Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Lungiselela Ikusasa Ngokuhlakanipha Okunenzuzo
UJESU usanda kuqeda nje ukulandisa ngendaba yendodana esaphazayo esixukwini esihlanganisa abafundi bakhe, abathelisi abangathembekile nezinye izoni eziqashelwayo, nababhali nabaFarisi. Manje, ekhuluma nabafundi bakhe, ulandisa umfanekiso ophathelene nesicebi esithole umbiko ongemuhle ngokuphathelene nomqondisi wendlu yaso, noma umphathi.
NgokukaJesu, isicebi sibiza umphathi waso futhi simtshela ukuthi sizomxosha. “Ngizakwenzenjani, lokhu inkosi yami ingaphuca ubuphathi?” umphathi ezibuza. “Anginamandla okulima, nginamahloni ukunxiba. Ngiyakwazi engiyakukwenza ukuba bangamukele ezindlini zabo, nxa ngikhishwa ebuphathini.”
Liyini icebo lomphathi? Nokho, ubiza labo abakweleta inkosi yakhe. “Unecala elingakanani?” uyabuza.
‘Amalitha ayizi-2 200 amafutha,’ kuphendula owokuqala.
‘Thatha incwadi yakho, usheshe uhlale phansi, ulobe amalitha ayi-1 100,’ uyamtshela.
Ubuza omunye: ‘Wena-ke unecala elingakanani na?’
‘Amalitha ayizi-22 000 kakolweni,’ uyasho.
‘Thatha incwadi yakho ulobe amalitha ayizi-18 000.’
Umphathi usenawo amalungelo okunciphisa izikweleti zenkosi yakhe, kwazise usenegunya ezindabeni zemali zenkosi yakhe. Ngakho, ngokunciphisa amanani, wakha ubungane nalabo abangabuyisela umusa kuye lapho elahlekelwa ngumsebenzi wakhe.
Lapho inkosi izwa lokho okwenzekile, ihlabeka umxhwele. Eqinisweni “yambabaza umphathi ongalungile ngokuthi wenzé ngokuhlakanipha.” Yebo, uJesu uyanezela: “Abantwana balesisikhathi bahlakaniphile esizukulwaneni sabo kunabantwana bokukhanya.”
Manje, ebonisa abafundi bakhe isifundo, uJesu uyakhuthaza: “Zenzeleni nina abahlobo ngokukaMamona ongalungile, ukuze kuthi, nxa kuphelile, banamukele ezindlini eziphakade.”
UJesu akatusi umphathi ngokungalungi kwakhe, kodwa ngenxa yokuhlakanipha kwakhe okukhaliphile nokunenzuzo. Ngokuvamile “abantwana balesisikhathi” basebenzisa imali yabo noma isikhundla ngobuqili ekwakheni ubungane nalabo abangabuyisela okuthile kubo. Ngakho izikhonzi zikaNkulunkulu, “abantwana bokukhanya,” ngokufanayo badinga ukusebenzisa izinto zabo ezibonakalayo, ‘uMamona ongalungile’ wabo, ngendlela yokuhlakanipha eyoba yinzuzo kubo.
Kodwa njengoba uJesu esho, kufanele bakhe ubungane ngalengcebo kanye nalabo abangase babamukele “ezindlini eziphakade.” Ezamalungu omhlambi omncane, lezindlu zisezulwini; ezezinye izimvu, zisemhlabeni oyiPharadesi. Njengoba kunguJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe kuphela abangemukela abantu kulezizindlu, kufanele sikhuthale ekusebenziseni noma yimuphi ‘uMamona ongalungile’ esingaba naye ekusekeleni izithakazelo zoMbuso futhi kanjalo sihlakulele ubungane kanye nabo. Khona-ke, lapho izinto ezibonakalayo zihluleka noma zibhubha, njengoba ngokuqinisekile kuzokwenzeka, siyoqiniseka ngekusasa elihlala njalo.
UJesu uyaqhubeka uthi abantu abathembekile ekunakekeleni ngisho nalezizinto ezibonakalayo, noma ezincane, ngokufanayo bayothembeka nasekunakekeleni izindaba ezinokubaluleka okukhulu. “Ngakho” uyaqhubeka, “uma beningathembeki kokukaMamona ongalungile, ubani oyakuniphathisa okuyikhonakhona [okungukuthi, izithakazelo ezingokomoya, noma zoMbuso] na?” Futhi uma beningathembeki kokomunye [izithakazelo zoMbuso uNkulunkulu aziphathise izikhonzi zakhe], ubani oyakuninika okungokwenu [umvuzo wokuphila ezindlini eziphakade] na?”
Ngokusobala asinakuba yizikhonzi zeqiniso zikaNkulunkulu futhi ngesikhathi esifanayo sibe yizigqila zikaMamona ongalungile, ingcebo yezinto ezibonakalayo, njengoba uJesu ephetha: “Akukho-nceku engakhonza amakhosi amabili, ngokuba kokunye iyakuzonda enye, ithande enye, noma ibambelele kwenye, iyeyise enye. Ningeze nakhonza uNkulunkulu noMamona.” Luka 15:1, 2; 16:1-13.
◆ Umphathi emfanekisweni kaJesu ubakha kanjani ubungane nalabo abangamsiza kamuva?
◆ Uyini ‘uMamona ongalungile,’ futhi singabakha kanjani ubungane ngaye?
◆ Obani abangasamukela “ezindlini eziphakade,” futhi lezindlu ziyini?