Intsha ‘Ethembela KuJehova’
AKUYONA intsha enabo bonke ubuhle, nasebekhulile abanakho konke ukuhlakanipha. (Qhathanisa nezAga 11:22; UmShumayeli 10:1.) Kunalokho, labo abanobuhle obuhlala njalo nokuhlakanipha kwangempela yilabo abathembela kuJehova futhi ngezinhliziyo zabo zonke abathi ngaye: “UnguNkulunkulu wami.”—IHubo 31:14; IzAga 9:10; 16:31.
Emhlabeni wonke kunesixuku esandayo sabantu abahle, abasha nabadala, ababonisa ukuhlakanipha kwabo ngokukhonza uNkulunkulu nangokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngoSabrina oneminyaka eyisishiyagalombili ubudala.
USabrina uhlala eJalimane futhi ufunda izinga lesibili. UnguFakazi kaJehova wokuqala owafunda kulesisikole. Ngokudabukisayo, wayeyisisulu sokuthukwa izingane ayefunda nazo esikoleni kwaze kwaba usuku uthisha acela ngalo abafundi ukuba beze nezincwadi abazithanda kakhulu. USabrina wanquma ukuza nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngobusuku bangaphambi kwalolosuku, nakuba ayeshaywe uvalo, walungiselela kahle. Njengoba kwakunabafundi abangu-26 ekilasini lakhe, wayazi ukuthi wayengase angabi nesikhathi esiningi. Kodwa wayezimisele ukungavumeli muntu ukuba amphazamise kulokho ayezokusho futhi wayeqiniseka ukuthi uJehova wayeyomsiza. Ngosuku olumisiwe, uthisha wakhe wabuza ukuthi ubani owayeze nencwadi futhi engathanda ukuba ngowokuqala ukubabonisa yona. Ngokumangalisayo, uSabrina kuphela owayeyiphethe. Wama phambili ekilasini wayeseqala ukukhuluma, efunda ebabonisa nemifanekiso esencwadini futhi echaza ukuthi konke kwakusekelwe eBhayibhelini. Lapho ephetha wabuza: “Ubani ongathanda ukuba nalencwadi?” Wanikeza uthisha ikhophi eyodwa, kwathi phakathi nezinsuku ezimbalwa ezalandela, wanikeza ezinye zezingane ayefunda nazo ekilasini ezinye izincwadi eziyishumi. Okuwukuphela kwento uthisha ayisho ngalokho ayekushilo ukuthi: “Angikaze ngikubone okunjena.” Wanikeza uSabrina amamaki aphakeme kakhulu ngenxa yomsebenzi wakhe.
Eqinisweni, oFakazi abaningi abasebancane bangabamemezeli abajabulayo bezindaba ezinhle esikoleni. Esinye isibonelo ngesika-Erika, ummemezeli waseMexico oneminyaka engu-11. Kusukela ebuntwaneni wafundiswa ukuthanda uJehova. Umsebenzi wakhe wesikole ungovelele. Esinye sezabelo zakhe sasiwukulungiselela ukwaziswa okuphathelene nengculaza nokuluthwa ugwayi notshwala. Walungiselela kahle, esebenzisa umagazini i-Phaphama!, futhi wathola amamaki aphakeme kakhulu. Uthisha wakhe wabuza ukuthi wayekutholephi lokhu kwaziswa futhi u-Erika wamnikeza omagazini ababenezihloko ezikhuluma ngalezozindaba. Kamuva, lothisha wasebenzisa labomagazini ukuze axoxe ngalezizihloko nalo lonke ikilasi. Ngenxa yokuziphatha kuka-Erika, inhlonipho yakhe ngothisha bakhe, namamaki akhe aphakeme, uye wafanelekela ukuthola izipho, ama-diploma, nemifunda-ze yokuxhasa abafundi. Nokho, unomuzwa wokuthi into eyinhloko aye wayifinyelela ukuthi uye waziveza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova, wakwazi ukuhambisa izincwadi zeBhayibheli, futhi waphakamisa igama likaNkulunkulu.
Bese kuba khona uShannon, umfanyana oneminyaka eyishumi ohlala eNew Zealand. Uyindlobho; elinye iso lakhishwa esewusana ngoba lalinomdlavuza. Lapho uShannon eneminyaka eyisikhombisa, unina waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Nokho, ngokushesha ngemva kokuba eqale ukufunda kwakhe iBhayibheli, waqala ukuhlala nomuntu wesilisa engashadile naye futhi wanquma ukuyeka izifundo zakhe. UShannon wacela ukuba isifundo sakhe seBhayibheli siqhubeke. Isifiso sakhe samukelwa. OFakazi baqhubeka bemhambela, futhi ekugcineni womathathu amalungu omkhaya afunda iBhayibheli futhi athuthuka ngokomoya. Ngemva kokushada ngokomthetho, unina kaShannon nosingayise babhapathizwa.
Ngolunye usuku uShannon nomkambonisi wesifunda babesebenza ndawonye enkonzweni yasensimini. Umninikhaya wabuza uShannon: “Iso lakho lenzenjani?” “Lalinomdlavuza, kwase kudingeka likhishwe,” ephendula. “Ngokushesha uJehova uzonginika elisha ePharadesi, futhi yilokho esizele ukuzokutshela khona.”