Umkhosi Okuthintayo
LAPHO esemhlabeni, uJesu Kristu wamisa umkhosi odumisa uNkulunkulu. Lona kwakuwukuphela komkhosi wokukhulekela ayala abalandeli bakhe ngokuqondile ukuba bawugubhe. KwakuyiSidlo SeNkosi Sakusihlwa.
Ake uzibone ubukele izenzakalo eziholela kulo mkhosi. UJesu nabaphostoli bakhe babuthene ndawonye ekamelweni eliphezulu eJerusalema ukuze bagubhe iPhasika lamaJuda. Sebeqedile ukudla isidlo sePhasika esiyisiko, esihlanganisa inyama yemvu eyosiwe, imifino ebabayo, isinkwa esingenamvubelo, newayini elibomvu. Umphostoli ongathembekile uJuda Iskariyothe usexoshiwe futhi maduze uzokhaphela iNkosi yakhe. (Mathewu 26:17-25; Johane 13:21, 26-30) UJesu ukanye nabaphostoli bakhe abathembekile abangu-11. UMathewu ungomunye wabo.
Ngokokulandisa kukaMathewu owazibonela ngawakhe, uJesu wasimisa kanje iSidlo SeNkosi Sakusihlwa: “UJesu wathatha isinkwa [esingenamvubelo], futhi ngemva kokusho isibusiso, wasihlephula, wasinikeza abafundi, wathi: ‘Thathani, yidlani. Lokhu kusho umzimba wami.’ Wathatha nendebe [yewayini], esebongile, wabanika yona, wathi: ‘Phuzani kuyo, nonke; ngoba lokhu kusho “igazi” lami “lesivumelwano,” elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.’”—Mathewu 26:26-28.
Kungani uJesu amisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa? Lapho esimisa, kungani asebenzisa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu? Ingabe bonke abalandeli bakaKristu kufanele bazidle lezi zifanekiselo? Kwakufanele sigujwe kangaki lesi sidlo? Futhi-ke ingabe sisho okuthile kuwe?