“UJehova Wayiphendula Imithandazo Yami!”
EMHLABENI wonke, oFakazi BakaJehova baqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezicishe zibe izigidi ezinhlanu nabantu abanesithakazelo sokuthola ulwazi olunembile ngoNkulunkulu nenjongo yakhe emangalisayo ngesintu. Ngisho nezingane koFakazi BakaJehova zinengxenye kulomsebenzi. Ngokwesibonelo, cabanga ngomfana okuthiwa uJoel. Wabonisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova futhi wabhapathizwa eneminyaka engu-9 ubudala. Ngemva konyaka waba nalokhu okuhlangenwe nakho:
“Kwathi ngisenkonzweni, ngahlangana nowesifazane okuthiwa uCandy. Ngamhambisela incwajana ethi ‘Bheka, Ngenza Konke Kube Kusha.’ Wayesenayo vele, ngakho ngamhambisela incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Nayo wayesenayo. Ngabe sengicabanga, ‘Ngizosikisela isifundo seBhayibheli kuye.’ Wasamukela!
“Udadewabo kaCandy, owayebulawa umdlavuza, weza wazohlala naye. Ngaphezu kwalokho, uCandy wayefundela ukuba umhlengikazi. Ngakho okwesikhathi esithile, isifundo seBhayibheli sama. Kodwa mina nabazali bami saqhubeka sixhumana naye ngokushiyela yena noma umyeni wakhe, uDick, omagazini. UDick wasitshela ukuthi umkakhe wayebabeka eceleni kombhede wakhe labomagazini futhi abafunde ebusuku.
“Ekugcineni, udadewabo kaCandy washona. Mina nobaba nomama saxoxa noCandy ngesimo sabafileyo. Wanquma ukusivuselela isifundo sakhe seBhayibheli. Ngolunye usuku, sabuza uDick ukuthi angathanda yini ukufunda noCandy kwenziwe isifundo somkhaya. Wakubona kuwumqondo omuhle. Ngakho manje, mina nobaba sibafundela bobabili uDick noCandy. Bathuthuka kahle futhi bakhuluma ngokwazisa ngesifundo seBhayibheli.
“Ngangikade ngithandazela ukuba nesifundo seBhayibheli, futhi uJehova wayiphendula imithandazo yami!”