Abamemezeli BoMbuso Bayabika
IChile Iyachuma Ngokukhanya Okwandisiwe
NJENGOKUKHANYA kwelanga okukhanya ngokukhazimulayo ezintabeni zaseAndes ekuseni, ukukhanya kweqiniso leBhayibheli kwafika kanjalo okokuqala eChile ngo-1930. Ngalowonyaka, enye yezinceku zikaJehova ezizinikezele yafika ivela eArgentina nezindaba ezinhle. Namuhla, ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu kuye kwakhanya futhi kwafinyelela kuwo wonke amagumbi ezwe.
Nakuba ihhovisi legatsha lokuqala eChile lamiswa ngo-1945, isakhiwo segatsha esisha, esikhulu sakhiwa ngo-1970, lapho isibalo sabamemezeli boMbuso sasesifinyelele izi-7 000. Eminyakeni eyishumi eyalandela, ukukhanya okwandisiwe okuvela eZwini likaNkulunkulu kwathinta izinhliziyo eziningi ezisabelayo. Ekuqaleni kwawo-1980 okunye ukwandiswa kwehhovisi legatsha kwakudingeka ngokuphuthumayo. Ngakho, ngoSeptember 1982 kwathengwa indawo engamahektare ayi-7 emaphethelweni eSantiago. Futhi ngemva komsebenzi omningi wokulungiselela, ukumbiwa kwesiza kwaqala ngoJune 1984.
Kwakujabulisa ukubona indlela abazalwane baseChile, abasha nabadala, ababesekela ngayo isakhiwo ngeminikelo yabo yokuphana. Izinkulungwane zabanye zanikela ngesikhathi sazo namathalenta. Abanye abanokuqeqeshwa kwezobuchwepheshe basiza ngobunjiniyela. Abanye basebenza imisebenzi yokubaza, yokushisela, yokwakha izihenqo, nokulungisa indawo, noma benza imisebenzi yothando ngokukhipha ukhula, baqhube amabhala, futhi bambe imisele. Ngempela, ukukhanya okuqhubekayo kweZwi likaNkulunkulu kuye kwathinta izinhliziyo zabantu bakhe futhi kwabashukumisela ukuba bazinikele ngenjabulo.—IHubo 110:3.
Ubunye nokuzimisela akuzange kungaphawuleki kwabangaphandle. Abathengisi abaningi ngisho nabafundi baseyunivesithi noprofesa bafika esakhiweni bezobuka futhi bafunde. Omunye umakhi wafuna ukuqasha lonke iqembu elisebenza ngokhonkolo ukuba Iimsize esitolo esikhulu ayesakha. Umthengisi wakhuluma ngendiela izisebenzi ezazihluke ngayo—akukho ukuthuka, akukho ukuvilapha. Lapho etshelwa ukuthi zonke zazi ngoFakazi BakaJehova futhi zaziyizisebenzi zokuzithandela, wathi: “Umuntu ngeke akubone lokhu kwenye indawo. Nina ningabakwelinye izwe.”
Ekugcineni, ngoAugust 1986 izisebenzi zegatsha laseChile zathuthela esakhiweni esisha ePuente Alto. Futhi ngo-October 25, kukhona uA. D. Schroeder weNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova, isixuku esishisekayo esingama-933 sazwakalisa ukusekela kwaso ngenhliziyo yonke ekunikezeleni izakhiwo ezintsha enkonzweni kaJehova. Ngakusasa, kwaba nomhlangano okhethekile enkundleni yebhola eseduze, futhi abayizi-18 012 banezela usí (elethu) wabo ezwini lesinqumo.
Ingabe lokhu kwanda kudingeka ngempela? Vumela amaqiniso aphendule. Lapho kuthengwa indawo ngo-1982, kwakunabamemezeli boMbuso abayizi-17 500 eChile. Manje kunabangaphezu kwezi-29 000! Futhi njengoba kunezifundo zeBhayibheli zasekhaya cishe eziyizi-40 000 eziqhutshwayo, ukwanda kusazoqhubeka impela. Ngakho ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu makuqhubeke kukhanya ngokwengeziwe kulendawo evundile ezintatshaneni zaseAndes, kube udumo kuJehova nesibusiso kubantu bakhe.—Daniyeli 12:3.