Kukuphi lapho uJesu aqondisa khona abangu-70 ukuba bathole abantu?
▪ Kungani uJesu ethi wabona uSathane esewile kakade ezulwini?
▪ Kungamuphi umqondo abangu-70 benyathela izinyoka nawofezela?