Imibuzo Evela Kubafundi
■ Lapho esesigxotsheni, uJesu wakhala: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Ingabe wayentula ukholo, ekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayemlahlile?
Lapho befunda lamazwi akuMathewu 27:46 noma kuMarku 15:34, abanye baye baphetha ngokuthi lapho uJesu ebhekene nokufa okubuhlungu, ukuthembela kwakhe kuNkulunkulu kwantengantenga. Abanye baye bathi lokhu kwakumane kuwukusabela kukaJesu kobuntu, ukukhala kalusizi okuqondakalayo komuntu oyigazi nenyama osezinhlungwini. Nokho kunesizathu esihle sokubheka ngale kokucabangela kobuntu okunjalo okusekelwe ekubonakaleni kwangaphandle, Nakuba kungekho muntu phakathi kwethu namuhla ongase azi ngokuqinisekile konke okwakuhilelekile ekukhaleni kukaJesu njengoba enza, singaphawula okubili okungenzeka ukuthi kwaba izisusa.
UJesu wayazi kahle ukuthi kwakuyodingeka ‘aye eJerusalema, ahlushwe ngokuningi . . . , abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.’ (Mathewu 16:21) Lapho isezulwini iNdodana kaNkulunkulu yayibone ngisho nabantu abangaphelele behlangabezana nokufa oku buhlungu lapho belondoloza ubuqotho babo. (Heberu 11:36-38) Ngakho akukho sizathu sokukholelwa ukuthi uJesu—umuntu ophelele—wayengesaba lokho ayebhekene nakho; futhi ukufa esigxotsheni kwakungeke kusikisele kuye ukuthi uYise wayemlahlile. UJesu wakwazi kusengaphambili “ukufa okufanele afe ngakho,” okungukuthi, ukufa ngokubethelwa, (Johane 12:32, 33) Futhi, wayeqinisekile ukuthi ngosuku lwesithathu wayezovuswa. Pho, uJesu wayengasho kanjani ukuthi uNkulunkulu wayemshiyile?
Okokuqala, kungenzeka wayesho ngomqondo olinganiselwe wokuthi uJehova wayesuse isivikelo eNdodaneni yakhe ukuze ubuqotho bukaJesu buvivinywe kuze kube sekugcineni, ukufa okubuhlungu nokuyihlazo. Kodwa ukuyekela kUkaNkulunkulu uJesu olakeni lwezitha ezaziqondiswa uSathane kwakungabonisi ukumshiya okuphelele. UJehova waqhubeka ebonisa uthando ngoJesu, njengoba kwabonakala ngosuku lwesithathu lapho evusa iNdodana yaKhe, okuyinto uJesu ayazi ukuthi yayizokwenzeka.—IzEnzo 2:31-36; 10:40; 17:31.
Okuhlobene nalokhu osekuphawuliwe isizathu sesibili okungenzeka saba imbangela yamazwi kaJesu lapho esesigxotsheni, esiwukuthi ngokusebenzisa lamazwi wayengagcwalisa isibonakaliso esingokwesiprofetho ngoMesiya, Emahoreni athile ngaphambili uJesu wayetshele abafundi ukuthi izinto zaziyokwenzeka ‘njengokulotshiwe ngaye.’ (Mathewu 26:24; Marku 14:21)Yebo,wayefuna ukugcina zonke izinto ezazilotshiwe, kuhlanganise nezinto eZikumaHubo 22. Ungase uthole kubalulekile ukuqhathanisa iHubo 22:7, 8—Mathewu 27:39, 43; IHubo 22:15—Johane 19:28, 29; IHubo 22:16—Marku 15:25 noJohane 20:27; IHubo 22:18—Mathewu 27:35. IHubo 22, elanikeza eZiningi iZibonakaliso ezingokweprofetho zokuhlangenwe nakho kukaMesiya, liqala kanje: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami ungishiyeleni na?” Ngakho, lapho uJesu ekhala njengoba enza, wayenezela embhalweni weziprofetho ayezigcwalisile.—Luka 24:44.
Umhubi wayengakholelwa ukuthi uNkulunkulu wakhe wayemane wamlahla noma wamshiya, ngoba uDavide waqhubeka wathi ‘uyoshumayeza abafowabo igama likaNkulunkulu,’ futhi wanxusa abanye ukuba badumise uJehova. (IHubo 22:22, 23) Ngokufanayo, noJesu owayelazi kahle iHubo 22, wayenesizathu sokuqiniseka ukuthi uYise wayesamvumela futhi emthanda, naphezu kwalokho uNkulunkulu ayemvumele ukuba abhekane nakho esigxotsheni.