Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Eyokuqala kuThimothewu 4:10 ithi uNkulunkulu “unguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.” Ngakho ingabe bakhona abangakholwayo abayosindiswa?
Cha. Iphuzu liwukuthi ukusindiswa kuqinisekisiwe ikakhulu kulabo abakholwayo.
Umphostoli uPawulu weluleka uThimothewu ukuthi inzuzo yokwesaba uNkulunkulu iwukuthi “kunesithembiso salokhukuphila nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:6-8) Khona-ke uPawulu wabhala: “Ngokuba sikhandlekela lokho, siyashikashikeka, ngokuba sithembele kuNkulunkulu ophilayo onguMsindisi wabantu bonke, ikakhulu wabakholwayo.”—1 Thimothewu 4:10.
UNkulunkulu uthembise bonke abantu ithuba lokusinda. Njengoba uPawulu abhala: “Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu owazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke.” (1 Thimothewu 2:5, 6) Kodwa obani abayosabela enhlawulweni, bekhetha ukuphila kunokufa? (Duteronomi 30:19, 20) Abanye abantu bayasenqaba isigijimi sobuKristu sosindiso. Kwabanye, ‘imbewu’ iyahlala futhi ikhule isikhashana, kodwa kamuva bavumela ukuphikiswa, izithakazelo zezinto ezibonakalayo noma okunye ukukhathalela kubavimbele ukusindiswa.—Mathewu 13:3-8.
Ngakho nakuba usindiso lukaNkulunkulu lungatholwa yinoma ubani, indlela izinto ezenzeka ngayo iyobonisa ukuthi usindiso ikakhulukazi ‘lungolwabakholwayo.’ Umphostoli uPetru kanjalo wanxusa: “Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.”—2 Petru 1:10; Johane 3:16.