Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Iqiniso LoMbuso Liyaqhakaza ESri Lanka
ISRI LANKA, okusho “Izwe Elinobucwazicwazi,” liyigama lasendulo elabuyiselwa kulesiqhingi esithandekayo esisaziwa abaningi ngegama laso elithi, “Ceylon.” Sibizwa ngokuthi Unyembezi LwaseNdiya ngenxa yendawo esikuyo eIndian Ocean; kodwa izinyembezi bekungezona ezenjabulo kuphela njengoba ezikhathini zamuva nje kuye kwagqashuka ubudlova bamaqembu alwayo, aba yizihloko zezindaba ezivelele emhlabeni wonke.
Nokho, nalapha iqiniso loMbuso liyaqhakaza. AmaBuddha, amaHindu, amaSulumane, amaParsi, namaKristu okuzisholo, ayafundiswa ukuthi uMbuso kaJehova kuphela ngoJesu Kristu ongaletha ukuphulukiswa okuhlala njalo kwamanxeba amaqembu alwayo nawezombangazwe ahlukanisa imiphakathi. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa ukuqhakaza kweqiniso loMbuso ‘kuleliZwe Elinobucwazicwazi.’
◻ Kusukela ebuntwaneni uSalimoon wenziwa ukuba akholelwe ukuthi iQur’an iyiZwi likaNkulunkulu. Kodwa akakwamukelanga neze ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu onomusa ophelele wayengahlupha abantu esihogweni esishisayo. Ngolunye usuku oFakazi BakaJehova bammemela emhlanganweni. Njengoba alibona zisuka iqiniso, akakaze abheke emuva, futhi manje ukhonza ngenjabulo njengomdala ebandleni lobuKristu.
◻ UHarry, umBuddha wokuzalwa owayebonakalise ukholo lwakhe lwenkolo ngokuhamba phezu kwamalahle ashisayo, wayengakwazi ukulandela izimiso eziqukethwe emfundisweni yobuBuddha ehlukaniswe kasishiyagalombili: (1) yokuqonda okufanelekile; (2) yomqondo ofanelekile; (3) yenkulumo efanelekile, (4) yesenzo esifanelekile; (5) yokuphila okufanelekile; (6) yomzamo ofanelekile; (7) yokuqaphela okufanelekile, kanye (8) neyokuqondisa ukunakekela okufanelekile. Lezi kumelwe zigcwalise zonke izingxenye zokuphila komuntu. Nakuba ayezicabangela njengomBuddha okahle, ukubhema kwakhe, ukuphuza, nokunye ukuziphatha okungafanelekile kwabangela umkhaya wakhe izinkinga. Ekugcineni, wanquma ukufunda iBhayibheli. Nokho, akekho owazimisela ukufunda naye. Wezwa ukuthi oFakazi BakaJehova kwakungenzeka bavume, ngakho waba khona emhlanganweni eHholo LoMbuso, futhi kwahlelwa isifundo. Omunye woFakazi ovela esizindeni sobuSulumane wamsiza ukuba azi lokho okufundiswa iBhayibheli. Manje, ekugcineni, useye wathola amandla avela kuJehova okuba alandele ngokuphumelelayo indlela yezimiso eziqondile. Uyakujabulela ukukhonza njengenceku ekhonzayo futhi uhlela ukungenela inkonzo yobuphayona.
Ngakho iqiniso loMbuso liyaqhakaza eSri Lanka, futhi manje kukhona oFakazi abayi-1 086 kulelizwe elihle. Lokhu kwanda kusho ukuthi kudingeka izakhiwo zegatsha ezinkulu ngokwengeziwe, futhi kufunwa indawo lapho zizokwakhiwa khona. Abazalwane bakha futhi amaHholo oMbuso amasha. EPuttalam ibandla elakhiwe imikhaya eyi-10 lanquma ukwakha iHholo LoMbuso, nokulakha libe likhulu ngokwanele ukuba lisetshenziselwe imihlangano yesifunda. Lelohholo laqedwa ngesikhathi ukuze lisetshenziselwe umhlangano wesifunda lapho kwaba khona abayi-107. Manje lelobandla selande cishe ngokuphindwe kabili, linababa khona emihlanganweni eqhutshwa kokubili ngesiTamil nesiSinhalese abangaphezu kwama-75. Futhi kusengaba nokwanda okwengeziwe.
Isiprofetho seBhayibheli esigcwalisekile sikhomba eqinisweni lokuthi ngokushesha zonke izinyembezi zosizi zizosulwa emehlweni onke njengoba uNkulunkulu ethembisile. Ngisho nemicabango yobudlova bamaqembu alwayo ngeke isakhunjulwa. (IsAmbulo 21:4; Isaya 65:17) Futhi ‘kulolunyembezi’ oluthandekayo lwesiqhingi, kuyochishizwa izinyembezi zenjabulo njengoba imiphumela yesithelo sokuthula soMbuso kaNkulunkulu iqhubeka ijatshulelwa phakade.