Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso
Woza Uzovakashela ULwandle LwaseGalile!
IZINDAWO ezimbalwa zisheshe zikhumbuleke kubafundi beBhayibheli kunoLwandle LwaseGalile. Kodwa ingabe ungavala amehlo futhi ulubone ngamehlo engqondo lolulwandle olunamanzi angenasawoti, ubone izindawo eziyinhloko, njengalapho uMfula iJordani ungenela khona nalapho ugelezela ngakhona noma izindawo zaseKapernawume naseTiberiya?
Zinike isikhathi sokuhlola lomfanekiso ongezansi othathelwe emoyeni, uqhathanisa izimpawu eziqondisayo. Zingaki izindawo ozaziyo phakathi kwalezo ezinezinombolo? Lapho ziziningi ozaziyo, yilapho iBhayibheli lakho liyothakazelisa ngokwengeziwe futhi libe ngokoqobo kuwe. Ukuze sifeze lokho, woza sithathe uhambo olufushane, olufundisayo.
Lomfanekiso othathelwe emoyeni ubheke enyakatho-mpumalanga. Ake siqale ngo-#1. Iyiphi lengxenye yolwandle? Yebo, ingxenye engaseningizimu, lapho iJordani igeleza iphume ngakhona, ibheke ezansi phakathi kweSamariya neGileyadi iyothululela amanzi ayo oLwandle Olufile. Ngakwesobunxele ubonela eduze umfanekiso walengxenye yolwandle, obonisiwe naku-Khalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1993.
ULwandle LwaseGalile lusekujuleni kweRift Valley, emamitheni acishe abe ngu-200 ngaphansi koLwandle iMedithera. Njengoba uhlola lomfanekiso othathelwe emoyeni, phawula izintaba ezivela ogwini olungasempumalanga (eduze no-#7). Amagquma nezintaba nakho kuyavela ngasohlangothini oluseduze, noma ngasogwini olusentshonalanga, okugcizelela ukuthi lolulwandle lusesigodini, ulwandle ngokwalo lunobude obungamakhilomitha acishe abe ngu-21 nobubanzi obukhulu bamakhilomitha angu-12. Kwakunendawo kulezingu zamadolobhana ngisho namadolobha amakhulu, njengeTiberiya (#2). Khumbula ukuthi isixuku sanqamula lolulwandle ngezikebhe sisuka eTiberiya siya lapho uJesu ayesuthise khona ngokuyisimangaliso abangu-5 000.—Johane 6:1, 10, 17, 23.
Njengoba uhamba ogwini olungasenyakatho yeTiberiya, udlula isifunda esivundile saseGenesaretha (#3).a UJesu wanikeza iNtshumayelo yaseNtabeni kulendawo, futhi cishe esogwini oluseduze, wamema uPetru nabanye abathathu ukuba babe “ngabadobi babantu,” njengoba kuboniswe lapha. (Mathewu 4:18-22) Njengoba uqhubeka nohambo, ufika eKapernawume (#4), eyayiyisikhungo semisebenzi kaJesu, ize ibizwa nangokuthi ‘umuzi wakubo.’ (Mathewu 4:13-17; 9:1, 9-11; Luka 4:16, 23, 31, 38-41) Uma uqhubeka uya ngasempumalanga eduze nolwandle, unqamula (#5) lapho iJordani engaphezulu igelezela khona olwandle (ngezansi). Khona-ke ufika endaweni yaseBetsayida (#6).
Singazisebenzisa ngisho nalezindawo ezimbalwa ukuze sibonise indlela ulwazi lwakho ngoLwandle LwaseGalile olungakusiza ngayo ukuba ulandelele, futhi ubone ngamehlo engqondo, ukulandisa kweBhayibheli. Ngemva kokuba uJesu esuthise abangu-5 000 endaweni yaseBetsayida futhi isixuku sizame ukumenza inkosi, wathumela abaphostoli eKapernawume ngesikebhe. Phakathi nohambo lwabo, ngokungazelele kwavunguza imimoya enamandla evela ezintabeni futhi yagubha amagagasi, ibangela ukuba abaphostoli babe nokwesaba okukhulu. Kodwa uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle, wathulisa isivunguvungu, futhi wabenza bakwazi ukufika bephephile eduze kwaseGenesaretha. (Mathewu 14:13-34) Labo ababevela eTiberiya baphinde bawelela eKapernawume.—Johane 6:15, 23, 24.
Uma uqhubeka uya ngasohlangothini olusempumalanga yolwandle, udlula lokho cishe okwakubizwa ngokuthi ‘izwe lamaGadara [noma, amaGerasa].’ Khumbula ukuthi lapha uJesu wakhipha amademoni emadodeni amabili. Leyomimoya yangena ngokuzithandela emhlambini omkhulu wezingulube, ezaqonda eweni zangena olwandle. Kamuva enye yalamadoda yanikeza ubufakazi emadolobheni aseduze aseDekapholi okukhulunywa kuwo isiGreki. UJesu wafikela kulendawo futhi wahamba ngomkhumbi esukela kuyo enqamula uLwandle LwaseGalile.—Mathewu 8:28–9:1; Marku 5:1-21.
Njengoba uqedela uhambo lwakho uya ngasengxenyeni esezansi yolwandle, udlula eduze nalapho umfula omkhulu (okuthiwa i-Yarmuk) uletha amanzi amaningi eMfuleni osezansi iJordani.
IBhayibheli aliyicacisi indawo yezinye izenzakalo ezenzeka ngasoLwandle LwaseGalile, njengokubonakala kukaJesu ngemva kokuba evusiwe lapho uPetru nabanye abaphostoli bedoba (ngezansi). Ingabe ucabanga ukuthi kwakungaseKapernawume? Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, ulwazi lwakho ngalolulwandle olubalulekile lukusiza ukuba ukwazi ukubona ngamehlo engqondo ukuthi kunjalo yini.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “IGenesaretha—‘Iyamangalisa Futhi Yinhle’” ku-Nqabayokulinda ka-January 1, 1992.
[Izithombe ekhasini 24]
1
2
3
4
5
6
7
N
S
E
W
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Garo Nalbandian
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.