Ukuhlakaniphiswa “Ukuhlawuliswa”
IZAGA 21:11 zithi: “Lapho isideleli sihlawuliswa, ongenalwazi uyahlakanipha, nalapho ohlakaniphileyo efundiswa, uyathola ukwazi.”
Umuntu “ongenalwazi” ngokuvamile unobunzima bokuqonda ukuthi kungani inkambo ethile yokuziphatha ingalungile. Nokho, ngesikhathi esifanele, angase abone “isideleli”—odelela izimiso zeZwi likaNkulunkulu—sibanjwa ebubini futhi sikhathazwe “ngukuhlupheka nosizi.” (IzAga 1:27) Ngaphansi koMthetho kaMose, ‘isijeziso’ esifanele (King James Version), noma ngokwezwi nezwi “inhlawulo,” yayiyokhokhiswa umenzi wobubi.—Qhathanisa noEksodusi 21:22; Duteronomi 22:19.
Kuba namuphi umphumela kongenalwazi? Ekugcineni ebona umvuzo wokwenza okubi, ‘wayengahlakanipha’ futhi azimisele ukungayilandeli indlela enjalo yena ngokwakhe. (Qhathanisa nezAga 19:25.) Ngokuphambene, “umuntu ohlakaniphile” kakade useyazi ngokuhlangenwe nakho okwedlule, ngokubona, nangolwazi lwezimiso zeBhayibheli ukuthi indlela ethile yokuziphatha imbi noma iyabulala. Akadingi ngaso sonke isikhathi ukubona imiphumela ebhubhisayo yesenzo esithile ukuze aqiniseke ngendlela esibi ngayo. Ngaleyondlela angakwazi ukuzuza ‘ukuqonda’ okusha ngokuyalwa nje kuphela, esikhundleni sokuhlangenwe nakho okubuhlungu.