Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe uDavide, indoda ethandwa yinhliziyo kaNkulunkulu, yaphatha izithunjwa ngonya, njengoba abanye besho bekusekela kweyesi-2 Samuweli 12:31 nakweyoku-1 IziKronike 20:3?
Cha. UDavide wajezisa izithunjwa zakwa-Amoni ngokuba azisebenzise ngempoqo. Izenzo zikaDavide ziye zaqondwa kabi ngenxa yokuthi la mavesi abekwe ngenye indlela kwezinye izinguqulo zeBhayibheli.
Zichaza indlela uDavide abaphatha ngayo abakwa-Amoni, lezo zinguqulo zeBhayibheli zimveza njengomuntu onobulwane nononya. Ngokwesibonelo, ngokwe-King James Version eyesi-2 Samuweli 12:31 ifundeka kanje: “Wakhipha abantu ababephakathi kwawo, wabafaka emasaheni, nasemahhaleni ensimbi, nasezimbazweni futhi wabadabulisa kuhhonela: wenza njalo kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni.” Le ndaba ihunyushwe kanjalo nakweyoku-1 IziKronike 20:3.
Nokho, njengoba kwasho isazi seBhayibheli uSamuel Rolles Driver, unya “luphambene nakho konke esikwaziyo ngobuntu kanye nesimo sengqondo sikaDavide.” Ngakho, amazwi akuyi-Anchor Bible athi: “UDavide wenza amaqembu ezisebenzi eziyizithunjwa ukuze athole umnotho wezindawo azinqobile, umkhuba owawuvamile emakhosini anqobile.” Esekela umqondo ofanayo, u-Adam Clarke uthi: “Okuqondiwe ngempela ukuthi uDavide wenza abantu baba izigqila, wabasebenzisa ekusaheni, ekwenzeni amahhala ensimbi, noma ezimayini . . . nasekugawuleni izingodo nasekwenzeni izitini. Kulo mbhalo akukhulunywa ngokunqunywa kwabantu ngesaha, ukubagenca, ukubaqoba nokubahlahlela; ukubaphatha kanje abakwa-Amoni akuhambisani nobuntu bukaDavide.”
Zinikeza lo mqondo onembe kakhudlwana, izinguqulo ezihlukahlukene zanamuhla ziyacacisa ukuthi uDavide akufanele abekwe icala lokuphatha abantu ngonya.a Phawula okushiwo i-New English Translation (ka-2003): “Wasusa abantu ababekuwo futhi wabenza ukuba basebenze kanzima ngamasaha, ngamapiki nangezimbazo zensimbi, futhi wabasebenzisa nakuhhonela. Lokhu kwakuyinkambiso yakhe kuyo yonke imizi yabakwa-Amoni.” (2 Samuweli 12:31) “Wathatha izakhamuzi wazenza zasebenza ngamasaha, ngamapiki ensimbi nangezimbazo. UDavide wenza ngaleyo ndlela kuyo yonke imizi yabakwa-Amoni.” (1 IziKronike 20:3) INguqulo Yezwe Elisha nayo ihumushe ngendlela evumelana nalokho okuqondwa izazi zanamuhla: “Abantu ababekuwo, wabakhipha ukuze ababeke ekusaheni amatshe nasemathuluzini abukhali ensimbi nasezimbazweni zensimbi, wabenza ukuba bakhonze ekwenzeni izitini.” (2 Samuweli 12:31) “Abantu ababekuwo wabakhipha wabasebenzisa ekusaheni amatshe nasemathuluzini abukhali ensimbi nasezimbazweni; uDavide wenza ngaleyo ndlela kuyo yonke imizi yabantwana bakwa-Amoni.”—1 IziKronike 20:3.
UDavide akazange abahlukumeze futhi abaceke ngonya abakwa-Amoni ayebanqobile. Akazange alandele amasiko empi anonya osuku lwakhe.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokusetshenziswa kohlamvu oluhlukile, umbhalo wesiHebheru ungathi “wabafaka esaheni” noma uthi “wabanquma (wabasaha) baba izicucu.” Ngaphezu kwalokho, igama elithi “uhonela” lingabuye futhi lisho “indlu yokushisa izitini.” Leyo ndlu yayincane kakhulu ukuba umuntu adabule kuyo.