“Funani Ukuthi Ubani Ofanelekayo”
IDAMASEKU laliwumuzi ochumile ekhulwini lokuqala leSikhathi sethu Esivamile. Njengoba lalizungezwe amasimu ezithelo, lalifana nendawo eqabulayo emaheleni abantu ayefika evela emazweni asempumalanga. Ngokushesha ngemva kokufa kukaJesu Kristu, kwase kunebandla lobuKristu eDamaseku. Emalungwini alelo bandla kwakukhona namaJuda okungenzeka ayebe abalandeli bakaJesu phakathi noMkhosi WePhentekoste eJerusalema ngo-33 C.E. (IzEnzo 2:5, 41) Kungenzeka abanye abafundi abavela eJudiya bathuthela eDamaseku lapho kuqubuka ushushiso ngemva kokukhandwa ngamatshe kukaStefanu.—IzEnzo 8:1.
Cishe phakathi no-34 C.E., umKristu waseDamaseku ogama lakhe lingu-Ananiya wathola isabelo esingavamile. INkosi yamtshela: “Vuka, uye emgwaqweni okuthiwa uQondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu, waseTarsu. Ngoba, bheka! uyathandaza.”—IzEnzo 9:11.
Umgwaqo okuthiwa uQondile wawuyikhilomitha nengxenye ubude, unqamula enkabeni yeDamaseku. Kulo mfanekiso oqoshiwe wangekhulu le-19, singabona ukuthi wawunjani lowo mgwaqo ngezikhathi zasendulo. Ngenxa yendlela lo mgwaqo owawumi ngayo, kungenzeka ukuthi kwadingeka u-Ananiya ayifune isikhashana indlu kaJuda. Nokho, u-Ananiya wayithola, futhi ukuvakasha kwakhe kwaholela ekubeni kukaSawulu umphostoli uPawulu, ummemezeli oshisekayo wezindaba ezinhle.—IzEnzo 9:12-19.
UJesu wayethume abafundi bakhe futhi wayebatshele ukuba ‘bafune abafanelekela’ izindaba ezinhle. (Mathewu 10:11) Kusobala ukuthi u-Ananiya wamfuna ngokoqobo uSawulu. Njengo-Ananiya, oFakazi BakaJehova babafuna ngentokozo abafanelekayo futhi bayajabula lapho abantu bamukela izindaba ezinhle zoMbuso. Ukuthola labo abafanelekayo kwenza imizamo yokubafuna ijabulise.—1 Korinte 15:58.
[Isithombe ekhasini 32]
‘Umgwaqo okuthiwa uQondile’ namuhla
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
From the book La Tierra Santa, Volume II, 1830