‘Izingane Ziyayithanda’
Izigidi zemikhaya ziye zayijabulela INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Izindaba zayo zeBhayibheli eziyi-116 zinika umfundi umqondo walokho iBhayibheli elikhuluma ngakho. Umuntu waseNtshonalanga Australia wabonisa indlela lencwadi ephumelela ngayo, echaza:
“Nginguthisha futhi ngifuna ukufaka ugqozi ezinganeni ezingaphansi kokunakekelwa yimi ukuze zinikele wonke umsebenzi wazo wesikole kuNkulunkulu nakuJesu, njengoba nami ngenza ngomsebenzi wami engiwenzela izingane. Ngiye ngaqiniseka ukuba ngifundele ikilasi ÌNcwadi Yezindaba ZeBhayibheli’ engayithenga komunye woFakazi benu abahambelayo. Izingane ziyayithanda lencwadi, izindaba ezikuyo, futhi zicela ezengeziwe lapho ngiyibeka phansi incwadi.”
Ingabe zikhona izingane ozaziyo nazo ezingayijabulela INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli? Ungayithola ngokugcwalisa bese uthumela ikhuphoni elingezansi. Incwadi inamakhasi angama-256, amakhasi alingana nawalomagazini. Igcwele imifanekiso emikhulu engaphezu kweyi-125, eminingi yayo inemibala emihle.
Sizani ningithumelele incwadi enoqwembe oluqinile, ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, ngifaka u-R6. Iposi likhokhelwe.