Abamemezeli BoMbuso Bayabika
“Nsuku Zonke Esigcawini”
UMPHOSTOLI UPAWULU wasebenzisa wonke amathuba ukuze asakaze isigijimi soMbuso. Ukuze acinge abafanelekayo, wabonisana “namaJuda esinagogeni . . . nansuku zonke esigcawini nalabo okwakwenzeka ukuba babe khona.”—IzEnzo 17:17.
Intshiseko enjalo ibilokhu iwuphawu lwabakhulekeli bakaJehova beqiniso kusukela ekhulwini lokuqala C.E. (Mathewu 28:19, 20) Namuhla, oFakazi BakaJehova nabo basebenzisa izindlela ezihlukahlukene njengoba besiza ngentshiseko abanhliziyo ziqotho ukuba bafinyelele olwazini olunembile lweqiniso. (1 Thimothewu 2:3, 4) Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwase-Australia kuyakubonisa lokhu.
Izinsuku ezinhlanu isonto ngalinye, uSid noHarold bayashintshana ngokunakekela izincwadi zeBhayibheli ezibekwe ngendlela ekhangayo ngasesiteshini sesitimela eSydney. Sebeneminyaka engaba mihlanu manje behlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngale ndlela. USid, oneminyaka engu-95 ubudala, uyachaza: “Lapho ngiba neminyaka engu-87, ngangingasakwazi ukushayela imoto. Lokho kwangidumaza ngoba ngangiwujabulela umsebenzi wokufakaza obala. Ngolunye usuku ngiseduze kwendawo ethandwa ababuki bamazwe okuthiwa i-Echo Point eKatoomba, ngabona umdwebi ethengisa imidwebo yezindawo zemvelo. Ngayibukisisa le midwebo futhi ngacabanga, ‘Nginezithombe ezingcono kunalezi esikhwameni sami sasensimini—futhi zibiza inani elincane kakhulu kunaleli!’ Ngakho nganquma ukwenza itafula elincane engangizobeka kulo izincwadi, ngilimise endaweni ethandwayo bese ngihambisela abadlula ngendlela izincwadi zeBhayibheli ezinemifanekiso emihle ezisakazwa oFakazi BakaJehova.
“Eminyakeni emine edlule, ngathuthela leli tafula eSydney, futhi uHarold wahlanganyela nami. Siyashintshana ngokunakekela leli tafula nokusebenza namabandla endawo esikuwo.” UHarold, manje oneminyaka engu-83 ubudala, uthi: “Kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu bambalwa kakhulu abantu ababa semakhaya. Ngakho ukuhlanganyela isigijimi soMbuso ngale ndlela kusenza sibe lapho kukhona khona abantu. Ngokulindelekile, sithola imiphumela engcono. Inani lezincwadi esizihambisayo lingelivelele kuleli lizwe.”
“Nakuba siye sabeka itafula lethu ezindaweni ezine noma ezinhlanu ezihlukene eminyakeni edlule,” kusho uSid, “akuthathi sikhathi ukuba saziwe. Abanye abantu beza kithi ukuze bazitholele izincwadi. Abanye basuke benemibuzo abafuna ukuphendulelwa yona. Futhi abanye basuke befuna ukuxoxa nje imizuzu embalwa. Lesi ukuphela kwesikhathi lapho abantu okufanele ngiphindele kubo beza kimi,” esho egigitheka.
“Abantu abaningi banesithakazelo ngempela eBhayibhelini,” kwenezela uHarold. “Ngenyanga eyodwa abantu abane baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi ngenxa yezincwadi abazithola kithi nangenxa yemibuzo esakwazi ukuyiphendula sisebenzisa iBhayibheli. Okuhlangenwe nakho okunjalo kusikhuthaza kakhulu.”
NjengoSid noHarold—nanjengomphostoli uPawulu—oFakazi BakaJehova kuyo yonke indawo basebenzisa zonke izindlela abangazisebenzisa ukuze basakaze isigijimi sabo esibalulekile. Ngakho, ‘izindaba ezinhle’ ziyaqhubeka zishunyayelwa “emhlabeni wonke owakhiweyo.”—Mathewu 24:14.