INGOMA 76
Uzizwa Kanjani?
1. Uzizwa kanjani
um’ ufundis’ abanye,
Usuwenzil’ umzamo
wok’thol’ abaqotho?
Laph’ usuk’fezile;
uJah uzoqedela.
Uyabaz’ abaqotho—
bonk’ abamthandayo
(CHORUS)
Siyajabula, s’thokoze,
siz’nikele ngomphefum’lo.
Kwangathi singaqhubeka
simdumisa njalo.
2. Uzizwa kanjani
lapho bekulalela
Lab’ abakuthandayo
uk’phila phakade?
Bayenqab’ abanye,
abanye badukile.
Siqhubeka s’jabule,
sifakaza ngaye.
(CHORUS)
Siyajabula, s’thokoze,
siz’nikele ngomphefum’lo.
Kwangathi singaqhubeka
simdumisa njalo.
3. Uzizwa kanjani,
ngokusekelwa nguJah,
Nokuphathiswa nguye
umsebenzi wakhe?
S’fundisa ngeqholo,
ngamazwi anomusa.
Sicing’ abafanele;
sesizophothula.
(CHORUS)
Siyajabula, s’thokoze,
siz’nikele ngomphefum’lo.
Kwangathi singaqhubeka
simdumisa njalo.
(Bheka nezE. 13:48; 1 Thes. 2:4; 1 Thim. 1:11.)