Isahluko 132
Kwesokunene SikaNkulunkulu
UKUTHULULWA komoya ongcwele ngePentekoste kuwubufakazi bokuthi uJesu usebuyele ezulwini. Umbono onikezwa ngokushesha ngemva kwalokho kumfundi uStefanu nawo ufakazela ukuthi usefikile lapho. Ngaphambi nje kokuba akhandwe ngamatshe ngenxa yokufakaza kwakhe kokwethembeka, uStefanu uyababaza: “Bheka, ngibona izulu livuliwe, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sika- Nkulunkulu.”
Lapho ekwesokunene sikaNkulunkulu, uJesu ulindele umyalo ovela kuYise: “Busa wena phakathi kwezitha zakho.” Kodwa okwamanje, kuze kube yilapho ethatha isinyathelo ngokumelene nezitha zakhe, yini uJesu ayenzayo? Uyabusa, noma ulawula, phezu kwabafundi bakhe abagcotshiwe, ebaqondisa emsebenzini wa-bo wokushumayela futhi ebalungiselela ukuba, kuthi ngokuvuswa, babe amakhosi akanye naye eMbusweni kaYise.
Ngokwesibonelo, uJesu ukhetha uSawulu (kamuva owaziwa kangcono ngegama lakhe lesiRoma elithi, Pawulu) ukuba aqalise umsebenzi wokwenza abafundi kwamanye amazwe. USawulu uyawushisekela uMthetho kaNkulunkulu, kodwa uphambukiswa abaholi benkolo bamaJuda. Ngenxa yalokho, uSawulu akavumeli nje kuphela ukubulawa kukaStefanu kodwa uya eDamaseku egunyazwe umpristi omkhulu uKayafase ukuba abophe noma yimaphi amadoda nabesifazane abatholayo lapho abangabalandeli bakaJesu abalethe eJerusalema. Nokho, lapho uSawulu esendleleni, ukhanyiswa ukukhanya okukhulu futhi uwela phansi.
“Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na?” kubuza izwi elivela emthonjeni ongabonakali. “Ungubani, Nkosi?” kubuza uSawulu.
“Mina nginguJesu omzingela wena,” kuzwakala impendulo.
USawulu, oseyimpumputhe ngenxa yalokhu kukhanya okuyisimangaliso, uJesu umtshela ukuba angene eDamaseku futhi alindele iziyalezo. Khona-ke uJesu ubonakala embonweni kuAnaniya, omunye wabafundi bakhe. Ngokuqondene noSawulu, uJesu utshela uAnaniya: “Lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwaIsrayeli.”
Ngempela, ngokusekela kukaJesu, uSawulu (manje owaziwa njengoPawulu) nabanye abavangeli banempumelelo enkulu emsebenzini wabo wokushumayela nokufundisa. Eqinisweni, cishe eminyakeni engu-25 ngemva kokubonakala kukaJesu kuye endleleni eya eDamaseku, uPawulu ubhala ukuthi ‘ivangeli’ seliye “lashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.”
Ngemva kokudlula kweminyaka eminingi kakhulu, uJesu unikeza uchungechunge lwemibono kumphostoli wakhe amthandayo, uJohane. Ngalemibono uJohane ayichazayo encwadini yeBhayibheli yesAmbulo, eqinisweni, uyaphila ukuze abone uJesu ebuyela emandleni oMbuso. UJohane uthi “ngokuphefumlelwa” (NW) wathwalwa wayiswa phambili ngesikhathi ‘osukwini lweNkosi.’ Luyini ‘lolusuku’?
Ukuhlolwa ngokunakekela kweziprofetho zeBhayibheli, kuhlanganise nesiprofetho sikaJesu uqobo ngokuqondene nezinsuku zokugcina, kwembula ukuthi ‘usuku lweNkosi’ lwaqala ngonyaka owaqopha umlando ka-1914, yebo, phakathi nalesizukulwane! Ngakho kwakungo-1914 lapho uJesu ebuya ngokungabonakali, ngaphandle kokubonwa iningi futhi kuyizinceku zakhe ezithembekile kuphela ezibona ukubuya kwakhe. Ngalowonyaka uJehova wanika uJesu umyalo wokuba abuse phakathi kwezitha zakhe!
Elalela ukuyala kukaYise, uJesu wahlanza amazulu ngokuxosha uSathane namademoni akhe, ebalahlela phansi emhlabeni. Ngemva kokubona lokhu kwenzeka embonweni, uJohane uzwa izwi lasezulwini limemezela: “Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe.” Yebo, ngo-1914 uKristu waqala ukubusa njengeNkosi!
Yeka ukuthi lezi izindaba ezinhle kanjani ngabakhulekeli bakaJehova ezulwini! Bayanxuswa: “Thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo.” Kodwa siyini isimo ngalabo abasemhlabeni? “Maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle,” kuqhubeka izwi elivela ezulwini, “ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”
Njengamanje sikulesosikhathi esifushane. Abantu manje bayahlukaniswa ukuze bangene ezweni elisha likaNkulunkulu noma babhujiswe. Iqiniso liwukuthi, ikusasa lakho manje linqunywa indlela osabela ngayo ezindabeni ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezishunyayelwayo emhlabeni wonke ngaphansi kokuqondisa kukaKristu.
Lapho ukuhlukaniswa kwabantu sekufeziwe, uJesu Kristu uyokhonza njengeNxusa likaNkulunkulu lokuqeda emhlabeni sonke isimiso sezinto sikaSathane nabo bonke labo abasisekelayo. UJesu uyofeza lokhu kususwa kwabo bonke ububi empini ebizwa eBhayibhelini ngokuthi iHarmagedoni, noma iArmagedoni. Ngemva kwalokho, uJesu, uMuntu omkhulu kunabo bonke endaweni yonke ngaphandle kukaJehova uNkulunkulu ngokwakhe, uyobamba uSathane namademoni akhe futhi ababophe iminyaka eyinkulungwane “kwalasha,” okuwukuthi, isimo sokungenzi lutho okunjengokufa. IzEnzo 7:55-60; 8:1-3; 9:1-19; 16:6-10; IHubo 110:1, 2; Heberu 10:12, 13; 1 Petru 3:22; Luka 22:28-30; Kolose 1:13, 23; IsAmbulo 1:1, 10; 12:7-12; 16:14-16; 20:1-3; Mathewu 24:14; 25:31-33.
▪ Ngemva kokuba uJesu enyukele ezulwini, ukuphi, futhi ulindeleni?
▪ UJesu ubusa phezu kobani ngemva kokwenyukela ezulwini, futhi ukubusa kwakhe kubonakala kanjani?
▪ ‘Usuku lweNkosi’ lwaqala nini, futhi kwenzekani ekuqaleni kwalo?
▪ Imuphi umsebenzi wokwehlukanisa oqhubekayo namuhla osithinta sonke ngabanye, futhi ukwehlukanisa kwenziwa ngasiphi isisekelo?
▪ Lapho umsebenzi wokwehlukanisa usuphelile, iziphi izenzakalo eziyolandela?