“Indoda Ejabulayo Yomfazi Omuhle”
NGEZIKHATHI ezithile, abanye abantu bamangalela oFakazi BakaJehova ngokuthi bachitha imishado. Nokho, imishado eminingi ephumelelayo, lapho oyedwa umngane womshado engomunye woFakazi BakaJehova ibonisa lokhu kungelona iqiniso. Ukulalela iseluleko seBhayibheli ngokuphila komkhaya kwenza kube nemishado ejabulisayo, njengoba incwadi elandelayo eyanyatheliswa ephephandabeni lesiFulentshi ibonisa.
“Cishe sekuyiminyaka engu-28 manje, ngilokhu ngiyindoda ejabulayo yomfazi omuhle ongomunye woFakazi BakaJehova. Wakhulisa abantwana bami abayisihlanu, ababili babo okungebona abakhe, ebanakekela ngendlela elinganayo futhi ebathanda. Njengoba okwamanje ngingumqondisi wenkampane enezisebenzi ezingu-45, nginganiqinisekisa ukuthi uye waba nengxenye enkulu empumelelweni yami kulesi sikhundla. Yingakho lapho ngibona isihloko ephephandabeni eliphuma njalo sibonisa oFakazi BakaJehova njengabawusongo endaweni yaseLot-et-Garonne, ngiye nganquma ukuninikeza ubufakazi obungenakuphikiswa.”
Le ncwadi ibuye ithi: “Ababhemi noma badakwe. Ingabe lokhu kuwusongo? BangamaKristu abekezelayo angaphoqeleli abanye ngemithetho abayilandelayo. Kunalokho, bayisibonelo ngezindlela eziningi. . . . Abahileleki ekukhwabaniseni izimali noma ekushushumbiseni izidakamizwa. Abenzi isifungo sobumsulwa, futhi ngiyaniqinisekisa, baphila ukuphila okuvamile. . . .
“Ningase ningibuze: Pho kungani wena ungeyena omunye woFakazi BakaJehova? Kungoba kudingeka ukholo lobuKristu nezindinganiso eziqotho zokuziphatha, futhi lokhu akutholakali kalula kubantu abaningi.”