Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 45 k. 240-k. 243 isig. 1
  • Imifanekiso/Izibonelo Ezifundisayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imifanekiso/Izibonelo Ezifundisayo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Wayengakhulumi Nazo Ngaphandle Komfanekiso”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • Imifanekiso Efanele
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • “Wayengakhulumi Nabo Ngaphandle Komfanekiso”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Lingisa UMfundisi Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 45 k. 240-k. 243 isig. 1

ISIFUNDO 45

Imifanekiso/Izibonelo Ezifundisayo

Yini okudingeka uyenze?

Sebenzisa izifenqo, izindaba, noma okuhlangenwe nakho okungokoqobo, ukusebenzise ngendlela eyokusiza ufinyelele imigomo yakho njengomfundisi.

Kungani Kubalulekile?

Ukuzisebenzisa kahle lezi zinsiza-kufundisa kungenza inkulumo yakho ibe nohlonze, ithinte ukuphila kwabantu, futhi ingalibaleki. Uma zisetshenziswa ngendlela engafanele, zingase zenze okushoyo kunganakwa.

IMIFANEKISO nezibonelo yizindlela zokufundisa ezinamandla. Ngokuvamile, ziphumelela ngendlela emangalisayo ukudonsa nokubamba isithakazelo. Zishukumisa amandla okucabanga. Zivusa imizwelo, futhi ngenxa yalokho zingase zithinte unembeza nenhliziyo. Ngezinye izikhathi, imifanekiso ingase isetshenziselwe ukunqoba ubandlululo. Zisiza nenkumbulo ngendlela ephumelelayo. Uyazisebenzisa yini lapho ufundisa?

Izifenqo ziyimifanekiso evame ukusebenzisa amagama ambalwa kuphela; nokho zenza into icace bhá engqondweni. Uma zikhethwe kahle, zivele ziyikhanyise indaba. Kodwa umfundisi angase agcizelele ukubaluleka kwazo ngokwenezela incazelo emfushane. IBhayibheli ligcwele izibonelo ongafunda kuzo.

Qala Ngeziqhathaniso Nezingathekiso. Iziqhathaniso ziyizifenqo ezilula kunazo zonke. Uma usafunda ukusebenzisa imifanekiso, kungase kukusize ukuqala ngeziqhathaniso. Ngokuvamile zibonakala ngegama elithi “njenge-” noma “kuhle kwe-.” Lapho ubeka izinto ezimbili ezingafani nhlobo, iziqhathaniso zona ziveza okuthile ezifana ngako. IBhayibheli linenqwaba yezinkulumo ezingokomfanekiso ezisekelwe endalweni—izitshalo, izilwane nezidalwa zasezulwini—kanye nokuhlangenwe nakho kwabantu. KumaHubo 1:3, sitshelwa ukuthi umuntu olifunda njalo iZwi likaNkulunkulu “unjengomuthi otshaliwe ngasemifuleni yamanzi,” umuthi othelayo ongabuni. Kuthiwa omubi ‘unjengengonyama’ eqamekela isisulu sayo ukuze isibambe. (IHu. 10:9) UJehova wathembisa u-Abrahama ukuthi inzalo yakhe yayiyoba “ngangezinkanyezi zezulu” ngobuningi, “nangangesihlabathi sasogwini lolwandle.” (Gen. 22:17) Ngokuqondene nobuhlobo obuseduze phakathi kukaJehova nesizwe sakwa-Israyeli, uNkulunkulu wathi: “Njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu,” kanjalo wenza u-Israyeli noJuda banamathela kuYe.—Jer. 13:11.

Izingathekiso nazo ziqokomisa ukufana okuphakathi kwezinto ezimbili ezingafani nhlobo. Kodwa isingathekiso sona sinamandla ngokwengeziwe. Sibiza into ethile njengokungathi iyileyo nto efaniswa nayo, futhi ngokwenza kanjalo sithatha imfanelo ethile yaleyo nto siyidlulisele kwenye. UJesu wathi kubafundi bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe.” (Math. 5:14) Echaza umonakalo ongase wenziwe inkulumo engalawulwa, umfundi uJakobe wabhala: “Ulimi luwumlilo.” (Jak. 3:6) UDavide wahlabelelela uJehova: “Uyidwala lami nenqaba yami.” (IHu. 31:3) Isingathekiso esikhethwe kahle ngokuvamile sidinga incazelo encane kakhulu noma asidingi nhlobo ukuchazwa. Ubufushane baso busenza sibe namandla nakakhulu. Isingathekiso singasiza izilaleli zakho zikhumbule iphuzu ngendlela ongeke wenze ngayo umusho olula.

