Induduzo Phakathi Neminyaka Emine Yempi
PHAKATHI neminyaka emine yempi endaweni eyayiyiYugoslavia, abantu abaningi babhekana nezinkinga nokuswela okukhulu. Phakathi kwabo kwakunamakhulu oFakazi BakaJehova, abaqhubeka ngokwethembeka bekhulekela ‘uNkulunkulu wenduduzo yonke.’—2 Korinte 1:3.
ESarajevo, abantu babhekana nenkinga eyengeziwe yokuhlala edolobheni elikhulu elalivinjezelwe phakathi nayo yonke impi. Kwasweleka ugesi, amanzi, izinkuni, nokudla. IBandla LaseSarajevo loFakazi BakaJehova laqhubeka kanjani ngaphansi kwalezi zimo ezinzima? AmaKristu asemazweni angomakhelwane abeka ukuphila kwawo engozini ngokuletha inqwaba yezinto zosizo. (Bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1994, amakhasi 23-7.) Futhi abafowethu baseSarajevo bababelana ngabanakho, bebheka ukwabelana ngezinto ezingokomoya njengokubaluleke kakhulu. Phakathi nokuvinjezelwa umbonisi ongumKristu wakulelo dolobha wanikeza lombiko olandelayo:
“Siyazisa kakhulu imihlangano yethu. Mina nomkami, kanye nabanye abangu-30, sihamba amakhilomitha angu-15 siya noma sibuya emihlanganweni. Ngezinye izikhathi kwakumenyezelwa ukuthi amanzi azotholakala ngezikhathi okwakuzobe kuqhubeka ngazo imihlangano. Babezokwenzenjani abafowethu? Ingabe babezohlala emakhaya noma babezoya emihlanganweni? Abafowethu babekhetha ukuya emihlanganweni. Ngaso sonke isikhathi abafowethu bayasizana; noma yini abanayo, babelana ngayo. Omunye udade osebandleni lethu uhlala ngasemaphethelweni edolobha, eduze kwehlathi; ngakho kulula kuye ukutheza izinkuni. Futhi usebenza ebhikawozi, umholo wakhe ufulawa. Lapho kungenzeka, ubhaka isinkwa esikhulu abese eza naso emhlanganweni. Ngemva komhlangano, sekuphunywa, unikeza wonke umuntu ucezu.
“Kubalulekile ukuba kungabi bikho noyedwa umfowethu noma udadewethu ozizwa eshiyiwe. Akekho owaziyo ukuthi ubani kithi oyodinga usizo ngokulandelayo esimweni esingemnandi. Ngenkathi imigwaqo yethu imbozwe yiqhwa futhi omunye udade egula, abazalwane abasebasha abanamandla babemdonsa ngesihlibhi bamyise emihlanganweni.
“Sonke siyahlanganyela emsebenzini wokushumayela, futhi uJehova uye wayibusisa imizamo yethu. Uye wasibona isimo sethu esinzima eBosnia, kodwa uye wasibusisa ngokwanda—ukwanda esasingazange sikubone ngaphambi kwempi.”
Ngokufanayo, kwezinye izingxenye zendawo eyayiyiYugoslavia ezicekelwe phansi yimpi, oFakazi BakaJehova baye bajabulela ukwanda naphezu kwezinkinga ezinzima. Ihhovisi laseCroatia loFakazi BakaJehova lanikeza lombiko ngeqembu elithile loFakazi: “Abafowethu abahlala eVelika Kladuša babhekana nesikhathi esinzima kakhulu. Idolobhana abakulo lahlaselwa kaningana. Kwadingeka abafowethu bachaze ukungathathi-hlangothi kwabo emabuthweni aseCroatia, aseSerbia, nawamaSulumane ahlukahlukene. Ngempela kuye kwadingeka bakhuthazelele okuningi—ukuboshwa, ukushaywa, ukulamba, nengozi yokufa. Noma kunjalo, bonke bahlala bekholekile futhi banelungelo elivelele lokubona isibusiso sikaJehova emisebenzini yabo.”
Naphezu kwalezi zinkinga, oFakazi BakaJehova eVelika Kladuša naseBihać engumakhelwane bayaqhubeka bejabulela ukwanda njengoba behlanganyela ngentshiseko isigijimi sikaNkulunkulu senduduzo nomakhelwane babo. Kulezi zindawo ezimbili kunengqikithi yabamemezeli boMbuso abangu-26 abaqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya ezingu-39!