“Ngingayikhetha Ngokujabula IPhaphama!”
Wabhala kanjalo uFrank Senge kuyiPost-Courier yasePapua eNew Guinea. Ohlelweni lwakhe lwamasonto onke lukaJuly 19, 1988, uSenge wachaza:
“Ikhasi okubhalwa kulo okuphakathi likamagazini [wePhaphama!] lichaza ukuthi inyatheliselwa ‘ukukhanyisela wonke umkhaya.’
“Ithi ‘ibonisa indlela yokubhekana nezinkinga zanamuhla.’
“Futhi iyakwenza ngempela. Ngokungafani namanye amaphephandaba amasonto noma omagazini, iPhaphama! ichaza uNkulunkulu ngezinkinga zezwe ezisizungezile. . . .
“Lokhu kungase kubonakale njengenkulumo-ze engokwenkolo (angiyena [uFakazi]) . . . kodwa uma kungadingeka ukuba ngikhethe omagazini, bomkhaya, ngingayikhetha ngokujabula iPhaphama!”
Sinomuzwa wokuthi nawe uyoyijabulela iPhaphama! Ikhophi ngayinye kamagazini inyathaliswa ngesilinganiso samakhophi ayi-11 250 000 futhi ikhishwa ngezilimi ezingama-54.
Sizani ningithumele isikhokhelo sonyaka sePhaphama! Ngifaka u-R6 ngamakhophi alomagazini ayi-12 (ikhophi eyodwa ngenyanga).