Usizo Lokulawula Imizwelo Yethu
INGABE ngezinye izikhathi kuba sengathi ubuswa imizwelo engakhi? Ingabe usheshe ucasuke, uthukuthele noma ukhungatheke? Ingabe izinkathazo zokuphila zikuqeda amandla? Yini engakusiza?
Kungokwemvelo ukuba abantu babe nemizwelo ehlukahlukene. Uma le mizwelo ilawulwa kahle, yenza ukuphila kujabulise. Nokho, iBhayibheli liyavuma ukuthi “ukucindezelwa kukodwa kungenza ohlakaniphileyo enze ngendlela yokusangana.” (UmShumayeli 7:7) Kuleli zwe lapho ubudlova nezingozi kuthé chithi saka, ubani ongathi akathinteki lapho ebona lezi zinto? ImiBhalo ibuye ithi: “Akukho lutho olungcono ngaphezu kokuba umuntu ajabule ngemisebenzi yakhe.” (UmShumayeli 3:22) Ngakho ukuze sikujabulele ngokwengeziwe ukuphila, kudingeka sifunde ukujabula ngokuhlakulela imizwelo eyakhayo. Singayihlakulela kanjani imizwelo eyakhayo, siqede engakhi?
Ukuthatha izinyathelo eziwusizo ngokuvamile kuyakunciphisa ukuba mandla kwemizwelo engakhi. Ngokwesibonelo, lapho sikhathazwa izinto ezingaphezu kwamandla ethu, akungcono yini ukusishintsha isimiso sethu noma indawo kunokuba sivumele ukubuswa ukukhathazeka? Ukulula izinyawo, ukulalela umculo opholile, ukuvivinya umzimba, noma ukusiza othile oswele kungase kudambise isimo futhi kusijabulise ngezinga elithile.—IzEnzo 20:35.
Nokho, indlela engcono kakhulu yokuxosha imicabango engakhi ukuthembela kuMdali. Lapho imicabango engakhi iphikelela, kudingeka ‘siphonse zonke izinkathazo zethu phezu kukaNkulunkulu’ ngomthandazo. (1 Petru 5:6, 7) IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni . . . Ziningi izinhlekelele zolungileyo, kodwa uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:18, 19) Yini engasiqinisekisa ukuthi uNkulunkulu angaba ‘usizo noMenzi wendlela yokuphunyuka’? (IHubo 40:17) Ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngezibonelo ezingokoqobo ezibonisa ukuthi uNkulunkulu uyayikhathalela inhlalakahle yezinceku zakhe kungaba isiqinisekiso.