ISAHLUKO 77
UJesu Unikeza Iseluleko Mayelana Nengcebo
UMFANEKISO WENDODA ECEBILE
UJESU UKHULUMA NGAMAGWABABA NEZIMBALI
‘UMHLAMBI OMNCANE’ UZOBA SEMBUSWENI
Njengoba uJesu edla endlini yomFarisi, izinkulungwane zimlindile ngaphandle. Zazimlinde ngendlela efanayo izixuku ngesikhathi eseGalile. (Marku 1:33; 2:2; 3:9) Abaningi la eJudiya bafuna ukumbona nokumuzwa ekhuluma, bebonisa isimo sengqondo esihlukile kwesabaFarisi adla nabo.
Lokho uJesu akusho kuqala, ukuqondise ngokukhethekile kubafundi: “Qaphelani imvubelo yabaFarisi, ewubuzenzisi.” UJesu uke waxwayisa ngalokhu ngaphambili, kodwa lokho akubone ngesikhathi edla nabaFarisi, kumenze wabona ukuthi lesi seluleko siyaphuthuma. (Luka 12:1; Marku 8:15) AbaFarisi bangazama ukufihla ububi babo ngokwenza sengathi banomusa, kodwa ukuba yingozi kwabo, kudinga ukudalulwa. UJesu uyachaza: “Akukho lutho olufihlwe ngokucophelela olungeke lwambulwe, nokufihlekile okungeke kwaziwe.”—Luka 12:2.
Kungenzeka abantu abaningi abasesixukwini esizungeze uJesu abaseJudiya futhi abakaze bamuzwe uJesu efundisa eGalile. Ngenxa yalokho, uphinda amaphuzu abalulekile awasho ngaphambili. Ukhuthaza bonke abamlalele: “Ningabesabi labo ababulala umzimba kuthi ngemva kwalokho bangakwazi ukwenza lutho olungaphezu kwalokho.” (Luka 12:4) Njengoba enza isikhathini esidlule, ugcizelela isidingo sokuba abafundi bakhe bathembe ukuthi uNkulunkulu uzobanakekela. Kudingeka bamukele neNdodana yomuntu futhi baqaphele ukuthi uNkulunkulu angabasiza.—Mathewu 10:19, 20, 26-33; 12:31, 32.
Ngemva kwalokho, indoda esesixukwini iveza ukukhathazeka kwayo: “Mfundisi, tshela umfowethu ahlukaniselane nami ifa.” (Luka 12:13) UMthetho uthi izibulo lithola ingxenye ephindwe kabili yefa, ukuze kungabi nezingxabano. (Duteronomi 21:17) Nokho, kubonakala sengathi kunokunye le ndoda ekufuna kuJesu ngaphandle kwengxenye yefa layo. Ngokuhlakanipha uJesu uyenqaba ukuthatha uhlangothi. Uthi: “Ndoda, ubani ongimise ngaba umahluleli noma umlamuli phakathi kwenu nobabili?”—Luka 12:14.
UJesu ube esenikeza lesi sixwayiso kubo bonke: “Hlalani nivule amehlo, niqaphe zonke izinhlobo zokuhaha, ngoba ngisho nalapho umuntu enokuningi, ukuphila kwakhe akuveli ezintweni anazo.” (Luka 12:15) Ngisho noma umuntu angaba nengcebo engakanani, ngeke yini afe bese eyishiya ngemuva? UJesu ube esegcizelela leli phuzu ngomfanekiso ongeke ulibaleke, obonisa ukubaluleka kokuzenzela igama elihle noNkulunkulu, uthi:
“Izwe lomuntu othile ocebile lakhiqiza kahle. Ngenxa yalokho wazindla ngaphakathi kuye, ethi, ‘Ngizokwenzenjani njengoba ngingasenandawo yokubuthela isivuno sami?’ Wayesethi, ‘Ngizokwenza lokhu: Ngizodiliza izinqolobane zami ngakhe ezinkulu kunazo, ngibuthele khona ukudla kwami okusanhlamvu nayo yonke impahla yami, ngithi kimi: “Nginezinto eziningi ezinhle eziqongelelwe iminyaka eminingi; khululeka, udle, uphuze, uzijabulise.”’ Kodwa uNkulunkulu wathi kuye, ‘Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayakufuna ukuphila kwakho. Ubani-ke ozothola izinto oziqongelele?’ Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:16-21.
Abalandeli bakaJesu nalabo ababemlalele, bangangena ogibeni lokufuna nelokuqongelela ingcebo. Noma izinkathazo zokuphila zingase zibaphazamise ekukhonzeni uJehova. Ngakho uJesu uphinda iseluleko esihle ayesinikeze esikhathini esingangonyaka eNtshumayelweni YaseNtabeni:
“Yekani ukukhathazeka ngokuphila kwenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani. . . . Cabangani ngamagwababa: Awahlwanyeli mbewu futhi awavuni; awananqolobane; kodwa uNkulunkulu uyawondla. Nina anibalulekile yini kakhulu kunezinyoni? . . . Cabangani ngendlela izimbali ezikhula ngayo: Azikhandleki futhi aziphothi zintambo; kodwa ngithi kini ngisho noSolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengahlobile nanjengeyodwa yazo. . . . Ngakho yekani ukufuna lokho enizokudla nalokho enizokuphuza, futhi yekani ukuhlala nikhathazekile . . . UYihlo uyazi ukuthi niyazidinga lezi zinto. . . . Qhubekani nifuna uMbuso wakhe, khona-ke lezi zinto ziyokwenezelwa kini.”—Luka 12:22-31; Mathewu 6:25-33.
Obani abayofuna uMbuso kaNkulunkulu? UJesu uthi yinani elincane, ‘umhlambi omncane,’ labantu abathembekile eliyowufuna. Ngokuhamba kwesikhathi, kuyovezwa ukuthi bangu-144 000. Yini abayoyithola? UJesu uyabaqinisekisa: “UYihlo uyakujabulela ukuninika uMbuso.” Laba ngeke bagxile ekutholeni ingcebo emhlabeni lapho amasela engeba khona. Kunalokho, izinhliziyo zabo ziyoba ‘semcebweni ongapheli emazulwini,’ lapho ziyobusa khona noKristu.—Luka 12:32-34.