Usuku Lokukhunjulwa
KWAKUWUSUKU olwalishintsha ngokuphelele ikusasa lesintu laba nezibusiso zaphakade. Alukho olunye usuku emlandweni olwake lwalithinta kanjalo ikusasa lesintu. Kwakuwusuku uJesu afeza ngalo konke ayekuzele emhlabeni. Njengoba ayebethelwe esigxotsheni sokuhlushwa, waphefumula okokugcina wayesememeza: “Kufeziwe!” (Johane 19:30) UJesu wayezele yiphi injongo?
IBhayibheli lithi: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela umphefumulo wayo ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) UJesu wanikela ngomphefumulo noma ngokuphila kwakhe ukuze isintu sisindiswe esonweni nasekufeni esakuzuza ngefa. Yebo, “uNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Yeka ukuthi uyilungiselelo elizuzisa kangakanani umhlatshelo kaJesu!
Usuku lokufa kukaJesu luwusuku lokukhunjulwa ngenxa yesinye futhi isizathu. Ngalolo suku iNdodana kaNkulunkulu yafundisa abaphostoli bayo izifundo ezibalulekile ezaziyobasiza bahlale bethembekile. Kumelwe ukuba amazwi akhe okugcina azithinta ngokujulile izinhliziyo zalabo baphostoli. Yini abafundisa yona? Singazuza kanjani kulokho uJesu abafundisa kona? Le mibuzo kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.