Ingabe Ukumpontshelwa Igazi Kuhlonishwa Ngokweqile?
Ukumpontshelwa igazi kuvamile ekwelapheni kwanamuhla, kodwa ingabe kuhle njengedumela lakho? Ubungathini wena?
Kuyi-American Journal of Medicine (February 1993), UDkt. Craig S. Kitchens wabuza: “Ingabe Ukumpontshelwa Igazi Kuhlonishwa Ngokweqile?” Waphawula ukuthi ngokuvamile odokotela bacabangela ngokucophelela ukuthi ingabe ukwelapha kunezinzuzo ezingaphezudlwana yini kunengozi okungase kuyilethe. Kuthiwani ngokumpontshelwa igazi?
UKitchens wabukeza ubufakazi bamuva nje bezingozi eziningi ezihlobene nokumpontshelwa igazi, njengesifo sokusha kwesibindi, isimiso esikhubazekile sokuzivikela komzimba ezifweni, ukwehluleka kwesimiso sokusebenza kwezicubu, nokusabela okuphambene komzimba womuntu ofakwe isicubu esihlinzwe komunye. Okunye ukuhlola lapho kufingqa “inqwaba yezifo” ezibangelwa ukumpontshelwa igazi “kwaphetha ngokuthi isenzakalo ngasinye sokumpontshelwa igazi sinesilinganiso [samaphesenti angu-20] amathuba okusabela okuthile okubi, okunye kwalokho okuncane kodwa okunye okulimaza kakhulu,” kuze ngisho kubulale.
Nokho, ingabe lezinzuzo ezicatshangelwayo ziyakuthethelela ukubhekana nezingozi ezinjalo?
UDkt. Kitchens wabukeza ukuhlola okungu-16 okwabikwa okuhilela ukuhlinzwa okungu-1 404 okwenziwa koFakazi BakaJehova, abakwenqabayo ukumpontshelwa igazi belalela umyalo weBhayibheli ‘wokuyeka igazi.’—IzEnzo 15:28, 29.
Waba yini umphumela? “Isinqumo seziguli ezingoFakazi BakaJehova sokwenqaba ukumpontshelwa igazi lapho kwenziwa izinqubo zokuhlinzwa ezingathi sína sibonakala senezela [amaphesenti angu-0,5 kuya kwangu-1,5] okufa kuyona yonke ingozi yokuhlinza. Okungacaci kahle ukuthi kungakanani ukugula nokufa okugwenywayo ngalomkhuba, kodwa cishe kuyayedlula ingozi yokungampontshelwa igazi.” (Omalukeke sizenzele.) Liyini iphuzu lakhe? Noma iyiphi ingozi yokwenqaba ukwelashwa ngokumpontshelwa igazi cishe incane kunezingozi ezihilelekile ekwamukeleni ukumpontshelwa igazi.
Ngakho, lombuzo kaKitchens unengqondo: “Uma ukungabampompeli igazi oFakazi BakaJehova eqinisweni kuphumela ekuguleni okwengeziwe okungekubi kakhulu nokufa futhi kugwema inani eliphawulekayo lezindleko nezifo ezingamahlalakhona, ingabe iziguli kufanele zithole ukumpontshelwa igazi okuyingcosana?”
Labo abenqaba ukumpontshelwa igazi ngesisekelo salobufakazi bayobe futhi benza ngokuvumelana neziqondiso ezivela kuMdali wethu.