Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Abaqhoshayo Nabathobekileyo
NGEMVA kokuphawula izimfanelo zikaJohane uMbhapathizi, uJesu uletha ukunakekela kubantu abamzungezile abaqhoshayo, abambuluzayo. Uthi “Lesisizukulwane . . . sifana nabantwana abahlezi ezigcawini bememeza abanye bethi: Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.”
Usho ukuthini uJesu? Uyachaza: “UJohane wafika engadli, engaphuzi; bathi: Unedemoni. INdodana yomuntu yafika idla, iphuza; bathi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nowezoni.”
Akunakwenzeka ukwanelisa abantu. Akukholutho olubajabulisayo. UJohane waphila ngokuzincisha izinjabulo ezidela njengomNaziri, egcina amazwi engelosi athi “kasoze waphuza iwayini nophuzo oludakisayo.” Futhi abantu bathi unedemoni. Ngakolunye uhlangothi, uJesu uphila njengabanye abantu, azikho izinjabulo azincisha zona, kodwa umangalelwa ngokweqisa.
Yeka ukuthi kunzima kangakanani ukujabulisa abantu! Bafana nabantwana, abanye babo abenqaba ukusina lapho abanye bebabethela imitshingo noma abangalilanga lapho abangane babo benezikhalo. Nokho, uJesu uthi: “Ukuhiakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho [“ngemisebenzi yakho,” NW].” Yebo, ubufakazi—imisebenzi—benza kube sobala ukuthi ukumangalelwa kukaJohane noJesu kungamanga.
Ngenjongo yokubalahla uJesu uyaqhubeka esola imizi yaseKhorazini, eBetsayida neKapernawume, lapho enza khona imisebenzi eminingi yamandla. Ukuba wayeyenze emizini yaseFenike iTire neSidoni, uJesu uthi, lemizi ngabe yaphenduka ngesaka nangomlotha. Esola iKapernawume, ngokusobala eyayisebenza njengekhaya ngesikhathi senkonzo yakhe, uJesu uthi: “Kuyakuba-ngcono kulo izwe laseSodoma ngosuku lokwahlulela kunawe.”
UJesu usho ukuthini ngalokhu? Ngokusobala ubonisa ukuthi, ngoSuku Lokwahlulela lapho abaqhoshayo baseKapernawume bevuswa, kuyoba nzima kakhulu ngabo ukuba bavume amaphutha abo futhi bamukele uKristu kunanjengoba kuyoba kanjalo ngabantu baseSodoma lasendulo abayovuswa ukuba baphenduke ngokuzithoba futhi bafunde ukulunga.
Ngokulandelayo uJesu udumisa phambi kwabantu uYise wasezulwini. Ushukunyiselwa ukuba enze kanjalo ngenxa yokuthi uNkulunkulu ufihlela abahlakaniphileyo nabanokuqonda amaqiniso angokomoya ayigugu kodwa lezizinto ezimangalisayo uzambulela abathobekileyo, abafaniswa nezingane.
Ekugcineni, uJesu unikeza isimemo esikhangayo: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”
UJesu uyinikeza kanjani impumuzo? Uyinikeza ngokulungiselela inkululeko emasikweni agqilazayo lawo abaholi benkolo abaye bawathwesa abantu, ahlanganisa, ngokwesibonelo, imithetho yokugcina isabatha enemingcele. Futhi, ubonisa indlela yokukhululeka kulabo abezwa umthwalo onzima wokubuswa iziphathimandla zezombangazwe nalabo abezwa umthwalo wezono zabo ngonembeza obuhlungu. Kulabo abakhathazeke kanjalo wembula indlela izono zabo eziyothethelelwa ngayo nokuthi bangabujabulela kanjani ubuhlobo obuyigugu noNkulunkulu.
Ijoka elihle uJesu alinikezayo yilelo lokuzinikezela okuphelele kuNkulunkulu, ukukwazi ukukhonza uBaba wethu wasezulwini onobubele, onomusa. Futhi umthwalo olula uJesu awunikeza labo abeza kuye yilowo woku lalela izimfuneko zikaNkulunkulu zokuphila, imiyalo yaKhe, engacindezeli nakancane. Mathewu 11:16-30; Luka 1:15; 7:31-35; 1 Johane 5:3.
◆ Isizukulwane sikaJesu sifana kanjani nabantwana?
◆ Kuyoba ngcono kanjani ngeSodoma kunangeKapernawume?
◆ Iziphi izindlela abantu abacindezeleke ngazo, futhi iyiphi inkululeko uJesu ayinikezayo?