Abamemezeli BoMbuso Bayabika
UNkulunkulu Uyakhulisa E-Alaska
NGAPHANSI kwesithwathwa neqhwa, kunembewu encane elinde ithuba lokukhula ivuthwe. Phakathi nezinyanga ezintathu zehlobo elifushane e-Alaska, imbewu yeklabishi, engamamilimitha amathathu ububanzi ingakhula ibe nesisindo esingamakhilogremu angu-40! Yebo, leli lizwe abaningi ababecabanga ukuthi alikhiqizi, liyabanda, lingakhiqiza intilibathwa yezithelo.
Lokhu kuyiqiniso nakakhulu ensimini engokomoya e-Alaska. Lapho, ezweni elinobusika obuthatha isikhathi eside, oFakazi BakaJehova bayaqhubeka betshala imbewu yoMbuso. Njengakwezinye izingxenye zomhlaba, uNkulunkulu ukhulisa imbewu ezinhliziyweni ezivundile.—1 Korinte 3:6, 7.
● Ngenkathi esebhasini lesikole, uFakazi osemusha ogama lakhe linguVanessa waphawula ukuthi intombazane ababefunda nayo, u-Ann, njalo yayizihlalela yodwa. U-Ann wayebukeka edabukile, ngakho uVanessa wamcela ukuba azohlala eduze kwakhe. U-Ann wayedabuke kufanele! Unina wayebulawe isifo senhliziyo, futhi ngokushesha kamuva, uyise wabulawa umdlavuza. Yingakho u-Ann ayehlala nezihlobo e-Alaska.
Ngenkathi uVanessa esenkonzweni yasensimini ngomunye uMgqibelo wadlula kubo kamngane wakhe omusha wamshiyela incwajana ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? NgoMsombuluko olandelayo esikoleni, u-Ann wamfuna lo Fakazi osemusha. U-Ann wayenemibuzo eminingi yeBhayibheli, uVanessa amphendulela yona. “Nisontelaphi?” ebuza. Ngaleyo ntambama u-Ann waya okokuqala emhlanganweni eHholo LoMbuso.
Akuzange kuyithathe isikhathi eside le ntandane eneminyaka engu-17 ukuthola ‘obaba nomama,’ njengoba uJesu athembisa. (Mathewu 19:29) Yeka ukuthi kwakuyisenzakalo esijabulisa kanjani ukubona u-Ann ojabule nomamathekayo ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngobhapathizo lwamanzi eMhlanganweni Wesigodi ‘Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’!
● Ezindaweni eziqhelile zesifunda esikhulu sase-Artic yase-Alaska—lapho amadolobha eqhelelene khona kakhulu—indiza ye-Watch Tower Society enezinjini ezimbili iye yasetshenziswa ukuze kutshalwe imbewu yoMbuso emiphakathini engaphezu kuka-150. Kodwa ukukhula ngokomoya okudinga ukutadisha iBhayibheli njalo kuncike ekufundeni ngeposi. Njengoba ukubhala incwadi kuyinselele ngabaningi, umfundisi weBhayibheli kufanele abe nobuciko ukuze agcine isithakazelo somfundi siphapheme. Kungafezwa kanjani lokhu?
UKathy waqhuba isifundo seBhayibheli esithuthukayo no-Edna, nakuba babeqhelelene ngamakhilomitha angu-600! Kunokuba amane ambhalele imibuzo ekuyinsiza-kufundisa, uKathy wayebhala imibuzo ephepheni eliseceleni, ashiye nesikhala sokubhala izimpendulo. Ngemva kokuba u-Edna eseligcwalise ngezimpendulo, uKathy wayemphendula afake nencazelo edingekayo ukuze acacise iphuzu. UKathy uthi: “Ngabekela eceleni uLwesithathu ntambama kwaba ‘olwesifundo’ sethu, futhi ngazama ukunamathela kulo njengoba ngangingenza nganoma isiphi esinye isikhathi sesifundo seBhayibheli. Ngangithumelela u-Edna imvilophu enesitembu, ebhalwe igama nekheli lami. Njengoba ukuposa kwakuthatha amasonto amabili, ukufunda ngeposi kwakubonakala kuhamba kancane.”
Cabanga ukuthi uKathy no-Edna bajabula kanjani lapho behlangana ubuso nobuso emhlanganweni wesigodi e-Anchorage ngemva kwezinyanga eziyishumi zokufunda ngeposi! Abanye oFakazi bajabula ukuba nabafundi beBhayibheli nabanye abathakazelayo ababevela kwamaningi amadolobha angawodwa e-Alaska.
Nakuba ngezinye izikhathi intuthuko ibonakala ihamba kancane, ezinye ‘izithombo’ zikhula ngokushesha uma zithola ukukhanya kweqiniso. Ngokwesilinganiso, bangaphezu kwekhulu abadumisi abasha bakaJehova ababhapathizwa unyaka ngamunye e-Alaska! Sithi, “Siyakubonga, Jehova,” ngokukhulisa!