Ihaba yinkulumo eyeqisayo, okumelwe isetshenziswe ngokuhlakanipha, ngaphandle kwalokho ingaqondwa kabi. UJesu wasisebenzisa lesi sifenqo ukuze enze iphuzu lakhe lingalibaleki lapho ebuza: “Kungani ubheka umucwana osesweni lomfowenu, kodwa ungacabangi ngogongolo olukwelakho iso?” (Math. 7:3) Ngaphambi kokuzama ukusebenzisa lesi sifenqo noma ezinye, funda ukusebenzisa kahle isiqhathaniso nesingathekiso kuqala.

Sebenzisa Izibonelo. Kunokuba usebenzise isifenqo, ungase ukhethe ukusebenzisa izibonelo zibe izinsiza-kufundisa, kungaba indaba eqanjiwe noma eyenzeka ngokoqobo. Kuvamile ukuba izibonelo zisetshenziswe ngokweqisa, ngakho kudingeka uqaphe lapho uzisebenzisa. Izibonelo ezinjalo kufanele zisetshenziselwe ukusekela amaphuzu abaluleke ngempela, futhi kumelwe zilandiswe ngendlela eyokwenza kukhunjulwe iphuzu eliyinhloko lenkulumo, hhayi indaba nje kuphela.

Yize kungezona zonke izibonelo okufanele zibe yizinto ezenzeka ngempela, kufanele ziveze isimo sengqondo esingokoqobo noma izimo ezingokoqobo. Ngenxa yalokho, lapho uJesu efundisa indlela okufanele zibhekwe ngayo izoni eziphendukayo, wakhanyisa iphuzu lakhe ngokukhuluma ngenjabulo yomuntu othola imvu yakhe ebilahlekile. (Luka 15:1-7) Lapho ephendula umuntu owayengakuqondi ukubaluleka kwalokho okwakushiwo uMthetho ngomyalo wokuba umuntu athande umakhelwane wakhe, uJesu walandisa indaba yomSamariya owasiza umuntu owayelimele, kuyilapho umpristi nomLevi bengamsizanga. (Luka 10:30-37) Uma ufunda ukuqaphelisisa izimo zengqondo nezenzo zabantu, ungayisebenzisa ngempumelelo le ndlela yokufundisa.

Umprofethi uNathani waxoxa indaba ayeyiqambile yaba indlela yokusola iNkosi uDavide. Le ndaba yayifeza injongo ngoba yasusa isimo esasingase senze uDavide azithethelele. Le ndaba yayihilela isicebi esasinezimvu eziningi nomuntukazana owayenewundlu lensikazi elilodwa ayelikhulisa ngothando. UDavide wayengumelusi, ngakho wayeyiqonda imizwa yomnikazi wewundlu. UDavide wasithukuthelela kufanele isicebi esasithathe iwundlu lomuntukazana elaliyigugu kuye. UNathani wabe eselimisa ngesihloko kuDavide: “Nguwe lowo muntu.” Inhliziyo kaDavide yathinteka, waphenduka ngokusuka enhliziyweni. (2 Sam. 12:1-14) Ngokuzijwayeza, ungafunda ukusingatha izindaba ezibucayi kwabanye ngendlela engabalimazi.

Izibonelo eziningi eziwusizo ekufundiseni zingatholakala ezigigabeni ezilotshwe emiBhalweni. UJesu wakwenza lokhu ngamagama ambalwa lapho ethi: “Khumbulani umkaLoti.” (Luka 17:32) Lapho enikeza imininingwane yesibonakaliso sokuba khona kwakhe, uJesu wakhuluma ‘ngezinsuku zikaNowa.’ (Math. 24:37-39) KweyamaHeberu isahluko 11, umphostoli uPawulu wagagula abesilisa nabesifazane abangu-16 njengabayizibonelo zokholo. Njengoba uya ujwayelana neBhayibheli, uyokwazi ukuthola izibonelo ezinamandla kulokho imiBhalo ekushoyo ngezenzakalo ezithile nabantu elikhuluma ngabo.—Roma 15:4; 1 Kor. 10:11.

