IJerusalema Nethempeli UJesu Ayelijwayele
NGEMVA nje kokuzalwa kukaJesu, uJosefa noMariya bahamba naye baya emzini uYise wasezulwini ayebeke kuwo igama laKhe—iJerusalema. (Luka 2:22-39) Lapho eseneminyaka engu-12, uJesu waphinde waya khona eyela iPhasika. Wenza abafundisi ethempelini bakhexa ngoba wayenokuqonda. (Luka 2:41-51) Kwaze kwaphela ‘iminyaka [engaphezu] kwengamashumi amane nesithupha’ kwakhiwa lelo thempeli, elalingomunye wemisebenzi yokwakha kaHerode Omkhulu.—Joh 2:20.
Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wayeya emikhosini eJerusalema, lapho ayevame ukufundisa khona izixuku. Kwaze kwaba kabili exosha abashintshi bemali nabathengisi egcekeni lethempeli.—Math 21:12; Joh 2:13-16.
Enyakatho yethempeli, echibini laseBhethesda, uJesu welapha umuntu owayesegule iminyaka engu-38. INdodana kaNkulunkulu yavula namehlo empumputhe, yathi kuyo ayiyogeza echibini laseSilowama eliseningizimu yomuzi.—Joh 5:1-15; 9:1, 7, 11.
UJesu wayevame ukuvakashela abangane bakhe uLazaru, uMariya noMarta eBhethaniya, ‘eliyibanga elicishe libe amakhilomitha amathathu’ uma uya empumalanga yeJerusalema. (Joh 11:1, 18, umbhalo waphansi we-New World Translation of the Holy Scriptures—With References; Joh 12:1-11; Luka 10:38-42; 19:29; bheka esithi “Indawo YaseJerusalema,” ekhasini 18.) Sekusele izinsuku ezimbalwa afe, uJesu waya eJerusalema ehamba ngendlela edlula eNtabeni Yeminqumo. Mbone ngeso lengqondo ema ebuka lo muzi entshonalanga futhi ewukhalela. (Luka 19:37-44) Wawubona ufana nalo mfanekiso ophezulu ekhasini elilandelayo. Wabe esengena eJerusalema egibele ithole lembongolo, cishe wangena kwelinye lamasango omuzi asempumalanga. Izixuku zamdumisa njengeNkosi ka-Israyeli yesikhathi esizayo.—Math 21:9-12.
Izenzakalo ezibalulekile ezandulela ukufa kukaJesu zenzeka ezindaweni eziseJerusalema noma eduze kwakhona: ensimini yaseGetsemane, lapho uJesu athandaza khona; ehholo leSanhedrini; kwaKayafase; esigodlweni soMbusi uPilatu futhi ekugcineni, eGolgotha.—Mar 14:32, 53–15:1, 16, 22; Joh 18:1, 13, 24, 28.
Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu wabonakala eJerusalema nangakhona. (Luka 24:1-49) Wabe esenyukela ezulwini esuka eNtabeni Yeminqumo.—IzE 1:6-12.
[Umdwebo ekhasini 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IJerusalema/Ithempeli LikaHerode
Izindawo Zethempeli
1. INgcwelengcwele
2. INgcwele
3. I-Altare Lomnikelo Wokushiswa
4. ULwandle Olubunjiwe
5. IGceke Labapristi
6. IGceke Lika-Israyeli
7. IGceke Labesifazane
8. IGceke Labezizwe
9. UDonga (ISoreg)
10. UMpheme Wasebukhosini
11. UMpheme KaSolomoni
ITHEMPELI
ISango
IGceke Labapristi
ISango
INgcwelengcwele I-Altare
INgcwele Lomnikelo IGceke IGceke
Wokushiswa Lika-Israyeli Labesifazane
ULwandle
Olubunjiwe
ISango UMpheme
UDonga (ISoreg) KaSolomoni
IGceke Labezizwe
ISango
UMpheme Wasebukhosini
AmaSango
UMbhoshongo Ka-Antonia
IBhuloho
IHholo LeSanhedrini?
ISIGODI SASETYROPOEON
Ichibi LaseSilowama
Umsele Wamanzi
INdlu KaKayafase?
ISigodlo Sombusi
IGolgotha?
IGolgotha?
Ichibi LaseBhethesda
Insimu YaseGetsemane?
INTABA YEMINQUMO
ISIGODI SASEKIDRONI
Umthombo WaseGihoni
I-Eni-rogeli
ISIGODI SIKAHINOMU (IGEHENA)
[Izithombe ekhasini 30]
Lo mfanekiso ubonisa impumalanga yeJerusalema lanamuhla: (A) indawo yethempeli, (B) insimu yaseGetsemane, (C) iNtaba Yeminqumo, (D) ihlane lakwaJuda, (E) uLwandle Olufile
[Isithombe ekhasini 31]
Lo mfanekiso ubonisa intshonalanga yomuzi uma useNtabeni Yeminqumo ngosuku lukaJesu