Ingabe Uyakhumbula?
Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Kungani kwakhethwa u-December 25 njengosuku lokugujwa kokuzalwa kukaJesu?
IZwi likaNkulunkulu alisho ukuthi uJesu wazalwa ngaluphi usuku. I-Enciclopedia Hispánica ithi: “Usuku lwango-December 25 lokugujwa kukaKhisimusi alusekelwe ekubalweni okunembile kosuku lokuzalwa kukaJesu, kodwa kunalokho, lusekelwe ekwenziweni kwemikhosi yangenjikalanga yasebusika eyayigujwa eRoma ibe imikhosi yobuKristu.” AmaRoma asendulo ayegubha ukuphuma kwelanga ebusika ngokwenza amadili, imibuthano exokozelayo, nangokuphana izipho.—12/15, amakhasi 4-5.
• Ingabe izEnzo 7:59 zisho ukuthi uStefanu wathandaza kuJesu?
Cha. IBhayibheli libonisa ukuthi kufanele kuthandazwe kuJehova uNkulunkulu kuphela. Lapho ebona uJesu embonweni, ngokusobala uStefanu wazizwa ekhululekile ukuba amnxuse ngokuqondile, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.” UStefanu wayazi ukuthi uJesu unikwe igunya lokuvusa abafileyo. (Johane 5:27-29) Ngakho-ke uStefanu wacela uJesu ukuba alonde amandla akhe okuphila kuze kube isikhathi sovuko.—1/1, ikhasi 31.
• Sazi kanjani ukuthi ikusasa lomuntu alinqunywa kusengaphambili?
UNkulunkulu unike abantu inkululeko yokuzikhethela, okuphikisanayo nenkolelo yokunqunyelwa kusengaphambili. Bekungaba ukungabi naluthando nabulungisa ngoJehova ukusinqumela kusengaphambili indlela esiyophila ngayo abese futhi esibeka icala ngalokho esikwenzayo. (Duteronomi 32:4; 1 Johane 4:8)—1/15, amakhasi 4-5.
• Kungani bekungaba ukuzikhukhumeza ukuthi izimangaliso azinakwenzeka?
Bebona ukuthi banolwazi olulinganiselwe ngezimanga zesayensi esendalweni kaNkulunkulu, abanye ososayensi bayavuma ukuthi abasenakusho ngokuqiniseka ukuthi into ethile ayinakwenzeka. Abavame kakhulu ukukusho ukuthi cishe ayinakwenzeka.—2/15, amakhasi 5-6.
• Kungani uMahluleli uSamsoni athi kubazali bakhe ufuna ukuthatha indodakazi yamaFilisti njengomkakhe? (AbaHluleli 14:2)
Umthetho kaNkulunkulu wawukwenqabela ukushada nomkhulekeli wamanga. (Eksodusi 34:11-16) Noma kunjalo, lowo mFilistikazi ‘kwakunguye kanye olungile’ emehlweni kaSamsoni. USamsoni “wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti,” futhi lona wesifazane wayekahle kakhulu ekufezeni leyo njongo. UNkulunkulu wamsekela uSamsoni ngomoya waKhe. (AbaHluleli 13:25; 14:3, 4, 6)—3/15, ikhasi 26.
• UmKristu angasinika yini isisebenzi sikahulumeni imadlana noma isipho sokubonga ngezinkonzo zaso?
Ukufumbathisa isisebenzi akulungile—ukusinika into eyigugu ukuze siphule umthetho, sihlanekezele ubulungisa, noma sikuphathe ngokukhethekile. Kodwa akukhona ukufumbathisa ukunika isisebenzi sikahulumeni imadlana noma isipho lapho senza umsebenzi waso noma ukuze sikwenzele inkonzo ethile evunyelwe umthetho noma ukuze ugweme ukucwaswa.—4/1, ikhasi 29.