Ngezinye izikhathi ungase ukuthole kuwusizo ukugcizelela iphuzu elithile lalokho okufundisayo ngokuhlangenwe nakho okungokoqobo kwanamuhla. Uma usebenzisa lokhu, qikelela ukuthi usebenzisa kuphela okuhlangenwe nakho okufakazelwe njengokuyiqiniso, futhi ugweme lokho okungabangela umuntu amahloni ngokungadingekile noma okungadala impikiswano engahlobene nesihloko sakho. Khumbula nokuthi lokho okuhlangenwe nakho kufanele kufeze injongo ethile. Ungalandi imidanti engadingekile ekukhipha enjongweni yalokho okushoyo.

Ingabe Uyoqondakala? Kungakhathaliseki ukuthi usebenzisa muphi umfanekiso noma isibonelo, kufanele ufeze injongo ethile. Uyoyifeza yini uma ungachazi ukuthi lowo mfanekiso noma isibonelo uhlangana kanjani nendaba oxoxa ngayo?

Ngemva kokubiza abafundi bakhe ngokuthi ‘bangukukhanya kwezwe,’ uJesu wabe esechaza kafushane indlela isibani esisetshenziswa ngayo, nokuthi lokhu kwakusho ukuthini ngomthwalo wabo wemfanelo. (Math. 5:15, 16) Ngemva komfanekiso wakhe wemvu elahlekile, wabe esekhulumela intokozo eba sezulwini ngesoni esisodwa esiphendukayo. (Luka 15:7) Ngemva kwendaba yakhe yomSamariya onomusa, uJesu wabuza izilaleli zakhe umbuzo ongagwegwesi, wawulandelisa ngeseluleko esiqondile. (Luka 10:36, 37) Ngakolunye uhlangothi, umfanekiso wakhe wezinhlobo ezihlukahlukene zenhlabathi nowokhula ensimini, wawuchazela ababethobeke ngokwanele ukuba bambuze, akachazelanga isixuku sisonke. (Math. 13:1-30, 36-43) Ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu walandisa ngomfanekiso wabalimi besivini abangababulali. Akazange awuchaze; wawungadingi kuchazwa. “Abapristi abakhulu nabaFarisi . . . baqaphela ukuthi wayekhuluma ngabo.” (Math. 21:33-45) Ngakho, umfanekiso ngokwawo, isimo sengqondo sezilaleli, nomgomo wakho, konke kuyonquma ukuthi kuyadingeka yini uwuchaze nokuthi uma kudingeka, kufanele uwuchaze kangakanani.

Kuthatha isikhathi ukuhlakulela ikhono lokusebenzisa imifanekiso nezibonelo, kodwa kuwufanele umzamo. Imifanekiso ekhethwe kahle ithinta ingqondo nemizwelo. Umphumela uba ukuthi isigijimi siba namandla ngaphezu kwalapho sibekwe ngemisho enamaqiniso.

INDLELA YOKUTHOLA IMIFANEKISO EFANELEKAYO

  • Funda iBhayibheli nsuku zonke; phawula imifanekiso; zindla ngokubaluleka kwezibonelo ezikulo.

  • Njengoba ubhekisisa indawo okuyo, engqondweni yakho hlobanisa izimo zengqondo nezenzo zabantu nendaba okhuluma ngayo.

  • Ziqoqele imifanekiso nezibonelo eziphumelelayo. Ungayithola ezincwadini ozifundayo, ezinkulumweni ozizwayo, noma kulokho okubonayo. Yibeke ukuze uyisebenzise ngokuzayo.

ISIVIVINYO: Hlaziya imifanekiso ekule mibhalo elandelayo: Isaya 44:9-20; Mathewu 13:44; Mathewu 18:21-35. Ngamunye usifundisani? Kungani uphumelela?

Izifenqo engifuna ukuzisebenzisa lapho ngifundisa

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

Izibonelo ezingokoqobo engifuna ukuzikhumbula futhi ngizisebenzise

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela