Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu Usola Abaphikisi Bakhe
UJESU udide abaphikisi bakhe benkolo ngokuphelele kangangokuthi bayesaba ukuqhubeka bambuze noma yini. Ngakho uthatha isinyathelo kuqala ekudaluleni ukungazi lutho kwabo. Uyabuza: “Nithini ngoKristu na? UyiNdodana kabani na?”
AbaFarisi bayaphendula: “EkaDavide.”
Nakuba uJesu engaphiki ukuthi uDavide ungukhokho ongokwenyama kaKristu, noma uMesiya, uyabuza: “Pho, uDavide ngo[mo]ya [kumaHubo 110] wambiza kanjani ngokuthi iNkosi, ethi: INkosi yathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho. Ngakho-ke uma uDavide embiza ngokuthi iNkosi, uyindodana yakhe kanjani na?”
AbaFarisi bayathula, ngoba abamazi kahle uKristu, noma ogcotshiweyo. UMesiya akayena nje umzukulu ongumuntu kaDavide, njengoba abaFarisi ngokusobala bekholelwa, kodwa wayekhona ezulwini futhi wayemkhulu kunoDavide, noma eyiNkosi.
Manje ephendukela ezixukwini nakubafundi bakhe, uJesu uxwayisa ngababhali nabaFarisi. Njengoba laba befundisa uMthetho kaNkulunkulu, ‘behlezi esihlalweni sikaMose,’ uJesu uyanxusa: “Konke abanitshela khona, kwenzeni, nikugcine.” Kodwa uyenezela: “Ningenzi njengemisebenzi yabo; ngokuba bayakhuluma, bangenzi.”
Bangabazenzisi, futhi uJesu uyabasola ngenkulumo efana naleyo ayisebenzisa lapho edla endlini yomFarisi ezinyangeni ezithile ngaphambili. Uthi: “Imisebenzi yonke yabo bayenza ukuba babonwe ngabantu.” Futhi unikeza izibonelo, ephawula:
“Amafilakteriyu abo bawenza abe-banzi.” Lamabhokisi amancane ngokuqhathaniswa, aboshelwa ebunzini noma engalweni, aqukethe izingxenye ezine zoMthetho: UEksodusi 13:1-10, 11-16; noDuteronomi 6:4-9; 11:13-21. Kodwa abaFarisi bayabandisa ubukhulu balamabhokisi ukuze benze abantu bacabange ukuthi bayawushisekela uMthetho.
UJesu uyaqhubeka athi “bawenze abe-makhulu amachopho [izinsephe zezingubo zabo, NW].” KuNumeri 15:38-40 amaIsrayeli ayalwa ukuba enze izinsephe ezingutsheni zawo, kodwa abaFarisi benza ezabo zibe zinkulu kunezanoma ubani. Yonke into yenzelwa ukubukisa! UJesu uzwakalisa ukubasola okukhulu: “Bathanda izindawo ezingenhla.”
Ngokudabukisayo, abafundi bakhe siqu baye bathintwa yilesifiso sokuvelela. Ngakho uyaluleka: “Kepha nina maningabizwa ngokuthi Rabi; ngokuba munye umfundisi wenu, nina nonke ningabazalelwane. Ningabizi-muntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngokuba munye uyihlo, osezulwini. Futhi ningabizwa ngokuthi abaholi; ngokuba munye umholi wenu, uKristu.” Abafundi kumelwe basilahle isifiso sokufuna ukuba ngongqá phambili! “Omkhulu kini akabe-yisikhonzi senu,” kuyala uJesu.
Ngokulandelayo uzwakalisa uchungechunge lomaye kubabhali nabaFarisi, ngokuphindaphindiwe ebabiza ngokuthi abazenzisi. Uthi: “[Ba]valela abantu umbuso wezulu!” futhi “[ba]dla izindlu zabafelokazi, nangokuzenzisa [be]nza imikhuleko emide!”
UJesu uthi: “Maye kinina-baholi abayizimpumputhe.” Uhlaba ukuntula kwabaFarisi izindinganiso ezingokomoya, njengoba kuboniswa ukuhlukanisa abakwenzayo okusekelwe emibonweni yabo siqu. Ngokwesibonelo, bathi, ‘Akulutho uma umuntu efunga ithempeli, kodwa uma efunga igolide lethempeli uzibophile.’ Ngokugcizelela kwabo kakhulu egolideni lethempeli kunasekubalulekeni okungokomoya kwaleyondawo yokukhulekela, bembula ubumpumputhe bezimfundiso zabo.
Khona-ke, njengoba enza ekuqaleni, uJesu ulahla abaFarisi ngenxa yokudebeselela “okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa” kuyilapho benaka kakhulu ukukhokha okweshumi, kwamakhambi angabalulekile.
UJesu ubiza abaFarisi ngokuthi ‘abaholi abayizimpumputhe, abahluza insensane, baginge ikamela.’ Bayayihluza insensane ewayinini labo, hhayi nje ngenxa yokuthi iyisinambuzane, kodwa ngoba ingcolile ngokomthetho. Nokho, ukungazinaki kwabo izindaba ezibalulekile zoMthetho kufana nokugwinya ikamela, nalo eliyisilwane esingcolile ngokomthetho. Mathewu 22:41–23:24; Marku 12:35-40; Luka 20:41-47; Levitikusi 11:4, 21-24.
◆ Kungani abaFarisi bethula lapho uJesu ebabuza ngalokho uDavide akusho kumaHubo 110?
◆ Kungani abaFarisi bewenza abe banzi amabhokisi abo aqukethe imiBhalo nezinsephe zezingubo zabo?
◆ Yisiphi iseluleko uJesu asinikeza abafundi bakhe?
◆ Yikuphi ukuhlukanisa okusekelwe emibonweni yabo siqu okwenziwa abaFarisi, futhi uJesu ubalahla kanjani ngokudebeselela izindaba ezibaluleke kakhulu?