‘Khuluma IZwi LikaNkulunkulu Ngesibindi’
UJEHOVA uNkulunkulu anganikeza izinceku zakhe amandla ‘okukhuluma iZwi [lakhe] ngesibindi.’ (IzEnzo 4:31) Ngisho nalabo abasebasha ezindleleni zeqiniso leBhayibheli nabangenakho okuhlangenwe nakho emsebenzini wobuvangeli akudingeki ukuba banqikaze ekukhulumeni izindaba ezinhle ngesibindi. ECôte d’Ivoire, abamemezeli ababili bezindaba ezinhle babesenkonzweni yendlu ngendlu lapho behlangana noprofesa waseyunivesithi. UFakazi osemncane, uSeriki, ezizwa engakufanelekele ukukhuluma nendoda efunde kangako, wavumela omunye uFakazi ukuba akhulume.
Loprofesa wayekhathazwe ubandlululo lwezinhlanga futhi ebeka uNkulunkulu icala ngezinkinga zobuzwe ezikhona, ngoba enomuzwa wokuthi uyena owadala izinhlanga ezihlukahlukene. Ngemva kwengxoxo ende eyayibonakala ingayi ndawo, ekugcineni uSeriki waqunga isibindi sokukhuluma, wayingenela ngesizotha ingxoxo. (1 Thesalonika 2:2) Ephawula ukuthi indlu kaprofesa yayihlotshiswe ngemibala emihle, uSeriki wabuza loprofesa, “Kungani ungayipendanga ngombala owodwa yonke indlu yakho?”
“Ucabanga ukuthi ngiyahlanya?” kuphendula uprofesa. USeriki waphendula: “Cha, kodwa kungani kufanele silindele ukuba uNkulunkulu enze yonke into nawo wonke umuntu kube umbala owodwa?” Iphuzu lacaca. Lowomfanekiso olula waphumelela, futhi uSeriki owayenovalo ekuqaleni wanikeza ubufakazi obuhle.