Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Lowo Owayengumphikisi Ufunda Iqiniso
KUNINGI okuye kwabikwa ezindabeni ngokuphathelene nempi yombango eLiberia. Kuye kwafa amashumi ezinkulungwane, futhi abaningi ngokwengeziwe badingiswa. Naphezu kwalobu bunzima, abantu abanhliziyo ziqotho bayaqhubeka bamukela iqiniso, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
Kusukela eneminyaka eyishumi, uJames wafundiswa iSonto LaseLuthela. Ngemva kokuba umhleli wephephandaba lesonto, wasebenzisa isikhundla sakhe ukuze abhale ngokumelene noFakazi BakaJehova. Wayenza kanjalo naphezu kokuba ayengakaze ahlangane nomunye wabo.
Ngokuhamba kwesikhathi, uJames walishiya iphephandaba lesonto futhi waba umnikazi wehhotela elichumayo. Ngolunye usuku njengoba ayehlezi endaweni yokwamukela izivakashi yehhotela lakhe, kwangena odade ababili ababegqoke kahle beze kuye. Lapho ebona indlela ecocekile ababegqoke ngayo, wathi mabangene. Kodwa lapho bechaza injongo yokuhambela kwabo, wathi, “Ngimatasa kakhulu ukuba ngingaxoxa.” OFakazi basikisela ukumenzela isikhokhelo se-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, futhi wavuma ukuze nje ahlukane nabo. Labo magazini bafika izinyanga ezingu-12 kwakhe, kodwa ebafaka kuyipulasitiki ngaphandle kokuvula ngisho nephepha abasongwe ngalo.
Impi yombango yayibhidlangile, ngakho uJames wafaka imali nezinto ezibalulekile esikhwameni ukuze abaleke ngophawu lokuqala nje lokuhlasela. Ngolunye usuku ekuseni kwaqhuma ibhomu lesandla ngemva komnyango wakhe wangemuva, futhi ethukile wathatha isikhwama sakhe wabalekela ukufa nokuphila. Ekanye nezinkulungwane zezakhamuzi ezibalekayo, uJames kwakudingeka adlule izindawo eziningi zokusesha. Lapho, izakhamuzi ezingenacala zazivame ukuphangwa futhi zibulawe ngaphandle kwesizathu.
Endaweni yokuqala yokuseshwa, uJames wabuzwa imibuzo embalwa wabe esetshelwa ukuba avule isikhwama sakhe. Lapho enza kanjalo, wabheka phakathi esikhwameni futhi akazange akukholelwe ayekubona. Washaqeka lapho ebona ukuthi isikhwama ayesithathile kwakungesona esinezinto zakhe ezibalulekile. Ngokuphamazela, wayethathe isikhwama esasinabo bonke omagazini abavaliwe be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Nokho, lapho isosha libona omagazini futhi lifunda igama lakhe ezigqebhezaneni, lathi: “O, ungomunye woFakazi BakaJehova. Asifuni nina, siyazi ukuthi aniwaqambi amanga.” Ngemva kokukhipha omagazini abambalwa esikhwameni, isosha latshela uJames ukuba adlule.
Kwenzeka okufanayo ezindaweni zokusesha ezingu-9 ezihlukene, njengoba bonke abakhuzi bempi babecabanga ukuthi uJames wayengomunye woFakazi BakaJehova futhi bamvumela ukuba adlule engenamyocu. UJames manje wayesebonga ngokuthi wayengazange athathe izinto zakhe ezibalulekile ngoba ngokwalokho ayesekubonile, cishe ngokuqinisekile wayeyobe ebulawelwe impahla yakhe.
Lapho ekugcineni efika endaweni yokusesha yokugcina futhi esatshwa kunazo zonke, washaqeka lapho ebona izidumbu eziningi zidindilizile. Ethukile, wabiza igama likaJehova. Wathandaza ethi uma uNkulunkulu ayengamsiza adlule kule ndawo okubulawa kuyo abantu, wayeyomkhonza ukuphila kwakhe konke.
UJames wanikeza amasosha isikhwama sakhe, aphinda futhi athi: “Asifuni laba bantu.” Ephendukela kuye, enezela: “Omunye wabafowenu uhlala ezansi kwaleli gquma. Hamba uye kuye.” Ngaleso sikhathi umbono kaJames ngoFakazi wawusushintshe ngokuphelele. Wathintana nalowo mzalwane ngokushesha, futhi kwenziwa amalungiselelo esifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.a
Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ukuhlasela kwamphoqelela ukuba abaleke kuleyo ndawo. Kulokhu, uJames wabalekela ehlathini enkonkoshele incwadi yakhe ethi Ungaphila Phakade kuphela! Phakathi nezinyanga ezingu-11 ehlukene noFakazi, wayifunda wayiphinda kahlanu le ncwadi. Lapho ekugcineni ephumelela ukubuyela edolobheni, waqala isifundo sakhe seBhayibheli kabusha noFakazi futhi wathuthuka ngokushesha. Ngemva kwesikhashana, wabhapathizwa, futhi manje ukhonza ngokwethembeka nabafowabo abangokomoya.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.