Ukwethembeka—Kuyazenzekela Noma Uyazikhethela?
“NAKUBA ngingathembekile ngokwemvelo, ngezinye izikhathi ngiyathembeka ngokuzenzakalelayo.” Usho kanjalo u-Autolycus ongathembekile encwadini ethi The Winter’s Tale kaWilliam Shakespeare. Lokhu kuchaza ubuthakathaka bomuntu obuyisisekelo—ukuthambekela kwethu ekwenzeni okubi, okuyimiphumela ‘yenhliziyo ekhohlisayo.’ (Jeremiya 17:9; IHubo 51:5; Roma 5:12) Kodwa ingabe kusho ukuthi asinakuzikhethela kulendaba? Ingabe ukuziphatha okuhle kumane kuzenzekele? Cha, akunjalo!
Ngaphambi kokuba abantwana bakwa-Israyeli bangene eZweni Lesithembiso, uMose wakhuluma nabo bekanise emathafeni akwaMowabi. Wabeka phambi kwabo ukukhetha okubili okucacile. Babengalalela imithetho kaNkulunkulu bathole isibusiso sakhe noma bayenqabe bavune izithelo ezibuhlungu zesono. (Duteronomi 30:15-20) Ukukhetha kwakukubona.
Njengabantu abanenkululeko yokuzinqumela, nathi singazikhethela. Akukho muntu—kuhlanganise noNkulunkulu—osiphoqelela ukwenza okuhle noma ukwenza okubi. Nokho abanye bangabuza kufanele, ‘Uma izinhliziyo zethu zithambekele ebubini, singakwenza kanjani okuhle?’ Nokho, udokotela wamazinyo uhlola amazinyo ngokunakekela ukuze abone ukudleka nokubola ngaphambi kokuba kuqhubeke kakhulu. Ngokufanayo, sidinga ukuhlolisisa inhliziyo yethu engokomfanekiso sifune ubuthakathaka nokuwohloka kokuziphatha. Ngani? Ngoba uJesu wathi: “Enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala ngokungemthetho, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza.”—Mathewu 15:18-20.
Ukuze alondoloze izinyo, udokotela wamazinyo kumelwe akhiphe konke ukubola akutholayo. Ngokufanayo kudingeka isinqumo esiwujuqu sokukhipha “imicabango emibi” nezifiso ezimbi ezisuka enhliziyweni. Ngokufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, asifinyeleli nje kuphela ekwazini izindlela zoMdali wethu, kodwa futhi sifunda ukwenza okulungile.—Isaya 48:17.
Inkosi yakwa-Israyeli uDavide yazenza yatholakalela usizo olwengeziwe eyayiludinga empini yokwenza okulungile. Yathandaza: “Dala kimi inhliziyo ehlanzekileyo, uvuse umoya [omusha, NW] phakathi kwami.” (IHubo 51:10) Yebo, ngokuthembela kuJehova uNkulunkulu ngomthandazo, nathi singakunqoba ukuthambekela kwethu kokwenza okubi sihlakulele ‘umoya omusha’ wokwenza okuhle. Ngalendlela, ngeke silindele ukuba ukuthembeka kuzenzekele. Kuyoba indaba yokuzikhethela.
[Isithombe ekhasini 21]
NjengakuDavide, ukuthandaza kuJehova kungasisiza ukuba senze okuhle