Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Izindaba Ezinhle ZoMbuso Ziyoshunyayelwa
EMAKHULWINI eminyaka isitha sikaNkulunkulu esiyinhloko, uSathane uDeveli, ngobuqili siye sasebenzisa ohulumeni bezombangazwe nenkolo yamanga emizamweni yaso yokuphazamisa ukusakazwa kobuKristu beqiniso. Kodwa lezizindlela ngeke ziphumelele. UJesu wabikezela ukuthi ‘izindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa [hhayi ukuthi “zingase zishunyayelwe” noma, “zazingase zishunyayelwe”] emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.’—Mathewu 24:14, qhathanisa ne-NW.
Ukwehluleka kukaSathane kuye kwabonakala eGreece. Kulelozwe iSonto lamaGreki lobu-Orthodox liye lazama ukuvimbela oFakazi BakaJehova ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Kodwa, njengoba kuqokonyiswa okuhlangenwe nakho okulandelayo, ngesikhathi esifanele amaqiniso eBhayibheli ayafinyelela kubantu abanhliziyo-ziqotho naphezu kokuphikisa.
Eminyakeni engaba ngu-30 edlule, umpristi wesonto lamaGreki lobu-Orthodox wamukela izindaba ezinhle waze wazwakalisa isifiso sokuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Nokho, izihlobo zakhe zasiphikisa kakhulu lesisinyathelo futhi zamcindezela ukuba ayeke ukuhlanganyela noFakazi. Ukuze ajabulise umkhaya wakhe, waqhubeka engumpristi; nokho, ngaso sonke isikhathi wayekuqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova babemsizile ukuba afunde iqiniso nokuthi wayeliyeké ngenxa yesikhundla sokuvelela enkolweni yamanga.
Nakuba kunjalo, ngezinye izikhathi wayekhuluma kahle ngoFakazi BakaJehova lapho ithuba livela. Ezikhathini eziningana waze wayala nabantu ukuthi uma befuna ukufunda amaqiniso eBhayibheli, kufanele bafunde noFakazi. Ngokuhamba kweminyaka abanye basilandela ngempela isikhuthazo sakhe.
Muva nje lompristi ugulé wabangwa nezibi futhi waqaphela ukuthi angase afe ngokushesha. Esesesibhedlela, wabiza izingane zakhe futhi zaqoqana zonke eceleni kombhede wakhe.a Khona-ke wayesezichazela ukuthi uma efa, zazingase ziphinde zimbone. Wakhuluma nazo ngemfundiso yeBhayibheli yokuthi abantu bayovuswa uJehova ukuze baphile epharadesi emhlabeni, kodwa uma zazifuna ngempela ukukubona lokho kwenzeka, kwakumelwe zifunde iqiniso eliseBhayibhelini futhi zizihlukanise nenkolo yamanga. Wazinxusa ukuba zihlanganyele noFakazi BakaJehova futhi zifunde kubo indlela yokuba amaKristu angempela.
Ngokushesha kamuva, lompristi washona. Nokho, iseluleko sakhe sokuvalelisa ezinganeni zakhe saba nemiphumela emihle. Indodakazi yakhe, njengeningi lezihlobo zakhe, yayikade ibaphikisa kakhulu oFakazi BakaJehova nomsebenzi wabo. Kodwa yayingenakusishaya indiva isicelo esiqotho sikayise owayesefa, ngakho ngokushesha yaxhumana noFakazi BakaJehova futhi yaqala ukufunda iBhayibheli. Muva nje yona ngokwayo ibé uFakazi, inikezela ukuphila kwayo kuJehova uNkulunkulu futhi ibonakalisa ukuzinikezela kwayo ngobhapathizo lwamanzi.
EGreece kanye nakwamanye amazwe angaphezu kuka-230, oFakazi BakaJehova bathembela emandleni omoya ongcwele kaNkulunkulu. Ngenxa yokusekelwa umoya ongcwele ngokuphelele, bahlanganyela ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.”—IzEnzo 1:8.
[Umbhalo waphansi]
a ISonto lamaGreki lobu-Orthodox liyamvumela umpristi walo ukuba ashade.