Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Isibusiso SikaJehova Siyabonakala EVenezuela
UMSEBENZI woFakazi BakaJehova eVenezuela uye wabusiswa ngempela. (IHubo 3:8) Phakathi no-1985 inani labamemezeli landa ngamaphesenti ayi-16 ngaphezu kwelangonyaka owandulelayo, futhi ngoFebruary 1986 yafinyelela inani eliphakeme ukwedlula wonke labamemezeli bezindaba ezinhle abayizi-31 247. Inani lamaphayona avamile lanyuka laba yizi-2 291 ngoFebruary, inani eliphakeme lama-38 ngokulandelana! Kunengqikithi yezifundo zeBhayibheli eziyizi-50 659 eziqhutshwa nabantu abathakazelayo. Abanye balabantu baye bathola iqiniso ngaphansi kwezimo ezingavamile.
◻ Insizwa ethile eshadile yayinedumela elikhulu lokuthanda abesifazane. Izinto zazingayihambeli kahle. Yayinomuzwa onamandla wokuthi umkayo wayeye kumthakathi futhi wayiloya ngenxa yobuhlobo bayo bangaphandle komshado. Ngakho yafuna umthakathi owayezovimba lobo buthi futhi yakhonjwa kowesifazane othile. Nokho, lowesifazane wayesefunde iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi esewuyekile umkhuba wakhe wokuthakatha. Wayitshela ukuthi wayengenakuyisiza, kodwa wayezoyinika ikheli lalapho yayingaya khona futhi ithole usizo. Kwakuyikheli leHholo LoMbuso. Yaya—inezinwele ezinde, ingashefile futhi igqoke kabi. Yawujabulela kakhulu umhlangano kangangokuba yabuya futhi ngaleyompelasonto, ihamba nabantwana bayo abathathu abancane. Ngalesikhathi isiphuce izinwele, futhi igqoke kahle yashefa kahle. Namuhla, isingummemezeli wezindaba ezinhle. Ingabe umkayo wajabula ngokuthi yase iyekile ukuthandana nabanye abesifazane? Cha, kunalokho waphikisa kakhulu! Kodwa ushintsho eyalwenza ekuphileni kwayo luye lwabahlaba umxhwele kakhulu abantu abaningi ebaziyo, lubavulela indlela yokuba nabo bezwe isigijimi seqiniso.
◻ Edolobheni eliseduze nomngcele waseColombia, umpristi wakuleyondawo wasungula umkhankaso omelene noFakazi. Wabhala igama elithi “OFakazi BakaJehova” ngezinhlamvu ezinkulu ezibomvu ebhodini lezaziso lesonto lakhe futhi ngezansi kwalo wabhala izindaba ezithile ezingamanga ngokumelene nabo. Ilungu elithile lesonto labona igama livezwe ngokugqamile futhi, ngaphandle kokufunda ukwaziswa okwakungezansi, laphetha ngokuthi isonto labavumela oFakazi BakaJehova. Ngakho laya emhlanganweni woFakazi futhi lakuthanda lokho elakubona nelakuzwa. “Eqinisweni,” kusho umbiko, “umkhankaso wompristi uye wabangela isithakazelo esikhulu kunokuba wenze okuphambene.” Abaningi manje bazimisele ukutadisha futhi baze ngisho baye koFakazi emgwaqweni futhi bababuze ukuthi bayobuya nini.
◻ Omunye umkhaya eVenezuela wathintana neqiniso ngenxa yenkulumo yomngcwabo emfushane kadade owayesanda kubhapathizwa eyanikelwa emathuneni. Isikhulu sempi nomkhaya waso, abayizihlobo zomufi, balalelisisa ngokucophelela inkulumo engokomBhalo futhi ngemva kwalokho bamemela isikhulumi ekhaya labo ukuze bahlole amavesi ayethintiwe ngokuningiliziwe. Waba yini umphumela? Ake sivumele isikhulu siziphendulele:
“Mina nomkami sashisekela ukwazi futhi safuna ukuhlola iBhayibheli. Ekuqaleni isifiso sami sasiwukuba ngibonise ukuthi ngangenza okufanele ngokushumayela inkolo yobuKatolika. Nokho, isikhathi ngasinye lapho ngiphikisa iphuzu elithile, umzalwane owayeqhuba isifundo wayebuya nombono weBhayibheli onengqondo. Ngokuzithoba, ngabona ukuthi oFakazi BakaJehova babeneqiniso. Namuhla, mina nomkami singoFakazi BakaJehova, futhi abantwana bami batadisha iBhayibheli. Ngibonga okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova, engijabulela ukumkhonza njengesosha, hhayi ngezikhali zempi ezibonakalayo kodwa ngalezo ezinikezwa umoya kaNkulunkulu, ngokweyesi-2 Korinte 10:4, 5.”
Yebo, uJehova uye wazibusisa ngokucebile izinceku zakhe eVenezuela. Ngenxa yenani eliphakeme ngokungavamile lababakhona eSikhumbuzweni eliphindwe kane kunenani labamemezeli, kunethemba elikhulu lokwanda okuqhubekayo eminyakeni ezayo.
[Ishadi ekhasini 21]
Amanye amanani aphakeme aseVenezuela asekelwe emibikweni kaFebruary 1986:
31 247 abamemezeli
2 291 amaphayona
50 659 izifundo zeBhayibheli
“Isibusiso sakho masibe-kubantu.”—IHubo 3:8