“Ngiyigugu KuJehova!”
KULEZI “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” izinceku zikaJehova eziningi ezithembekile zikhuthazelela ukulwisana ngokuqhubekayo nemizwa yokungabi lutho. (2 Thimothewu 3:1) Lokhu akumangalisi, ngoba esinye ‘sezenzo zobuqili’ zikaSathane siwukusenza sibe nomuzwa wokuthi asithandwa ngisho nawuMdali wethu! (Efesu 6:11, umbhalo waphansi we-NW) Ngokufanelekile, INqabayokulinda ka-April 1, 1995, yayinezihloko ezimbili ezifundwa ebandleni ezazithi “Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!” nesithi “Vuselelani Uthando Nemisebenzi Emihle—Kanjani?” Lezi zihloko zaziklanyelwe ukusikhumbuza ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yethu. Okulandelayo amanye amazwi okwazisa amukelwa:
“Eminyakeni engu-27 ngingomunye woFakazi BakaJehova angikaze ngithintwe umagazini ngalendlela. Ngahluleka ukubamba izinyembezi—lezi zihloko zangilethela impumuzo enkulu. Manje ngizizwa ngithandwa kakhulu uJehova. Kunjengokungathi ngethulwe umthwalo omkhulu emahlombe.”—C. H.
“Lomagazini ngawufunda kane ngosuku olulodwa. Ngayijabulela indlela lesi sihloko esasho ngayo ukuthi uma ukholelwa ukuthi awubalulekile uye wafundiswa amanga. Lesi sihloko ngizosisebenzisela ukwalusa nokushumayela endlini ngendlu.”—M. P.
“USathane uye waphumelela ukwenza ngisho nalabo abathanda uJehova bazizwe bengelutho futhi bengathandeki. Ukukhunjuzwa yisigaba ‘sesigqila esikholekile’ ukuthi uJehova usithanda ngokujulile nokuthi uyazazisa zonke izinto ezincane esimenzela zona kungenye yezinto ezikhuthaza kunazo zonke engiye ngazifunda. Bese kuyiminyaka eminingi nginalemizwa enikhulume ngayo kulezi zihloko. Angikaze ngizizwe ngifanelwe uthando lukaJehova, ngakho ngangizama ukwenza okwengeziwe enkonzweni yakhe ukuze ngizuze lolo thando. Kodwa ngangishukunyiswa umuzwa wecala namahloni. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi ngangichitha amahora amaningi kangakanani enkonzweni, noma ukuthi ngangisiza abantu abaningi kangakanani, nganginomuzwa wokuthi akwanele. Ngangizibona ngisilela kuphela. Manje lapho ngikhonza uJehova ngenxa yothando, ngicabanga ukuthi uyamamatheka futhi uyaziqhenya ngami. Lokhu kwenza uthando lwami ngaye lukhule ngisho nakakhulu futhi kungenza ngifune ukwenza okwengeziwe. Manje nginenjabulo enkulu ekukhonzeni kwami uJehova.”—R. M.
“Lezi izihloko ezinhle kunazo zonke, ezakha kakhulu, yebo, ezivelele ngempela ezithinta izinhliziyo zethu kwengake ngazifunda! Sekuyiminyaka engu-55 ngifunda INqabayokulinda, futhi kuye kwaba nomagazini abaningi abavelele. Kodwa lomagazini udlula noma yini esake saba nayo enciphisa imizwa yethu yokungabaza, uvalo, nokwesaba ukuthi ‘asilutho’ futhi ‘asithandwa’ futhi asisoze senza okwanele ukuze ‘sizuze’ uthando lukaJehova. Le-Nqabayokulinda iqukethe uhlobo losizo olungokomoya abafowethu abaludinga kakhulu. Ngizimisele ukusebenzisa lezi zihloko ngokuphindaphindiwe lapho ngalusa.”—F. K.
“Kulabo phakathi kwethu abalwisana nokungazethembi, noma ngisho nemizwa yokungazithandi, kungaba nzima kakhulu ukubuyisa amandla ethu okuqhubeka siseqinisweni. Lesi sihloko sabonisa ukujula okukhulu kobubele nokuqonda, sasifana nomuthi opholisayo, owelaphayo, ogcotshwa khona kanye enhliziyweni. Yeka indlela okududuza ngayo ukufunda ngamazwi anjalo kuyi-Nqabayokulinda nokwazi ngaphandle kokungabaza ukuthi uJehova uyaqonda ngempela! Ngiyabonga ngokusikhumbuza ukuthi uJehova akazami ukushukumisa abantu bakhe ngokubenza bazizwe benecala, amahloni, noma ukwesaba. Nakuba muva nje ingxenye yami emsebenzini wokushumayela iye yalinganiselwa kakhulu ngenxa yezinkinga ezingokwezimali nezingokwempilo emkhayeni wami ngisathola ukwaneliseka kulokho engikwaziyo ukukwenza. Ngithola ukuthi ngijabula kakhulu lapho ngizama ukwenza uthando lube amandla angishukumisayo.”—D. M.
“Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi ‘Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!’ Zonke izigaba zingenze ngahlengezela izinyembezi. Ngizalwa emkhayeni owawungalubonisi uthando. Ngangibukelwa phansi, ngigconwa, futhi ngihlekwa. Ngakho, kusukela ngisemncane ngazizwa ngingelutho. Ngisenemizwa egxilile yesikhathi esidlule engicindezelayo lapho ngibhekana nenhlekelele. Lapho ngiyeka ukukhonza njengomdala webandla, ngazizwa ngiyisehluleki njengokujwayelekile—kuNkulunkulu, umkhaya wami, nakubafowethu ebandleni. Lemizwa ayipheli ngokushesha, kodwa lesi sihloko esifike ngesikhathi siye sangisiza ukuba ngisimame ngezinga elithile. Siye sangenza ngabona ngamanye amehlo.”—D. L.
“Ngiyanibonga ngesihloko esithi ‘Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!’ Nginemizwa enamandla yokuzizonda nemizwa ejulile yokungabi yilutho, eyabangelwa ukuxhashazwa kwasebuntwaneni. Kufaneleke ngempela ukubheka lokhu kucabanga okuphambene njengesenzo sobuqili sikaSathane uqobo. Kungaqeda ngisho nesifiso somuntu sokuphila. Ngempela kumelwe ngizikhandle nsuku zonke ukuze ngimelane namanga okuthi angithandeki. Kimi, lesi sihloko sisho okungaphezu kwalokho eningase nikucabange.”—C. F.
“Namuhla abafowethu basabela ngokukhethekile emcabangweni wokuthi uJehova wazisa izenzo ezishukunyiswa uthando kunokuba zishukunyiswe ukuphoqelelwa noma ukucindezelwa. Ukucabangela ubuntu bukaJehova obunomusa nothando, ukuba kwakhe nesithakazelo kubantu bakhe ngabanye, nendlela enothando azenza atholakale ngayo kuyaqabula futhi kuyashukumisa. Ngenxa yalokhu, ngokushesha nje lapho sithole isihloko esithi ‘Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!’ abaningi bazwakalisa ukwazisa. Kubonakala sengathi sivula indlela yokuba abaningi bakhe ubuhlobo bomuntu siqu ngokwengeziwe noJehova. Mina nomkami sifisa ukuzwakalisa ukwazisa ngendlela yokubhala nozwela oluboniswa komagazini INqabayokulinda bamuva. Sizama ukusebenzisa amaningi alamaphuzu njengoba sihambela amabandla.”—Ivela kumbonisi ojikelezayo.
“Cishe sekuyiminyaka engu-30 ngiwumfundi othembekile, kodwa angikaze ngifunde noma yini eshukumisa kangaka, esimamisa kangaka. Imibhalo enamandla, esetshenziswe ngobuhlakani iye yangisiza ukuba ngikhiphe amanga afihleke emizweni yami siqu, ngakwazi ukusondela kakhudlwana kuJehova. Iminyaka eminingi bengilokhu ngikhonza uJehova ngenxa yomuzwa wecala. Ngangisiqonda ngengqondo kuphela isihlengo nothando lukaNkulunkulu. Ngiyanibonga ngezihloko ezibonisa ukuqonda nokucabangela kangaka. Ngiyethemba ukuthi ngizofunda ezengeziwe ezinjengazo.”—M. S.
“Kuyo yonke iminyaka engu-29 ngiseqinisweni, angikhumbuli ngibangelwa isihloko ukuba ngisabele ngokubonga nangokuba nomzwelo ojulile ngalendlela. Nakuba ngakhuliswa ngothando olukhulu nawumkhaya okhathalelayo, angikaze ngizizwe ngifanelwe ukuphila, ingasaphathwa eyokufanelekela ukukhonza uJehova. Ngemva kwalesi sihloko, ngaguqa ngamadolo, futhi nginesilokozane ngabonga uJehova. Lesi sihloko ngiyosazisa kuze kube phakade. Ngizozibheka ngendlela ehlukile ngoba manje sengiyaqonda ukuthi ngiyigugu kuJehova.”—D. B.