Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Uma umuntu esengomunye woFakazi BakaJehova, ingabe ngaso sonke isikhathi uhlala enguye?
Cha, oFakazi BakaJehova abafani nezinkolo ezithi, ‘Uma usuyilungu, uzohlala uyilungu.’ Inani eliyimbijana labantu likhetha ukuzihlukanisa nebandla lobuKristu noma liyaxoshwa ngenxa yokungaphenduki ekwenzeni okubi.
Ngesinye isikhathi abafundi abaningi bamshiya uJesu “ababe besahamba naye.” (Johane 6:66) IBhayibheli lichaza futhi ukuthi uma umKristu enza isono esingathi sína engaphenduki, ibandla kumelwe ‘lisuse umuntu omubi phakathi kwalo’ futhi ‘lingahlanganyeli naye.’—1 Korinte 5:9-13.
Kanjalo, namuhla, uma umKristu ewela enkambweni yesono, ikomiti yabadala abafanelekayo ngokomoya ixoxa naye. Bafuna ukubona ukuthi uphendukile futhi angabuyiswa. (Galathiya 6:1) Uma kungenjalo, abadala balalela umyalo weBhayibheli wokususa ekuhlanganyeleni isoni ukuze ibandla ‘lingabi namvubelo.’—1 Korinte 5:7.
Noma, njengoba kushiwo kuJohane 6:66, ngezinye izikhathi uFakazi ngengqondo yakhe uqobo anganquma ukushiya indlela yeqiniso. Angase ngisho asazise isinqumo sakhe ngemva kokuba ikomiti iqale ukubheka ububi bakhe. Angase abazise ngokubhala, noma asho phambi kofakazi, ukuthi ufuna ukuzehlukanisa ebandleni nokuthi angaziwa njengoFakazi. Khona-ke akuyikudingeka ngabadala ukuba baqhubeke nokuhlola kwabo. Nokho, abadala khona-ke bayokwenza isaziso esifushane ngokuzehlukanisa kwakhe ukuze ibandla lazi ukuthi ‘waphuma kithi.’ (1 Johane 2:19) Khona-ke bayonamathela eselulekweni esiphefumulelwe ‘sokungamukeli onjalo emakhaya abo noma bambingelele, ukuze bangahlanganyeli emisebenzini yakhe emibi.’—2 Johane 10, 11.
Ngakho-ke, abantu abaphoqelelwe ukuba bahlale beyingxenye yebandla. Kodwa iningi loFakazi BakaJehova linesimo sabaphostoli abanamathela ngokuzithandela kuJesu, bemukela usizo lwakhe olungokomoya futhi bejabulela ubuhlobo obufudumele bebandla likaNkulunkulu.—Luka 22:28.
◼ Uma uMose ngempela ayemnene futhi ezothile, wayengabhala kanjani kuNumeri 12:3 ukuthi “uMose wayemnene kunabo bonke abantu”?
Nakuba kungenzeka ukuthi kwakungelula ukwenza kanjalo, uMose wayengayibhala leyoncazelo eqondile ngaphansi kokuphefumlelwa uNkulunkulu.
Uphawu lokuphefumlelwa kweBhayibheli uNkulunkulu, luwubuqotho babalobi balo. UMose namanye amadoda uNkulunkulu awasebenzisa ekulobeni izingxenye zemiBhalo babhala izinto ezazinobuqotho ngokungavamile.
Ngokwesibonelo, uMose wabhala ngokuhluleka nezono zabantu bakubo, kuhlanganise nezomfowabo nodadewabo. (Eksodusi 16:2, 3; 17:2, 3; 32:1-6; Levitikusi 10:1, 2) Akazange futhi uMose azifihle; walandisa ngamaphutha akhe ngokusobala, ngisho nalawo aphumela ekusolweni kwakhe uNkulunkulu. (Numeri 20:9-12; Duteronomi 1:37) Ngakho kwakungokufanele ngoMose ukuba abhale ngobuqotho iqiniso uJehova ngokusobala ayefuna ukuba lihlanganiswe—ukuthi uMose ngokwakhe wayemnene ngokungavamile. Indaba lokhu okutholakala kuyo inikeza isibonelo esihle. Kunokuba athukuthele lapho uMiriyamu noAroni bebekela igunya lakhe inselele, uMose wavumela uJehova ukuba alungise isimo.
UMose wafanekisela uMesiya. (Duteronomi 18:15-19) Ngakho lapho uJehova uNkulunkulu edonsela ukunakekela ebumneneni bukaMose, wayenikeza isiqinisekiso sokuthi lemfanelo efiselekayo yayiyotholakala kuMesiya. Njengoba sifunda amaVangeli ingabe ubumnene bukaJesu abukhangi, busidonsele kuye futhi businikeze isizathu sokuncika kuye?—2 Korinte 10:1; Heberu 4:15, 16.