Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukuthulisa Isiphepho Esinamandla
USUKU lukaJesu belumatasa, njengoba lwaluhlanganisa ukufundisa izixuku ogwini futhi kamuva ukuchaza imifanekiso ngasese kubafundi bakhe. Lapho kuhlwa, uthi: “Asiwele siye ngaphesheya.”
Ngaphesheya ogwini olungasempumalanga loLwandle lwaseGalile kunesifunda okuthiwa iDekapholi, elivela egameni lesiGreki elithi deʹka elisho “ishumi,” nelithi poʹlis, elisho “umuzi.” Imizi yaseDekapholi iyisikhungo samasiko amaGreki, nakuba futhi ngokungangabazeki iyikhaya lamaJuda amaningi. Nokho, umsebenzi kaJesu esifundeni mncane kakhulu. Ngisho nakulokhu kuhambela, njengoba sizobona kamuva, uyanqatshelwa ukuba ahlale isikhathi eside.
Lapho uJesu ecela ukuba baye kolunye ugu, abafundi bamngenisa emkhunjini. Nokho, ukuhamba kwabo akusona isinyenyela. Ngokushesha abanye bangena ezikebheni zabo ukuze baba phelezele. Akukude kakhulu. Eqinisweni, uLwandle lwaseGalile lumane luyichibi elikhulu elicishe libe amakhilomitha angama-21 ubude namakhilomitha ayi-12 ububanzi.
Ngokusobala uJesu ukhathele. Ngakho-ke, ngokushesha ngemva kokuba behambile, ulala ngemuva emkhunjini, ubeka ikhanda lakhe emcamelweni, futhi alale azumeke. Abaphostoli abaningana bangamatilosi anokuhlangenwe nakho, njengoba babedoba izikhathi eziningi oLwandle lwaseGalile. Ngakho-ke baqondisa ukuhamba komkhumbi.
Kodwa lolu ngeke kube uhambo olulula. Ngenxa yomoya ofudumele ongaphezu kwechibi, cishe ngamamitha angama-210 ngaphansi kokuphakama kogu lolwandle, nomoya obanda kakhulu ezintabeni eziseduze, ngezinye izikhathi umoya onamandla uyavunguza futhi ubangele iziphepho ezinamandla kakhulu echibini. Yilokho okwenzekayo manje. Ngokushesha amagagasi ashaya umkhumbi futhi angena kuwo, kangangokuthi sekuseduze ukuba ucwile. Nokho, uJesu uyaqhubeka nokulala!
Amatilosi anokuhlangenwe nakho asebenza kanzima ukuze aqondise umkhumbi. Akungabazeki ukuthi aye aphumelela eziphephweni ezikhathini ezidlule. Kodwa manje aselapho kuphela khona amacebo awo. Esaba ukulahlekelwa ukuphila kwawo, avusa uJesu. Ayamemeza, ‘Nkosi, awunandaba na? Siyacwila! Sisindise, sizominza!’
Ephaphama, uJesu uyala umoya nolwandle: ‘Thula uthi du!’ Futhi umoya onamandla uyaphela nolwandle luyathula. Ephendukela kubafundi bakhe, uyabuza: ‘Kungani nesaba kangaka? Anikabi nokholo?’
Kulokho, abafundi baba nokwesaba okukhulu. Bayabuzana omunye nomunye, ‘Ungubani ngempela lomuntu? Ngokuba uyala ngisho nomoya namanzi, futhi kuyamlalela.’
Yeka amandla uJesu awabonisayo! Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukwazi ukuthi iNkosi yethu inamandla phezu kwamandla emvelo nokuthi lapho ukunakekela kwayo okugcwele sekuqondiswe emhlabeni wethu phakathi nokubusa koMbuso wayo, bonke bayohlala ngokulondeka ezingozini ezingokwemvelo esizibonayo!
Esikhathini esithile ngemva kokuba isiphepho sesiphelile, uJesu nabafundi bakhe bafika bephephile ogwini olungasempumalanga. Mhlawumbe eminye imikhumbi yaphepha esiphephweni esibi futhi yabuyela ekhaya iphephile. Marku 4:35–5:2; Mathewu 8:18, 23-28; Luka 8:22-27.
◆ Yini iDekapholi, futhi yakhiwe kuphi?
◆ Yiziphi izici ezingokwemvelo ezibangela iziphepho ezinamandla oLwandle lwaseGalile?
◆ Lapho amakhono abo okugwedla engenakubasindisa, yini abafundi abayenzayo?
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 8]