Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukunqoba Izinselele “Ezweni Lokungalindelekile”
UMPHOSTOLI UPAWULU wabuza amaKristu ekhulu lokuqala eKorinte: “Uma icilongo likhipha umsindo ongaqondakali, ubani oyolungela ukulwa? Ngendlela efanayo futhi, ngaphandle kokuba nikhulume ngolimi inkulumo eqondakala kalula, kuyokwaziwa kanjani lokho okukhulunywayo?”—1 Korinte 14:8, 9.
EPapua New Guinea, ngezinye izikhathi okuthiwa yiZwe Lokungalindelekile, oFakazi BakaJehova babhekana nezithiyo ezidangalisayo lapho bememezela isigijimi esicacile seBhayibheli. Bashumayela kubantu abakhuluma izilimi ezihlukene ezingaphezu kuka-700 nabanamasiko amaningi ahlukahlukene. Futhi, oFakazi babhekene nezwe elinezintaba, ukuntuleka kwemigwaqo kanye nobugebengu obandayo. Ngaphandle kwazo zonke lezi zinkinga, kunokuphikisa okuvela emaqenjini athile enkolo, futhi ngezinye izikhathi, ngisho nasezikhulwini zesikole.
Noma kunjalo, ukufundiswa okuhle okungokomoya nomtapo owandayo wezinsiza-kufundisa zeBhayibheli ngezilimi zendawo kuhlomisa oFakazi ukuba badlulisele izindaba ezinhle njengomsindo wecilongo oqondakalayo. Ngokuvamile kuba nokusabela okuhle, njengoba imibiko elandelayo ibonisa:
• Ekuqaleni konyaka omusha wesikole, uthisha othile wayefuna ukwazi ukuthi kungani izingane zoFakazi BakaJehova zingalishayeli indesheni ifulege futhi zingayihlabeleli ingoma yesizwe. Wabuza uMaiola, umfundi oneminyaka engu-13 onguFakazi obhapathiziwe. UMaiola wanikeza incazelo ecacile esekelwe emBhalweni. Lothisha wayamukela incazelo yakhe njengoba yayivela eBhayibhelini. Incazelo yakhe yabuye yahlanganyelwa nabo bonke abanye othisha bakuleso sikole.
Kamuva, lapho abafundi benikwa umsebenzi wokubhala izindaba, uMaiola wakhetha indaba kaZiqu-zintathu. Lendaba yakhe yathola amamaki aphezulu kunawo wonke ekilasini, futhi uthisha wambuza ukuthi wayekutholephi lokho kwaziswa. Wambonisa incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngolimi lwesiNgisi. Lothisha wayibonisa lonke ikilasi, futhi abaningi bazifunela amakhophi abo siqu. Ngosuku olulandelayo, uMaiola wahambisa izincwadi ezingu-14 nomagazini abangu-7 kwafunda nabo, futhi waqala izifundo zeBhayibheli nabathathu babo. Umgomo kaMaiola uwukuba isikhonzi sesikhathi esigcwele.
• Iqembu elingalodwa loFakazi BakaJehova edolobhaneni elisogwini ngasePort Moresby liye labhekana nokuphikiswa kusukela ekuqaleni kwawo-1970. Nokho, muva nje lithole usizo emthonjeni ongalindelekile. Umbhishobhi we-United Church lapho, ongowokuzalwa ePapua New Guinea futhi owafunda phesheya kwezilwandle, ngolunye usuku wanika izilaleli esontweni ithuba lokubuza imibuzo. Indoda ethile yabuza: “Kunezinkolo ezimbili edolobhaneni lethu—i-United Church noFakazi BakaJehova. Yini okufanele siyenze lapho oFakazi befika emakhaya ethu?” Ngemva kokuthula isikhathi eside, umbhishobhi waphendula: “Uyazi, angazi ngempela ukuthi kumelwe ngithini. Muva nje, kwafika oFakazi ababili abasebasha kwami. Bangibuza umbuzo, futhi ngaphezu kwakho konke ukuqeqeshwa kwami kwaseyunivesithi, angikwazanga ukubaphendula. Kodwa bona banginika impendulo evela eBhayibhelini kalula. Ngakho anginakunitshela ukuthi nenzeni—ngizoshiyela kini. Akudingekile ukuba nilalele uma ningafuni, kodwa ningabi nobudlova kubo.”
Ummeleli ojikelezayo we-Watch Tower Society owavakashela leli qembu loFakazi kamuva wabika: “Cishe wonke umuntu kuleli dolobhana wayebalalela oFakazi lapho behamba beshumayela. Abanye babeze babamemele emakhaya abo. Manje sekumnandi ukushumayela kulo.”