Wadalelwa Ukuba Uphile EPharadesi
UMDALI wethu onothando ufuna ukuba ujabulele iPharadesi lenjabulo. Wabadalela ikhaya elinjalo abazali bethu bokuqala. IBhayibheli lithi: “UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, edliwayo.”—Genesise 2:8, 9, 15.
Lelokhaya lokuqala laliyiPharadesi ngempela, igama elithi “ipharadesi” lisho “insimu.” Kwakuyi“Pharadesi leNjabulo,” ngelinye igama ungathi “insimu yase-Edene.” Unjani umbono wakho ngekhaya elinjalo? Ingabe iso lakho lengqondo liyazibona izimbali ezimbalabala, izihlahla, imithi yezithelo, ukubukeka kwezwe okuthandekayo, imithombo, namachibi ahlanzekile futhi acwebile? Ingabe uyazibona futhi izimfunda zotshani obuluhlaza ezikakwe imithi emide, nomoya omnandi ogcwele iphunga lamahlashana amnyama namaculo ezinyoni?
Ungase uphendule ngokuthi, “lokho nokwengeziwe.” “Ukuthula nokulondeka kumelwe kube khona nakho.” Futhi kwakukhona ensimini yase-Edene! Ngisho nezilwane zazihlezi ngokuthula zona zodwa kanye nabazali bethu bokuqala. “Kepha zonke izilwane zomhlaba, . . . eziphefumulayo, zona nginiké yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla,” kwasho uNkulunkulu. “[UNkulunkulu] waziyisa [izilwane] kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini . . . umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle.”—Genesise 1:30; 2:19, 20.
Yeka ikhaya elijabulisayo! Kwakuyinto ephelele, ngomuntu nezilwane ukuba kuhlale ngokuthula noMdali wakho wasezulwini. Ngokuqinisekile ungathanda ukuhlala ePharadesi elinjalo lenjabulo!
Lalikuphi leloPharadesi lokuqala? IBhayibheli lithi lalisemhlabeni, lize libale emine yemifula yalo, kuhlanganise iEwufrathe esekhona nanamuhla. Kodwa enye i“encyclopedia” yenkolo ikhuluma ngokusikisela kwamuva kokuthi “iEdene yokuqala yayisezulwini.” Nokho, umbono onjalo awuphambene kuphela nalokho iBhayibheli elikushoyo kodwa nenkulumo kaJesu Kristu yokuthi ngokuhlangana kwabo indoda yokuqala nowesifazane e-Edene baba “nyamanye.”—Mathewu 19:4-6; Genesise 2:21-24; 1 Korinte 15:50.
Nakuba uNkulunkulu adala abantu ukuba baphile ePharadesi lasemhlabeni, abantu abaningi abasontayo namuhla bakholelwa ukuthi okuyilona pharadesi elingajatshulelwa liyoba sezulwini. Kodwa, ngokuthakazelisayo, i“encyclopedia” yeBhayibheli ithi ngalokhu: “Umuntu, ngempela, ngokuvamile ucabanga ngezinjabulo zasezulwini ukuthi ziyafana, noma zicishe zifane, nezinjabulo zalelizwe; futhi ngamunye uthemba ukuthola ngokuqiniseka, nokujabulela ngokugcwele ngalé kwethuna, lokho akubheka njengokuthandeka kakhulu kulomhlaba.”
Abantu bacabanga ngePharadesi ngomqondo ongokwenyama ngoba uNkulunkulu wadala umuntu ukuba aphile emhlabeni futhi ajabulele izinto zomhlaba. (IHubo 115:16) Lokhu kuphakamisa imibuzo. Ngokwesibonelo, lapho uJesu ethembisa umoni owafa eceleni kwakhe, “uzakuba-nami eParadisi,” liyokuba kuphi leloPharadesi?—Luka 23:43.