IMpumalanga Ephakathi—Ingabe Iyindawo YeArmagedoni?
“IARMAGEDONI”—lisho ukuthini leligama leBhayibheli? Uchungechunge lwezihloko ezifundisayo ngalendaba olwethulwa isembozo esinengqondo isikhathi ngasinye, luqokonyiswa komagazini abane beNqabayokulinda kaJanuary noFebruary 1985. Kwethenjwa ukuthi lezizingxoxo ezingokomBhalo ziyokududuza ngolwazi lwalokho IARMAGEDONI eyikho ngempela.
“NJENGOBA izwe lijahele ehoreni lalo lokugcina lokulwa, umuzi obalulekile wokubhekwa akuyona iNew York, iMoscow, iParis, iPeking, noma iCairo. Umuzi okumelwe ubhekwe iJerusalema!” Zasho kanjalo izazi zenkolo uJohn F. noJohn E. Walvoord encwadini yazo iArmageddon, Oil and the Middle East Crisis.
Abaningi ngempela babheka ngokwesaba kokubili iJerusalema nesifunda esinezinkathazo lapho lakhiwe khona. ITimes yaseLondon ithi, “IMpumalanga Ephakathi iya iba ngeyethusa kakhulu.” Abanye besaba ukuthi ukulwa kweU.S. neSoviet kuleyondawo cishe akunakuvinjelwa. NgoJanuary 1984, ubuhlobo phakathi kwalemibuso ephikisanayo base buwohloke kangangokuthi iBulletin of the Atomic Scientists iye yaqhuba “iwashi losuku lwembubhiso” (isibonakaliso sokuba seduze kwezwe nembubhiso yenyukliye) layo elidumile kwaba imizuzu emithathu ngaphambi kwehora le-12. LeBulletin yathi: “Kanjalo simi endaweni eyingozi, onqenqemeni lwenkathi yokungqubuzana, isikhathi lapho ukulwa kwemibuso kusongela ukususa noma iluphi uhlobo lokubonisana phakathi kwemibuso emikhulu. Leli ikusasa elisabekayo.”
Nokho, inani elikhulayo labashumayeli abathatha izinto njengoba zinjalo, izazi zenkolo, nabavangeli beTV, liyazihalalisela lezizenzo. Ukushaqeka okwandayo kwaseMpumalanga Ephakathi kuye kwasebenzela ukunikeza okubonakala njengokukholelwa ezibikezelweni zabo ezimangazayo zokuthi iArmagedoni iyokwenzeka kuleyondawo! Futhi ngokuxwayisa ezincwadini, ezinkulumweni, nakumathelevishini, baye bazuza abalandeli abaningi.
Laba abaphawulayo baphikisana ngokulandelana okuqondile kwezehlakalo. Kodwa ‘incazelo yokulandelana kwezehlakalo zeArmagedoni’ ihamba kanje: Bathi, ukuqala ‘kokuncipha kwesikhathi sosuku lwembubhiso,’ kwakuwukumiswa koMbuso wakwaIsrayeli. Ngakho-ke banomuzwa wokuthi okuthiwa ukuhlwithwa kuseduze. Ngokwabo, amaKristu eqiniso ngokushesha azonyamalala ngokuphazima kweso emhlabeni—ehlwithelwa ezulwini. Phakathi neminyaka eyisikhombisa elandelayo ‘yosizi,’ abavangeli abaningi baze ngisho babikezele nokuthi isizwe sakwaIsrayeli siyophendulelwa ebuKristwini. Nokho, iningi lesintu, kucatshangelwa ukuthi liyoba ngaphansi kwethonya likamashiqela (“uMphikukristu”) onomlingo, oyohola ukubumbana kwezizwe eziyishumi. Bakholelwa ukuthi ngisho noIsrayeli, uyozihlela kuye. Kepha inhlangano yezizwe zama-Arabhu nezinye, ziholwa iRashiya, ziyohlasela uIsrayeli ngokungalindelekile. UNkulunkulu uyokunqanda ngokumangalisayo lokhukuhlasela, kusho laba abakholelwa izinto njengoba zinjalo. Nokho, okuyolandela lapho ngokushesha, kuyoba okunye ukuhlasela ‘kukaMphikuKristu,’ kuqalisa impi yangempela eMpumalanga Ephakathi—iArmagedoni.
Mhlawumbe lokhu kuzwakala kunengqondo ngempela kwabanye. Kakade, neBhayibheli liyakubikezela ukubuthelwa kwezizwe empini “eHarmagedoni.” (IsAmbulo 16:14-16) Kodwa ingabe iBhayibheli ngempela libonisa ukuthi lesisenzakalo siyokwenzeka eMpumalanga Ephakathi? Futhi ikuphi ukubaluleka lendawo yalempi enakho?
[Isithombe ekhasini 3]